mthombe,
mthumesane,
mfayagotshwa igotshwa ngesithokazi,
nina bakavengani makhawosi amhlophe ageza ngentusi abafokazi begeza ngamanzi,
nomphetho ntonkulu,
amamfinyo amahle !
Ncayiyana Family Tree / Clan Names:
UNcayiyana uzala UGezantusi ,UGezangentusi uzala uNomphetho, uNomphetho uzala UKhawose,UKhawose uzala uVimbikhanana, uVimbikhanana uzala UMfayigotshwa,uzala USoshangane,uSoshangane uzala uCijimpi, uCijimpi uzala umkhonto,uMkhonto uzala U Mpisi,uMpisi uzala UNkandankulu,UNkandankulu uzala UMThombe , UMThombe uzala uMadanger.
UMadanger wabe enamakhosikazi ayishumi nanye futhi wonke amakhosikazi azala ngoba emunye wazala ishumi labantwana .uyena owadisa amaNcayiyana uMandanger uzala uMfinya ,uMfinya uzala Uvengane uzala uNogqakuse Lo wabe enamakhosikazi ayisikhombisa anda njalo amaNcayiyana .Abafowabo uMphenya no Java.
UMphenya uzala uMseshi no Malala Kanye no Josikeyi.Umphenya Lo uyena owachitha impi Ye Silo UShaka laphaya egwabha ngase Harding wabe enobuthi omumbi elumba imkhonto ihambe iyolwa yodwa impi .ISilo UShaka wahluleka wabayeka wathi Salani nalelo bhongwana lenu wadlulela emampondweni isekhona namanje indawo indawo ebhongwaneni eyagqanjwa ngalensizwa .ISilo UShaka waphinde waqamba indawo ihluku ngoba bemphethe Kabi amaNcayiyana
Amother blog visitor added this:
Ncayiyane, mthombe, mfinya, mthumesane, mfakayigotshwa igotshwa ngesithokazi
Nina baka vengane makhawosi amhlophe ageza ngentusi abafokazana begeza ngamanzi, nomphetho, ntonkulu, mamfinya amahle, nkandankulu mpisi, cijimpi, mkhonto, vimbikhanana, mpande yamandoda ayiphikiswa iphikiswa oyisembileyo
Nina enagcaba ngomkhoto esicwecweni kwasinda inkosi yamancayiyane matshikila enkundleni kuvelithole !
Educational videos
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel
UNcayiyana uzala UGezantusi ,UGezangentusi uzala uNomphetho, uNomphetho uzala UKhawose,UKhawose uzala uVimbikhanana, uVimbikhanana uzala UMfayigotshwa,uzala USoshangane,uSoshangane uzala uCijimpi, uCijimpi uzala umkhonto,uMkhonto uzala U Mpisi,uMpisi uzala UNkandankulu,UNkandankulu uzala UMThombe , UMThombe uzala uMadanger.
UMadanger wabe enamakhosikazi ayishumi nanye futhi wonke amakhosikazi azala ngoba emunye wazala ishumi labantwana .uyena owadisa amaNcayiyana uMandanger uzala uMfinya ,uMfinya uzala Uvengane uzala uNogqakuse Lo wabe enamakhosikazi ayisikhombisa anda njalo amaNcayiyana .Abafowabo uMphenya no Java.
UMphenya uzala uMseshi no Malala Kanye no Josikeyi.Umphenya Lo uyena owachitha impi Ye Silo UShaka laphaya egwabha ngase Harding wabe enobuthi omumbi elumba imkhonto ihambe iyolwa yodwa impi .ISilo UShaka wahluleka wabayeka wathi Salani nalelo bhongwana lenu wadlulela emampondweni isekhona namanje indawo indawo ebhongwaneni eyagqanjwa ngalensizwa .ISilo UShaka waphinde waqamba indawo ihluku ngoba bemphethe Kabi amaNcayiyana
Surname:Marwarwa,Makwedinana, Sohlophe, Nontsimi
UVukaphi yena kutheni ungambali?.