Izithakazelo zakwa-Ngema
Mngadi,
Madlokovu,
Ntusi yenkomo,
Nene,
Wena nasentendeni yesandla uyanela,
Muji,
Sthenjwa,
Madlokov’esengweni,
Sabel’uyabizw eNkonjeni ubizwa abamhlophe ukuzokhuluma ngomhlabathi wakini kaMalandela,
Sthuli sasengweni!
Ngema clan, Ngema izithakazelo, Ngema clan names – tags
IsabelosakwaNene
Babukhona buzinze eMthunzini, eMpangeni buze buyoshaya eMelmoth. Inkosi yokugcina jeans uSigcwelegcwele owayeyinduna yebutho lezinsizwa iNgobamakhosi.njengamanje ubukhosi buphethwe abakwaMzimela ababeyizinduna zakhe phambilini.Sabelo Sithenjwasenkosi Nene, Ondini
Bheki Ngema
Bafo, awungicacisele ukuthi u-Makhedama uwubani?
IsabelosakwaNene
Babukhona buzinze eMthunzini, eMpangeni buze buyoshaya eMelmoth. Inkosi yokugcina jeans uSigcwelegcwele owayeyinduna yebutho lezinsizwa iNgobamakhosi.njengamanje ubukhosi buphethwe abakwaMzimela ababeyizinduna zakhe phambilini.Sabelo Sithenjwasenkosi Nene, Ondini
Unknown
Ngicela onolwazi ngobukhosi bakwa Ngema/Mngadi. Ngabe bake baba khona? Babukuphi lobukhosi??
Unknown
Ntusi yenkomo
Unknown
Muji kaMafu;Mashiya; Ntusi yenkomo; wena wezingwe nezingonyama; sithuli sasengweni; Madlokovu sabela uyabizwa eNkonjeni; wena kawungakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela; Mngadi. Ibinda!!!!!!!