uSiga singabako Mloyi:
1 Siga Sikabhulana
2 Mahlasi ka Wubana
3 Ngwagu ka Tsureni
4 NdawuNduna
5 Dubazi. wena owaduba inkosi uSotshangane ngokumgiqela ngamatshe.
6 Nhloni azikho zenyuka lomfula ngokugeza lomkwekazi ezibukweni.
7 Abanye bevika ngemkhontho kwabezizweni thina sivika ngezithupha
8. Sihwaba
9. Lehasi lika Mbiliwane
10.Noyi
Kwagela isalukazi ezibukweni. Kwexamala.
Kwedlula inzijula umkhokawubuli kojama sihwaba yinkosi
Dubazi donga lwamavuso. Sidwaba esilothuli.
Hloni kanzikho liphilile
Ncenjana clan names & Origin
Ncenjana, Sukude, Mkhondwana, Ndala, Mbiza, Mncotshe, Gxarh’ eliphezulu, Mfaz’obele lide onyisela phesheya komfula!
Dlamini kaNdlovu Mntungwa clan names & Origin
Mina ng’ing’u Dlamini ka Ndlovu Mtung’wa, Ndlovu zidl’ekhaya ng’oku swel’abelusi. Indlovu ezadilika eMnambithi zithwele amahlahla zibheke phansi. Gasa ka Nomathotholo, Gengezi, Rhogo uyababa nje ng’e tshong’we. Ng’ili Ntung’wa lase Mahlutshini !!
Izithakazelo zakwa Nyaka clan names & Origin
Abakwa Nyaka (Nhaca ngesiPutukesi):
Ekumele sikuqaphele wukuthi izizwana kuyenzeka ukuthi ziye kwelinye izwe, uthole sezinezibongo ezihlukile ngokubhalwa kwazo kunakuba bezizobhalwa ngolwimi lwesiZulu. Loku kwenzeka kakhulu eMozambhikhi lapho kukhona o- Nuambose (Nyambose), Sitole (Sithole). Bese izindawo nazo zihluke ukubhalwa kwazo ngengo- Manjacaze (Mandlakazi), Gaza (Gasa), Catembe (KaTembe).
Kunjena nakwisibongo sakwaNyaka lapho esibhalwa “Nhaca” eMozambhikhi. Ozaziyo izithakazelo zikaNyaka, sicela azisho uma benazo. Kodwa siyabona ngoba noma sithi “nyakatho” siyakhomba ukuthi bangalaphi nezwe lakwaZulu. Nginezinsolo ukuthi bawoMphemba ngoba kwizithakazelo zoMphemba kuthiwa “Nyaka wumbe” kumbe bangamaDlamini ngokubheka izindawo ezinalesi sibongo. Yisona sodwa isibongo esaziwa kwaZulu esihlala esiqhingini.