•Ntshangase
•Kwetshe
•Ndala
•Nomathebe
•Noma khalendlovu
•Indlovu edla amakhandlela
•Imbhokodo ezibovu ezigaya amalovana
•Umsuthu onemikhala
•Abesuthu !!
Izithakazela zkwa Shandu /EmaMbatheni
Mbatha, Shandu ka Ndaba Gumbi Lama Gwala Sontshikazi, Mthiya othiya ngenkomo abafokazana bethi ngamahhala Ndabezitha! UShandu ubengenganani, ngoba entendeni yesandla uyenela Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa Mazalankosi! Mavungama! Mathabathanyawo!
Makhabaluthuli! Makhub’anothuli! Nina benyathi emnyama kansele uShandu owalima insımu eyılimela izinyoni Zase zimbonga zathi tjiyo…tjiyo..tjiyo! uBhabha ku Gwaza uNkentenkenete olwakhela izintaba zeNhlazatshe Kwaze kwaphuma abafazi bengabhinci bathi, ingabe lolunkentenkenete lunkenteza Iwenzeni uShandu ongayimbathi ingubo oyimbatha ngokusibekela kwelanga Wavala ngehhemu emizini yamadoda uShandu omuhle ngamazinyo akhe uZihlabathi zoLwandle Ebe emkhulu engangezulu
wena kaMagizagiza Mulamlankunzi zidedela zibulalane Shandu uyiNkosi eyabonwa nawu Shaka ka Senzangakhona Yena abathi usi Shaka ka shayeki Wathi Shandu ka Ndaba uyiNkosi Futhi uyohlala uyiNkosi Mbeje, Mndaba, Mlotsha Magwaz’aphindelele njengezulu Mavungama!
Wena owavungamela uMvelase evela eNyandeni Dladla, Mpembe, Mhlophe, Gadlela, Dwala Mgabadeli gokugabadela inkundla kwaBulawayo Mgabadeli ngokugabadela izinkomo zamadoda Wena owaMbatha isikhumba seNyathi uZulu esahamba ze
Wena owaba ngu Ndabezitha kuqala Baze bazama ukuthatha iziBongo zakho ngamaqhinga Wasala uzisebenzisa njengoba uzisebenzisa namanje Manyosi wena owadla intondolo yembuzi yonke wayiqeda ilanga liphuma waze wehlisa ngomhluzi wayo NDABEZITHA!!