Radebe/Hadebe Clan Names:
Bhungane,
Bhungane kaNsele,
Zikode, Gob’izembe,
Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
Umkhulu Bhungane,
NoNkulunkulu mkhulu, kodwa akangangoBhungane,
Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
Mafuz’afulele njengelifu lemvula,
S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,
Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
Ingab’emhlabeni zesabani?
Nina enindlebe zikhanya ilanga,
Nina enindlebe zinhle zombili,
Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,
Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
Mahlubi amahle,
Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
Ngelengele! 🙌🏾🙌🏾
🔍 SEARCH 🔍+ ADD CLAN NAMES▶ UTube Channel
Mahlubi mangelengele bomashwaba abashwabadela inkomo nempondo zayo mafuza afulele njengelifu lemvula Radebe mthimkhulu ndicela imvelaphi kaMvimbi kwisizwe saMahlubi
Manje lezithakazelo zawonke umuntu waka Radebe jikelele?
Radebe /Hadebe isibongo esisodwa
Izithakazelo zinye. Mthimkhulu wama Hlubi. Kunezizwe e iningi ngaphansi kwama Hlubi.
Radebe wengamele zonke izizwe zama Hlubi.
Also Wanna Know
Yebo kunjalo u Hadebe no Radebe yisibongo esisodwa.I Radebe wabaleka e Kzn eya e Eastern Cape.Ngicela ungithinte ku WhatsApp 0837587410 ,ngizokuthumelela ama documents akhuluma ngemvelaphi yamaHlubi.
Ngicela ushiye i-link khona la ngoba thina amanye asisebenzi i-whatsapp. Noma ungithinte nge-email. Ngyabonga mphathi.
Buthi are the documents still available 🙏
Ngicela ukwazi uSindane yena ungena njani
Bhungane! ????