πŸ’›

izithakazelo

Tag: amanzi Page 13 of 14

Abakwa VILAKAZI 😍 Abantu bakwa VILAKAZI 😍 Umlando wabantu bakwaVilakazi

Abakwa VILAKAZI 😍 Abantu bakwa VILAKAZI 😍 Umlando wabantu bakwaVilakazi

Abantu bakwaVilakazi badabuka kubantu bakwa Jili behlala ngaso lwandle beziphilisa ngokudayisa usawoti bethengisela zonke izizwe abebakgelene nazo. Lowo sawoti babewuphephetha ukuze kusuke ukungcola. Basithola kanjalo lesithakazelo esithi Mphephethe. Izinyawo zabo zazihlala zimhlophe ngoba babewugxoba ngezinyawo losawoti ukuze ucoliseke. Bathola izithopho ezethi Zinyawo ezimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle.

Lesibongo sakwaVILAKAZI basothola ngemibono emibili kwelakwaZulu nelakaNgwane.

Umbono wokuqala kwaZulu: komunye umuzi emndenini wakwaJili kwabe kuno mfazi owayephisa utshwala obuxakile ngenye indlela bububi kuyisitshodo. Ababephuza lobo tshwala babebabaza bebabazile ngenxa yobubi babo. Abantu bavumela ukuthi okudala lotshwala bube bubi ikithi lowo nkosikazi ubuvilakazi uyivila voco. Kwase kuqanjwa lowo muzi ngokuthi ikwaVILAKAZI ngoba kuphiswa utshwala obubi obubangelwa ukuvilapha kwalenkosikazi. Ngakho uzalo lonke lwakulowo muzi lwabizwa ngoVilakazi isibongo.

Ngesikhathi elakwaZulu libuswa uShaka isizwe sakwaVILAKAZI sabe sibuswa uVelaphansi owayebuye ebe usomahlaya kaShaka. Okwathi langa limbe uVelaphansi wenza ihlaya ngenkosi uShaka phambi kwesinduna zakhe. Lesosenzo samthukuthelisa okaMenzi wathumela amanutho ukuthi ayobahlasela abakwaVilakazi. Babaleka bagibela intaba eyayoseduzane nabo base baphosa atshe emabuthweni kaShaka. Kwaphinde kwamcasula lokho uShaka wathi bangamagwala, kwavela esinye isithakazelo esithi GWALA, kepha kukhona abasebenzisa leso sithakazela njengesibongo.

Umbono wesibili ngokuqambeka kwalesibongo eSwazini:

Ngesikhathi uShaka ebahlasela lesizwe sikaVelaphansi abanye babalekela eSwazini lapho yafike inkosi uSobhuza wokuqala wabamukela ngezandla ezimhophe. Wabasikela indawo eNgwedze ngasemfuleni Ingwavuma ukuthi bazilimele bezophila. Kuthiwa lababantu behluleka ukulima ngoba bona babejwayele ukuzodayisela usawoti kuphela hhayi ukulima. Kuthiwa bamangala abantu baseSwazini ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi isizwe esimnyama singakwazi ukulima kwathiwa amavilakazi lawa. Phela babengalimi baseseNatali. Kuthiwa impilo yabo yabanzinyana ngempela lena eSwatini. Bakizwa ngo VILAKAZI bonke ke eSwazini abantu bakaVelaphansi wakwaJili.

Ngezingameko ezahlukahlukene kwavela nazi isibongo ziphuma kwaVILAKATI;

Nzimande/Ndzimandze
Gwala
Nkonyane
Mkhaliphi
Mdluli

Izithakazelo:

Vilakazi
Nzimande
Mdluli
Gwala
Mphephethe
Nyawozimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle
Myeka khamangwa
Majiya Ngwekazi Nkondlwana
Mdlovu omatubutubu
Umhlwehlwe odume njengoZulu
Mancama ngenhlunu
Lugwashu
Matshinga waseMaphephetheni
Sihlase Binda

Abanye bathakazela manjena:

Binda!

Mphephethwa
Wena kaGama
Mantshinga waseMaphephetheni
Owagwaz’ aze ame ngeklwa
UNgwevu noNgwavuma
Nina baseNgwede neNgwavuma
Sihlase!
Owadl’ umkadadewabo
Wathi akananyongo
Wathi akanamehlo
Umhlehlo sibhanhakazane
Malinga khilu hohlo
Bamchatha ngohlanga bethi akafe
Kanti lapho engasayukufa impela baze banqoba!

TIBONGO TENDLOVUKATI TSANDZILE NDWANDWE

TIBONGO TENDLOVUKATI TSANDZILE NDWANDWE

INdlovukati Tsandzile, uLaZidze, italwa nguZidze kaNdwandwe. Yendza enkhosini Sobhuza wekucala, Somhlolo, yatala Mzamose lowendza kuLangalibalele inkhosi yemaHlubi kanye ngeNgwenyama Mswati wesibili. Beyihlala emtini waseLudzidzini, indvuna yakhona kunguSandlane Zwane.

Tsandzile lowente buhle ngekubuya etiveni
KuZwide kaYanga.
Nyawo tibovu tinjengeteligwalagwala.
Sihlahla semsinsi sihlume eLudzidzini etaleni
Sibikela indvuna Sandlane kutsi lihlobo lisesandleni.
Luhlunguhlungu lolwamila ekhatsi nesigodlo
Lwabatjatwa ngemakhosikati.
Wahloma lijozi lelibabako,
Wayawuhlasela tive takaMlambo;
Wafika wazoda kudla imihlambi yetalukati,
Watsandza kudla ematfokati.
Mncabela mbube icedza betive,
EmaKandzambili.
Nkhosi!
Ndlovukazi!

Former competitive swimmer who represented South Africa. BA Law graduate from University of the Witwatersrand. Founded Uber cab business while studying, grew from one car to four cars with eight drivers. Became CEO of Ensure security company at age 25, grew workforce from 200 to several hundred. Founder of Zig Holdings investment company. Has consulted for Blue Label Telecoms, EOH, and Cell C. Board member of SA Taxi Foundation and co-owner of Vibrant Outdoor.

Izithakazelo zakwa Kubheka Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Kubheka

Khathide,
Masobode,
Wena owasobodela udlubu nokhasi,
Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda,
Mbend’ebomvu enjengetolwane,
Boya obuningi obungangenyathi,
Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele,
Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide,
Sombheshane,
Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila,
Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga,
Ndolwane,
Magonondo!

Izithakazelo zakwa-Kubheka with English translation:

Khathide,
(Khathide).

Masobode,
(Masobode).

Wena owasobodela udlubu nokhasi,
(You who roasted/cooked the beans and the pumpkin).

Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda,
(The path that does not pass through the kraal, because it is closed with the heads of men).

Mbend’ebomvu enjengetolwane,
(The red one like the tolwane/red soil).

Boya obuningi obungangenyathi,
(The hair/fur that is abundant like that of a buffalo).

Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele,
(The red Mbokodo of Magayiza who pushes/presses the Sotho and Ndebele people).

Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide,
(The beautiful open space/clearing that was licked by the birds of Khathide).

Sombheshane,
(Sombheshane).

Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila,
(Makhunga, you who sewed/stitched the dassies/rock hyraxes in the burrow, they came out without tails).

Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga,
(Even today they do not have tails because of the wonder of MaKhunga).

Ndolwane,
(Ndolwane).

Magonondo!
(Magonondo).

Izithakazelo zakwaDuze Clan Names Umlando

Duze Clan Names:

Ndaba,
Seyama, Luvuno,
Gayela!

Page 13 of 14

Β© 2026