clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Cetshwayo

Shingana kaMpande

Lona umntwana uShingana kaMpande. Wayethembeke kakhulu kumfowabo uCetshwayo kusukela empini yabantwana eNdondakusuka emeseke njalo. Nasempini yaseSandlwana wayehola ibutho elaliphethe umjojantana.

Kwala noma esekhotheme uCetshwayo wethembeka nakundodana uDinuzulu waze wayoboshwa abamhlophe ngenxa yokususa udushe empini yaseSandlwana. Wethembeka waze wakhothama ngo 1904, ekhothamela ekudingisweni eMntshezi abamhlophe. Wathi esegula wacela ukuthunwa lapho kwawela inkaba yakhe khona,eNdulinde kwelaseMandeni. Shingana kaMpande.

Isilo uCetshwayo kaMpande

Isilo uCetshwayo kaMpande

Ingonyama uCetshwayo uyisende lesilo uShaka kaSenzangakhona, okwathi nxashana izintombi lezi azabezibizwa ngezimbali zesigodlo kutholakala ukuthi sezizethwele, okwabe kungu Ngqumbazi wakwaZungu noMonase wakwaNxumalo. Izingwevu ezabe sihlangene noMkabayi kaJama nendlovukazi uNandi kaBhebhe waseLangeni unina kaShaka, benza icebo lokuthi lezintombi ngoba sezizethwele akutshelwe uShaka anikeze uMpande lezintombi zigane yena. Kwakwenziwela ukuthi lezingane zikhule ngaphansi kwakhe uMpande kungaziwa ukuthi ngezi kaShaka.

UMPANDE wayengazingeni ezokubuthwa nokuya ezimpini wayezihuqa ngomlotha ahlale ezaleni,ethi uShaka akayekwe athi uma edla emshiyele ukudla akuqedele uMpande. Wabizwa ke uMpande wathi UShaka uzomthathe abafazi ababili emlobolele. Kuthiwa akaphendula uMpande wavele wagiya okwakukokuqala empilweni yakhe ukuthi agiye adlale. Wabuthwa ke uMpande waba nebutho lakhe walotsholelwa uNgqumbazi noMonase wagcagcelwa, wamkhipha kwaDukuza uShaka wayokwakhelwa eNdulinde eMandeni namuhla. Kodwa wamtshela ukuthi uNgqumbazi uyozala inkosi eyobusa emvakwakhe UShaka kodwa lokho Kwamxaka uMpande ukuthi kuyokwenzeka kanjani lokho. UMpande uganiselwa lezintombi akazi ukuthi sevele zikhulelwe. Kodwa kwakufihliwe ukuthi uCetshwayo benoMbuyazwe ngabesende likaShaka ngoba obengaveza lokho wayengayiswa kwagoqanyawo ukudalula izimfihlo zasendlukulu.

Ukuze kuthiwe UCetshwayo kaMpande kungoba phela uShaka akaganwanga izintombi wazendlulisela kuMpande, wakhuliswa uye uMpande. Kwase ke kuvela igama elithi ABANTWANA kushiwo laba besilo uShaka, kuthiwe kunaBANTWANA lapha kwaMpande. Lokhu namuhla abasendlukulu bebizwa ngaBANTWANA njena. Ubukhosi obusabusa namanje obesende likaShaka, ngisho isilo UZWELITHINI KABHEKUZULU solo inzalelwane kaShaka ngqo. Ngizoqhubeka ngo Cetshwayo ngomhlomunye. JINININDI OMNYAMA UMAGWENGWANE NGOKUGWEGWA KUBA KAYISE! BAYEDE WENA WENDLOVU!

Izibongo zeSilo uCetshwayo kaMpande

Izibongo zeSilo uCetshwayo kaMpande

UZulu eladum’obala
Lapho kungemunga, kungemtholo
UHlamvana bhul’umlilo eNdulinde
Ubaswe uMantshonga benoGqelebanaInzima lemnyama
Engabunde bezingwe nezingonyama
Ibiqhutshwa uMseleku benoNongalaza
Bethi ifanele ukuyosikwa izihlangu
EMkhweyantaba

Bathi iyekeni
Ubumnyama bayo buyesabeka
Ifanele ukuyocela imvula
KuNkosinkulu

Unqabel’abantu ukudonsa
Umanz’aphum’ezimbotsheni zoMtshezi
Isiguqa esizifulele ngamahlamvu
AseNdodakusuka

Umsindo wobuntilingwe ngowani
Ubangwe ngabaseNtingweni
benabakwaKhinya
Bathi baxokozelela iNdlondlo yakokaTshana
Bathi Ndlondloni lena engabhuli amaphiko
Izindlondlo ziyabhula amaphiko

Ozingel’izwe laseNhlungwana ngobhumbuluzo
Amavaka aseNgwengweni nawaseNdlondlweni
Abaleka abhangalaza
Zingel’ugcine nganeno koThukela mtakaNdaba
Ngaphesheya kukhon’abamhlophe abelungu
USigwembe esal’ukulanyulwa ngabamhlophe
USinakanaka sezincwadi
ebezibhalwa uMalimade
Kwabamhloph’abelungu
Eziloba bezikaza kakhulu

IKhaba elimile lodwa ngaseNhlungwana
Amany’amakhaba emila izixexelegu
Thambekeka mfazi owaliwayo
Thambekeka wewuse iNtambanana
Nangezinyembezi

Mhla eyakudabula ngakwaNgxangaza
Abafazi bakwaNgxangaza
Bazakulal’ezibayeni njengamathole
Kazi amathole azakulalaphi
Uye wadabula kuMlaba
Obezalwa nguKhwani
Wafike wamnika
Inyanda yemikhonto
Wathi MtakaNdaba
Uz’ubahlabe nasemehlweni

INyathi kaNdaba
Empondo zimakhenkenene
Bayivimbele ngamaphanda emikhonto
Bethi uMhlathuze kayikuwuwela
Uthe esewuwela

Wasewuwela ngamakhanda amadoda
Washikizela umashikizel’omnyama
Edondolozela ngenhlendla yakhe ebimithatha
Impi yakhe eyakuyibuthisa eNdliwayini

Wazihlaba kanye namathole azo
Kwathiwa ziyeke lezo Mtaka Ndaba
Ngezikanyokokhulu,
NgezikaLangazana

Washikizela umashikizel’omnyama
Edondolozela ngenhlendla yakhe
Eyakushona ngesikhala
SikaMpehlela noMaqhwakazi
Eya ngoNohadu ezalwa nguMsweli
Uyakuwukhokha umnyatheliso

Iqabi lakwabo lezinkabi elimpunga
Uya ngoMpepha obezalwa nguNdengezi
Uyakulikhokha iqabi lakwabo
Elimnyama lezinkabi

Uya ngoGawozi obezalwa nguSilwane
Uyakuwukhokha umnyatheliso
Iqabi lakwabo elinkone lezinkabi
Washikizela umashikizela omnyama
Eyakushona ngesikhala
Samahlathi amabili
IShowe kanye neDlinza
Eya ngoSikhonyana
Obezalwa nguNgqungqulu
Uyakuwukhokha umnyatheliso
Iqabi lakwabo elixube imibala

Udondolozela ngenhlendla
Ngoba umuzi wakhe kuseziNhlendleni
Uye wedlula kuMankayiyana
Obezalwa nguMenziwa
Uyakuwukhokha umnyatheliso

ISilo esimaDuna sakokaTshana
Esikhangel’abantu baduka nolwandle
Nanamuhla basadukile
Abafana ababili

Baphonseke kwesinezimvumu nezingwenya
UNdaba kazimudli zimbukani?
Zimbona ngoba ekhafulwe yiNdlovu
ISilo esimaDuna
Esimenyezwe nguMzwili
Ezalwa nguSiniswayo

Wathi ningayihlabi leyo Ndlovu
Ningayihlaba niyobe niyibangile
Iyakuvusa imilando emidala
Eyayenziwa ngoyihlo

Uhlohloloza ngeNdlovu enohlanya
INdlovu ethi imuka babeyixokozelela
Uzitho zimagwegwe
Ngokugwegwa abakayise

UJininindi omnyama
Ongabubende bezingwe nezingonyama
Ongangamabuya eziziba
Zolwandle noThukela
Usakha lukhalweni enhlanganisweni
Lapha kuhlangana khona imifula
Kanye neyabafo
Kanye neyabafokazana

UGaqa libomvu lawoBathoyile
Isibuko sikaMaphitha benoNzibe
Abebezibuka ngaso beya kwaNkosinkulu

Ohlathi limnyama
Limnyama konke nemizi yalo
Ebelinjengebelihlala izindlovu
EzikaMakhehle

Igwalagwala likaMenzi
Elisuke eNtumeni kwbhej’iNdulinde
Kwaze kwaya kwabheja
Ulwandle noThukela

ISiguqa sikaNdaba
Abasifulele ngamashoba
Sath’ukuvuka sadl’amadoda

IZulu elidume phezulu eNdulinde
Lazithatha izihlangu zamadoda
Indaba yenziwe nguManqina
Obezalwa nguNkontshela

Nguyena othathe izinkomo zaseMangweni
Waye wayozithela ndawonye
NezaseMkhweyantaba
Ngoba ethathe uNxaba kamkhonto

Isiziba sikaHhamu benoZiwedu
Esibhukudise izihlangu zaseMkhweyantaba
Ilanga liyakushona
Abantu baseNtengweni
Ngiyabesaba ngibasolile
Bazibukule itshe

Itshe linemamba
Imamba yathi ukuvuka
Yangena ehlathini
Ihlathi linembube

Yamaphula uBusobengwe kaNongalaza
Ungalo ezinjengezengonyama
IMbube elishoba liyisilikithi

UMthunduluka ovuthwe eNdulinde
IZigqoza ziyawulabalabela
Udl’uNomsimekwana
Obezalwa nguBhikwayo
Wamshaya phansi koludumayo ezinqungeni
Akwaze kwaba ndaba zalutho

Wamudl’uMashayayishukule
Obezalwa nguSiphingo
Wamshaya phansi eziqungeni
Koludumayo
Akwaba ndaba zalutho

Wamudl’uSigombe
Obezalwa uMatshana
Wamshaya phansi ezinkambeni
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wamudl’uFaku
Obezalwa uMatshana
Wamshaya phansi ezinkambeni
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wamudl’uBambelela
Obezalwa nguSotobe
Ngasezinkambeni
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho

Uwaba lenkomo zakwaMshweshwe
Udunusel’uNdi noKhahlamba
UMzingela kaShaka benoDingane
Uz’uzingele ubuye nganeno MtakaNdaba

Ngaphesheya kukhona abaMhlophe
Uzuyesab’imilando emidala
Eyayenziwa ngoYihlo

IBululu likaPhunga noMageba
Elidonde ukusuka
Kwaze kwasuka awezindlwana
OShela kaDolofu kuMaqadasi
OZitshani kuMaqadasi
OSomtswewu kaSozica kuMankinsimana
Amabululwana ezindlwana

UMagwaz’eguqile njengethole
USinikiniki singamashoba oSuthu
INgqamungqamu likaShaka
Elingamlil’oshayo

Bathi kush’umlilo
Kanti kuvuth’umuzi wasEKuweleni
Izinhlansi zabaqhashela
Ziqhashele oMthondo

Ubhukudise abantu
Bengasathandi ukubhukuda
Ngoba ebhukudise amadoda amadala
Ngoba ebhukudise uNongalaza
Obezalwa nguNondela
Wabhukudisa uThemana
Obezalwa nguNohaye
Wabhukudisa uMgebisi
Obezalwa nguJokwe
Wabhukudisa uMatshekana
Obezalwa nguMaqhoboza

Umamba yeVuna
Umaqhamusela
Umamba eth’ukuvuka
Yadla abakaYise

Wamudla uMbheduka kwabakaYise
‘UMbheduka njengesona
UPhaqa njengelanga
UTakasa njengebhoyi
INyathi yaseNhlakanhlakeni
INdlovu enezihlonti
Ikhwani elisikwa lihluma
Ngenxenye linguPhunga
Ngenxenye linguMageba’

Amakhubalo adliwa nguCetshwayo
KwabakaMpande
Wamudla uShonkweni
Obezalwa nguMpande
Amakhubalo adliwa nguCetshwayo
KwabakaMpande

Wamudla uMantantashiya
Obezalwa nguMpande
Amakhubalo adliwa nguCetshwayo
KwabakaMpande
Wamudla uSomklawana
Obezalwa nguMpande
Amakhubalo adliwa nguCetshwayo
KwabakaMpande
Wamudla uMdomba
Obezalwa nguMpande
Amakhubalo adliwa nguCetshwayo
KwabakaMpande
Wamudla uDabulesinye
Obezalwa nguMpande
Amakhubalo adliwa nguCetshwayo
KwabakaMpande

UNozila kudla kwamagwala*
Amagwala adl’ububende
ILanga elaphuma endlebeni yeNdlovu
Nyakamumbe liyakuphuma kweyeNgonyama

IMpunzi kaNdaba
Bayibambe ngandlebenye
Phezu kukaLangakazi
Yadlamuluka yadlamadoda

IZulu likaNdaba lithukuthele
Liyokwehla ngoMagula
Laqumb’isichotho
Layakwehla ngoMagula
Laphakwehla khona elinye

Izulu elidume phezu kweSandlwana
Umbane lawuhlaba eMankamane
Bayamemeza bathi nans’iNdlovu
Belengu ningayishayi ngesibhamu
Noba niyibangile

Anoyiphathela amaphanda
Angawezinhlendla
Yaphel’imibhobho yamaphoyisa
Yaphuk’ubumohlomohlo
Yaphulwa yiJaha elidala

Yebo thambeka MtakaNdaba
Wen’ongasilambalala
Ngimfumane egeza kwelamadwala
Ubenzipho zimhlophe njengeNgonyama
Uguqa badele
Inhlambamasoka

Odl’uMvemve oncokazi kwabaMhlophe
Wadl’uZithi obezala nguSotobe
Wadl’uSigwabugwabu ezinyangeni
Wadl’Gqoboyiya kwabathwal’imvokwana

UNtaka yeVuna
Zala umhlanga zikhothame
Oze noNdumundumu ezalwa nguNotatela
Weza noQhongolo ezalwa nguNgede

Unsusi wezigebengu eNdodakusuka*
UGuqa bathokoze! INhlambamasoka
USigenyana somqubula
Odl’uKhathaza ezalwa nguSiyabandiya
Wadl’izibunu zizibili zaseMkhweyantaba
Esinye singuMunci
Esinye siguMdeyi khona eMkhweyantaba
Odl’uZangwana kaMgunyana ngaseMaphiseni
Wadl’uNhlanhlanhla ezalwa
NguNgudumana ngaseMaphiseni

Undondela kuyalwa
Ingani nabanoyise bayayalwa
Ngoba udlule kuMpande ekuyala
Wadlula kuSomtsewu ekuyala
Washo uMpande wathi
”Kuze wabusa
Mfana kaNgqumbazi
Liyohanjwa zinkonjane
Lokhu udlula ukuyalwa kokubusa”

Usakha mizi ngemikhonto
Abanye beyakha ngokunikezelana
Uguqa badele iNhlambamasoka
Onjengeziziba zomfula

Sengathi ngamabuya
Olwandle noThukela
Oshise owakwaSibatha
Ingani owakwaSibatha
Kawungenwa ngasango
Wawufohlwa ngecele

Zethuk’izibhaxa
Zaphonseka kwabaMhlophe
WawushisaowaSenzanazo
Hawu washa owaseKuweleni
USofukuzelwa oyinsonyama
INgonyama enohlonza emhlane

INsukamini kaMjokwane
Esuke ilanga liphezulu
Wadl’uPhoyiuphoyi ngaNdondakusuka
Wadl’uMzimuzimu ngaseNdondakusuka
Izingwazi zabola ngakwaNyoka
Usal’ukutshelwa usal’ukunyenyezelwa
Mshisi wesikhotha esiseDlebe
Kuze kushe esiseMalaleni

Uzandla zimnyama
Ngokuphatha imisebe yelanga
Wamudl’uHabana kuMaphoyisa
Wamudl’uMahlangwana ngaseMkhweyantaba
Wamudl’uMagazukaza eSwazni
Wamudl’uMdumela ngaseSwazini

UMvuleli wezinkomo
Zingakwazi ukuvulelwa
Ngoba uphume nezinkomo
Onke aMakhosi aKwaZulu
Engakaze azikhiphe

Uze noMajumba kaLugagane ngaseSwazini
Weza noMhlanganiso ngaseSwazini
Ukhande amaSwazi
Akhawula ukudla izinkomo zaKwaZulu
Usenzele amanqe ngaseSwazini

UMbhubhulo!
Obhubhule zonke izinkomo zaMakhosi
Ngoba ebhubhule izinkomo zanaSwazi
Wabhubhula izinkomo zakwaMzilikazi
UMzilikazi kabe esahlasela

Oze nobhelu NgakwaMzilikazi
Odle uSenzenje ngakwaMzilikazi
Wadla uQabana ngakwaMzilikazi
UDlamvuzo!
Bayede!
Ungangezintaba!

General Standard–Royal Standard
1. Uhlanga
2. Muntu
3. Mnguni 1
4. Mithiyonke
5. Mnguni 2 ———-Mnguni
6. Nkosinkulu——–Nkosinkulu
7. Mdlani————–Mdlani
8. Gumede———–Luzumane
9. Nozimane———–Malandela
10. Malandela———Ntombela
11. Zulu—————–Zulu
12. Phunga———–Gumede
13. Mageba————-Phunga
14. (—–)————–Mageba
15. Ndaba
16. Jama
17. Senzangakhona
18. Sigujana, Shaka, Dingane
19. Mpande
20. Cetshwayo
21. Dinuzulu
22. Solomon Maphumzana
23. Cyprian Bhekuzulu
24. HM Goodwill Zwelithini

Ziyatholakala izikibha: 061 868 5163


Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: