clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Chube

Phumlomo clan praises

Phumlomo,
Shezi,
sgananda phume’nkandla,
dlaba udle mhlambhi wenkomo zamandebele,
Chube,
Ndela!

Izithakazelo zakwa Chamane?

Chamane
Chube
Dingila
Nobhonco
Nyanisa
Ngipha
Nduli
Nzama
Gcugcwa bakulingene bangangentende yesandla!
Zukula!

Izibongo zakwa Nzama

Izithakazelo zakwa-Chamane

Izithakazelo zakwa-Chamane

Wosiyane,
Nzama,
Mashiza,
Dingila,Chube,
MaChube amahle,
Nombhoco, Chube,
Gcugcwa,
Zukula kaNombhoco,
Zukula, nina baseS’Chamaneni,
Wena owawela ngelibanzi kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina bakwamfazi kashaywa ngemvubu,
Kodwa ushaywa ngombhombolo wesidwaba,
Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume ngesithembu,
Gcugcwa ka-Ncameni,
Ncameni ka-Nozaca!

Nzama

  • Chamane,
  • Wosiyane,
  • Mashiza,
  • Vakela,
  • Chule,
  • Phalada,
  • Gcugcwa,
  • Chube,
  • Nombhoco,
  • Zukula,
  • Lukhele,
  • Ncameni..

Mdunge

  • Chili,
  • Chiliza,
  • Mthuli,
  • Mcwashi,
  • Bhebheza,
  • Somyiyane,
  • Ngwenya,
  • Gasela,
  • Mzwezwe!

Maphumulo

  • Dumisa,
  • Duma,
  • Manembe,
  • Mashimane,
  • Doncane,
  • Zikode,
  • Zukuzela,
  • Dubandlela,
  • Mgobode,
  • Masiyane,
  • Cwalile,
  • Mashiyane

Abakwa Shezi ama Chube badabuka eNkandla, nazi izibongo zabo:

  •  Shezi
  •  Dlaba
  •  Shukulas
  •  Mnoniya
  •  Dludle
  •  Mchube
  • Mlotshwa ka Lumbazo ka Zokufa
  • Sigananda ophum’ eNkandla !

Ama-Qamu kwa Majozi kuthiwa bahlobene nabakwa Shezi.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: