clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Dingiswayo

Izithakazelo zakwa Ndlela

Ndlela Clan Praises 😍 Ndlela surname

Ndlela,
Bayeni,
Machunu amahle anyathela ngemikhonto esanda kulolwa!

Izithakazelo zakwaMthethwa

Izithakazelo zakwa Mthethwa

Dingiswayo,
Nyambose,
Magaga onsibansiba,
Mfolozi emnyama inketha baweli nabawelayo bayayiqokelela,
Nina bakanhlamba kangicelani ngoba angiceli lutho lomuntu,
Wena okalugagane oluhlabangaphi ngoba phela lumhlaba ngale,
Thulisa kuyozwakala,
Nkonyane yenkosi,
Hlangalezwe,
Nina baka Xaba kaMadangu,
KaNkomo enenekazi,izothandandana nayiphi na?
Izothandana neyakithi Eyengweni,
Khubaze, Jobe kaKhali,
Magezang’obisi lwenhlu abanye begeza ngamanzi,
Amabekankosi,
Nzimezimnyama,
Nina bakaGeza kaJakada,
Maphoswa kubusa,
Nina basezansi,
Mazila Mbolwane!

Izithakazelo zakwaMsweli

Izithakazelo zakwa Msweli

Nxele,
Muthwa,Seme,
Snono, Dingiswayo,
Zikode,
Nongalo waseMashobeni,
Dlovunga,
Sgubhu somkhonto,
Lond’elihle elingawadli amahlali,
Mpindela,
Mpisela yakoNgonyama eyadela umkhonto yathatha izembe ngoba lingumasheshisa,
Wena mageza ngegolide kube kuphuza abafokazane ngeaznsi,
Xasibe, Nxasana,
Mpande!

Ama-Mpondo/Mpondomise

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: