Myaka
Ndima
Gumede
Mthanti
Chibikalishi amanye amachibi esisha ephuzwa zindlovu !
Tag: Gumede Page 1 of 3
Gumede Surname Meaning. Gumede Origin. Gumede History:
The meaning, origin and history of the Gumede surname is not listed.
This surname is prevalent in Zimbabwe.
Izithakazelo Zakwa Makhanya
- Makhanya,
- Mnguni,
- Yeyeye,
- Gumede,
- Qwabe,
- Phakathwayo,
- Khuzwayo,
- Maphithini,
- Mpangazitha,
- Duze kaMnengwa Gcwabaza,
- Thusi, Lingela,
- Zukezela, Makhutha,
- Mfene,
- Wena owakhanyisa ngothi lomshanelo ngoba ezonda ubumnyama,
- Wakhanyisa ngothi lomshanelo kwaze kwasa luvutha MAKHANYA!!!!
Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies akwa Makhanya Whatsapp / call: 061 868 5163
Prices:t-shirt: R200 Hoodies: R400
Izithakazelo zakwa Mabanga 😍 Mabanga Clan Praises
- Gumede,
- Dlodlo, Langa,
- Mthiyane,
- Mpangazitha!
Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies akwa Mabanga Whatsapp / call: 061 868 5163
Prices:t-shirt: R200 Hoodies: R400
Maphanga clan praises
Mnguni,
Qwabe, Gumede,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe”,
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!
Khomo, sibiya, qwabe, gumede, ndaba, gazu,nandisa, mbende, sotobe, phakathwayo, khathi, zamisa
sibiya ngenkomo abafokazana bebiya ngamahlahla
qwabe kamalandela. mnguni.
gazu kazembethe
zingelwayo. mkhananda owahamba nogodokazi wawela umfolozi kwahhiya.
manyelela njengentombi iy’esokeni.
khomo!zamisa
nina bakankomo isengelwa emaweni, yasengelwa esibayeni akuyona eyakhona.
mgxebe kayotho
khathi! nandisa
sotobe kampangalala! nobiya
magamanxane kangobe, ngobe esemngeni. nogwaza wom’belebele.
sikhobobo qhawe labaqulusi.
ndaba komkhulu. gumede!
Sibiya Clan Praises :
Ndaba,
Gumede,
Sibiya ngenkomo, abafokazana bebiya ngamahlahla,
Nina bakwankom’isengelwa emaweni,
Ingasengelw’esibayeni akuyon’eyakhona.
Gumede kaNdaba,umanyelela njengentombi iy’esokeni,
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way’eMfolozi,
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini,
Kwaze kwephulwa esendlini,engazange afe ukufudumala,
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala!
Hlalithwa Clan Praises :
marhong’wane, madindwasi!!!
uhlalithwa ngu kabini omnyama namadodana,
ngu thayi thayi bemusukela esgodini kwakama
ngu nzima limnyama ingamhlanga utjhizolo,
u hlalithwa ngu ngalo ziyabikwa emandebeleni
mfazi owamunyisa umntwana ngaphetjheya kweligwa ne ligwana,
ngu msila os’thithibala wakwa nzunza, nalokhu loko usathithibele,
osirhononako akaqali emuva umhlanga usithintile.
ngu makgwadi wakwa mdakana, wona odla umbinazo nguso gegana
ngu pengu ayithunywa, wayithuma iyathumba. yathunywa e swazini yathumba, yathunywa kwa sigwadi yathumba. yathunywa kwa gobha nakhona yathumba.
uhlalithwa li qina eleqa ngamlenze munye, lisenza amano wokweyama eendunguzweni ezimbili ukuya emthonjeni ongaphetjheya kwe ligwa
ukabini mthombo kawuselwa.
umfazi angawusela uyabhijidelwa.
indoda yangawusela ibhodla isibhorho
madindwasi!