πŸ’›

izithakazelo

Tag: history Page 21 of 22941

Magqekeni Sithole History // Umlando

UMagqekeni ungomunye wabantu abawunothisa kakhulu umlando wabakwaSithole . Le nsizwa yabe iyisethenjwa nesilomo esikhulu seSilo saseMhlahlandlela iSilo uMzilikazi kaMashobana ,yayibuye ibe yinduna yomuzi waseGabeni owawakhe eTswenyane , eNorth West lapho kwake kwazinza khona iNkanyamba yaseNdinaneni (iSilo uMzilikazi) ngaphambi kokuba ifudukele lapho sekuseZimbabwe khona ngeszathu sokumiswa kabi ngamabhunu kaHendric Potigietier (uPoti).

Uyise kaMagqekeni uMagogo wasala empini yaseNtumbane nokuyimpi eyabe iphakathi kweLembe neNkanyamba . Kanti naye uMagqekeni wayekhona kuleyo mpi ,bobabili balwa ngasohlangothini lweNkanyamba . Kwahamba kwahamba igama likaMagqekeni laguquka kancane laba uMaqhekeni ngenxa yokuhluleka kwabantu abangabaTswana ukubiza kahle igama likaMagqekeni . Kwathi ngenkathi iNkanyamba ihlasela enye yezinduna zeLembe uNyokana kaMpeyana nguMaqhekeni owagwaza wabulala uNyokana .


Ngenxa yobuqhawe bakhe uMaqhekeni iNkanyamba yamnika igunya noma ngithi yamgunyaza ukuba abuthe amabutho . Lokho wakwenza ebambisene nezinye izinsizwa esingabala kuzo uLotshe kaHlabangana Mtshali , uMbambelele kaHlabangana Mtshali nezinye . Ibutho lokuqala alibutha owalibiza ngokuthi “Ibutho laMagogo” , waliqamba ngoyise uMagogo owasala eNtumbane . Indlela uMaqhekeni ayebutha ngayo amabutho wayethatha wonke amabhungu ayethunjwa kwezinye izizwe bese ewafundisa indlela yokulwa ngeklwa nangesihlangu .
Lensizwa yakwaSithole kuthiwa yayibuye ibe nesiphiwo sokuboniswa ,ingakho yayikhonzwe kakhulu yiNkanyamba . Yayikwazi ubona into eseza ekudeni.

Izibongo zikaMaqhekeni Sithole
UMgabhi weGaba
Isikhukhulane sikaJobe
Esikhukhule abezindlu nabezindlwana
Sithole seGaba
Esibiza amaqhawe asebele
Sixoshe amavaka abaleke
Ngwazi emandlamakhulu
Eyala ukubheka emuva
Selusinda uhambo
UMathob’inkosi ithobeke
UMathulis’inkosi ithule
Sigqila nganhloko sikaMthwakazi
Sigilamkhuba kwelenkangala
Umsindo wezwakala eMahalihali
Wezwiwa ngoMthithika
Njob’enhle yenkosi
Eyavunulwa nguMzilikazi
Wachithachitha izizwe
Indlukula kaNyokana yemuka namanzi
Omigwalo yamaBula yasuduka
Gagane olumeva kawephuki
Olubiyela iNkosi
Ludle izinkomo,ludle amadoda !
USojama ngezihlangu emangweni
Abafo bahlehle nyovane
Mudli wezinkomo ezinenkelenkele
Owathi esadla ezinye wadla ezinye
Wee! Thole elimnyama njengezulu
Elikhwaza noma kusebusika
Nkonjane emnyama yeGaba
Ebhula amaphiko ezizibeni
Nasekhalweni lwaseMpama
Ezingazini ezaveza amaqhawe
Zashwabadela uDingane
Mafuzafuza kufulelwe
Kwethuleke iziyoco zabafo
Dondolo lweNkosi!
Oluqhube inkos neqambi lenkomo
Godogodo lukaMthwakazi
Alushi ngokubaselwa
Alupheli ngokubandwa
Nempehla ziluphehlile
Zabuyela nyobane ziwaza
Sithole esimnyama
Wena omadolo makhulu
Edlula awendlovu
Ngokuguqa okhalweni lwamaqhawe
Ngwazi yaseGabeni
Edla emahlathini amnyama
Lapho kudla khona imihlambi yezingonyama
Nsiba zengungumbane
Ezihlaba zisalele
Amanxeba kawapholi
Zicibe uMahambayedwa eMpameni
Bombo lwezintaba ezinde
Bazame ukuzikhuphuka behluleka
Nasebusuku bazamile
Kwasa bezinkubela
Bayethe nkalo kazifinyelelwa
Bayethe zulu elimnyama
Elithwala lishwabadele amahlathi
Lidle konke okungaphili
Bayethe mhlane obanzi
Obelethe ibhidi elimnyama ngomlomo
Wavundla nalo amahlathi anezilo
Awaze walibeka phansi
Bayethe isijula sikaMthwakazi
Esiphanga izinkomo
Sidle amadoda
UMthwakazi wadlondlobala
Waba maphiko abanzi
Akhotha izilwandle
Ulibinda Jobe!
Iqhawe aliqedwa

Ntshingila clan names & Family history

izibongo zakwaNtshingila zihamba kanje:

Dlabane
Umgwamanda wamaSwazi
Abangahlulwa yilutho
oMakhanya ebuMnyameni
oMavula kuvaliwe
Abeqa umfula ugcwele
maDlabane weziNdlovu
Siphepho sawoLanga
oMlangeni abafika kuqala kusemnyama ezweni
oLanga libalele oNdlebe zikhanya ilanga
Bona abangangezwe ingongoni zasemavaneni
Abangagezi ngamanzi abageza ngobisi
Wena sidwaba esinothuli, singabangcwaba seza
nomlandakazi
Bona abaqeda ubombo ngokuhlehletela belomba
belomba belibuyelela
oNdlovu zadla ekhaya ngoba ziswele abelusi
oNdlovu kayisitheli bathi uyibone ngani uyibone
ngamanzi ukudungeka
oNdlovu kayihlehleli emuva, oNdlovu kayiphikiswa
oNdlovu kayikhohlwa
uDada labhula amanzi ngonyezi laphuma
lawathintitha emadwaleni
Usilevu singakanani, singangamashoba enkomo,
omadla inkomo bebodwa
uMgiqika njengethambo elagiqika esibayeni
sendoda
Ithambo lona elahlula umthakathi
Ithambo lenyoka elihlaba elimzondayo
uMahhemu owahhemula amakhanda amadoda,
umhlinzi wamakhanda amaMpondo
Wena kaPhuthazizulu, waka Mahelele, wakaMgubo
owasusumeza indoda ngobhoko
Wena kaSawane, wena mfo kaMfene mbili wathatha
enye wayinika umfokazana!!!
Mahhemu!!!

izithakazelo zakwaMlondo Clan Names & History

Mlondo clan praises:

Ncumba,
Mthobela,
Wena owaseybini oshanela izibi zingaphela,
Mgenge,
Nongalo,
Mkhanuka kaSenene,
Mabhuye wena owabhuya ingwe yathuka,
Mthiyane,
Mthimude,
Songatshana,
Mlondo ngokulondoloza izintandane nabafelokazi,
Ndlovu !!

Lelengoa clan names & Family History

Lelengoa Clan Names, Meaning & History. Izithakazelo zakwa Lelengoa . Surname. Sereto sa Lelengoa . Iziduko zako Lelengoa . ‘s Lelengoa surname info is currently not listed.If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.

Page 21 of 22941

Β© 2026