clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Hlatshwayo Page 1 of 2

Izithakazelo Mkonyeni Clan Names

Mkonyeni,
Hlatshwayo,
Nomkhono,
Khukhusa ngadinwa,
Mkonto awngeni, ungena ngomcacamezelo
Wena owadla waze wananela wathi mmmmm
MAKHWASA!

Ihubo labakwa Hlatshwayo | Ihubo Hlatshwayo

Ekhaya ko Malume Ngyakhuleka.. Lisho kanjena ihubo:-

“Wabulala amakhosi, ingwe yohlanga

Mana nkonyane yohlanga,

Ungwanya bamazi izwe lonke, izwe lonke

Nkonyane yamaNgwanya, bayethuka

Soka siwashise amankengane, sicwecwa izizwe”

Hlatshwayo ® clan names. Hlatshwayo Surname Meaning 😍 Hlatshwayo Origin. Hlatshwayo History

Hlatshwayo ® clan names. Hlatshwayo Surname Meaning 😍 Hlatshwayo Origin. Hlatshwayo History

The meaning, origin and history of the Hlatshwayo surname is not listed.
This surname is prevalent in South Africa.

Click to add info about this surname

Hlatshwayo ® clan names. Hlatshwayo Surname Meaning 😍 Hlatshwayo Origin. Hlatshwayo History

Hlatshwayo ® clan names. Hlatshwayo Surname Meaning 😍 Hlatshwayo Origin. Hlatshwayo History
The meaning, origin and history of the Hlatshwayo surname is not listed.

This surname is prevalent in South Africa.

Click to add info about this surname

Izithakazelo zakwa Hlanguza

Izithakazelo zakwa Hlanguza

Hlatshwayo origin

Hlatshwayo surname origion IMVELAPHI YEGAMA ELITHI HLATSHWAYO. -uHlatshwayo wayengo wakwa Nkosi ebukhosini baseSwazini. Kwenzeka ukuthi omunye wabantwana basendlunkulu walala nodadewabo owayezalwa naye kunina. Wayesethi ke yena umndeni wakubo umhlabile ngoba umfowabo ulale nodadewabo ngakho usezibiza ngokuthi unguHlatshwayo. Isizwe saqanjwa nguye uHlatshwayo njengoba esephuma emndenini wakhe kwaNkosi ngoba ehlatshiwe eqa imingcele yaseSwazini afike akanise phezu koPhongolo kanye nabafowabo. Kuyilapho esezozala uNgwanya. (Another version) UHlatshwayo uyena owenza isenzo esamenza wadatshulwa, waxoshwa negama lakhe lakhishwa olibeni (lineage) lomndenini wakwaNkosi. Wabaleka wabe eshintsha igama lakhe waba uHlatshwayo. (Another version) UHlatshwayo noNgwane bazalwa inkosi uLanga. UHlatshwayo owayeyizibulo wayengeke abe yinkosi ngokomthetho wamaSwazi ngakho wasuswa eduze kwenkosana wabekwa eLucolweni abanye bathi eNgongweni. Lokhu kwenzelwa ukuthi angabangisi uNgwane. Igama likababa kaHlatshwayo alitholakali ngokugcwele, abanye ba uDlamini (don’t knw which one as there are 3), abanye bathi uLanga kaNkosi II. Ihubo lakwa Hlatshwayo: “Wabulala amakhosi, ingwe yohlanga Mana nkonyane yohlanga, Ungwanya bamazi izwe lonke, izwe lonke Nkonyane yamaNgwanya, bayethuka Soka siwashise amankengane, sicwecwa izizwe”

Hlatshwayo Clan History

Hlatshwayo Clan Origin & history

It is said that the Hlatshwayo clan was originally Dlamini/Nkhosi.

The Hlatshwayo separated from the Nkhosi clan before Swazis were formed as a Nation. We then joined the Dlamini/Nkhosi again after the Swazi nation was formed. It was normal for clans to part ways and end up back together. To be historically accurate our clan came into being before the Swazi Nation was born, due to the Nguni and not Zulu wars, brothers were separated. Others went with Manukuza (Soshangana) Nxumalo to Moz to form the Gaza kingdom, while others were conquered and accepted Shaka’s overlordship and became amaZulu, while others still remembered ekhaya kwaNkhosi and joined the Swazi nation and became amaSwazi.
Less than two hundred years ago we were one.
Izibongo ezihlobene namaNgwanya:

Zikalala- both clans agree.

Nyalunga/Nyalungu/Mbethe/Mbetse- Hlatshwayos (in FB), disagree.

Personally I think the Mbethe/Nyalungu branch is definitely Hlatshwayo, formed by our brothers who left with Soshangane.

IMVELAPHI YEGAMA ELITHI HLATSHWAYO..
-uHlatshwayo wayengo wakwa Nkosi ebukhosini baseSwazini. Kwenzeka ukuthi omunye wabantwana basendlunkulu walala nodadewabo owayezalwa naye kunina.
Wayesethi ke yena umndeni wakubo umhlabile ngoba umfowabo ulale nodadewabo ngakho usezibiza ngokuthi unguHlatshwayo. Isizwe saqanjwa nguye uHlatshwayo njengoba esephuma emndenini wakhe kwaNkosi ngoba ehlatshiwe eqa imingcele yaseSwazini afike akanise phezu koPhongolo kanye nabafowabo. Kuyilapho esezozala uNgwanya.

(Another version)

UHlatshwayo uyena owenza isenzo esamenza wadatshulwa, waxoshwa negama lakhe lakhishwa olibeni (lineage) lomndenini wakwaNkosi. Wabaleka wabe eshintsha igama lakhe waba uHlatshwayo.

(Another version)
UHlatshwayo noNgwane bazalwa inkosi uLanga. UHlatshwayo owayeyizibulo wayengeke abe yinkosi ngokomthetho wamaSwazi ngakho wasuswa eduze kwenkosana wabekwa eLucolweni abanye bathi eNgongweni. Lokhu kwenzelwa ukuthi angabangisi uNgwane.

Igama likababa kaHlatshwayo alitholakali ngokugcwele, abanye ba uDlamini (don’t knw which one as there are 3), abanye bathi uLanga kaNkosi II.

AMAKHOSI NEMIZI YAWO-

1 Hlatshwayo-
–Mpalazane(umuzi)
2 Ngwanya—Ntamamhlop­­he(umuzi)
3 Cebisa-
–Nkunkunku(umuzi)
4 Sampekwane—KwaMabh­­eka(umuzi
)
5 Mhlaba1-
–Ezindeni(umuzi)
6 Mgogodlana–
-Entuluka(umuzi)
7 Siyendane-
–Ohlanyeni(umuzi) Ndonsamehlo(umuzi)
8 Mleshe-
–Epulazini(Mkhunyan­­e)
9 Mhlaba2-
–kwaHhohho(umuzi)
10 Mhlangano—KwaSokes­­imbone(uwuzi)
11 Thulanimangwanya kaMhlangano—KwaSok­­esimbone
12 Fipha kaMhlangano—kwaSok­­esimbone

Indlunkulu yamaHayise:
Langa
Hlatshwayo
Sophekwane/ Sompekwane
Cebisa
Ngwanya
Mhlaba I
Mgogodlane I
Siyendane.
Muleshe.
Mhlaba II.
Mgogodlane II (eSwazini)

Indlu yase Bergville:
Makwelela ka Mgogodlana1
Shali ka Makwelela
Novoyi ka Shali(Somtseu)
Siphiwe kaNovoyi
Thulani ka Siphiwe

Indlu yesithathu:

Manukuza kaSiyendane
Mgezeni kaManukuza
Bambuhlanga kaMgezeni

Indlu yaseGege:
Mahubhu kaMuleshe
Velamuva kaMahubhu

Amakhosi abusayo namuhla:
-uFipha ePiet retief
-uVili eDumbe
-uFisukwazi eNondweni(Nquthu)
-UThulani eBergville,

Wonke amakhosi akwaNgwanya angawesende likaSiyendane kodwa laba baseBergville bazalwa uMakhwelela ongumfowabo kaSiyendane.

-USiyendane wadinwa ukuya eSwazini waphendula iminyango wayokhonza eSilweni samaZulu uMpande kaSenzangakhona, washo ke ukuthi akasayi ukuyokhonza eSwazini. UMpande wamxhoshisa ngezwe lakwaNgwanya ngaphesheya komfula uPhongolo kuya eDumbe (Paulpietersburg) liwele umfula uPhongolo ligudle kuMahamba lithathe iPiet Retief liphelele ezintabeni zaseMabola

IZITHAKAZELO

KZN:
-Hlatshwayo
-Ngwanya!
-Mhayise
-Mabhengeta
-Phuphu laNdaba namhla ngenandaba
-Mshunguza ayigwaze engayigwazeli yena ayigwazela amankengane
-UNgwanya kangakanani nasentendeni yesandla uyahlala nasothini lomkhonto anganela
-Cebisa elimhlophe

ESwazini:

Hlatshwayo.
Mhayise waNgwanya! Cebisa lomuhle ngekucebisa emakhosi.
Ngele yaboGama,
Siyendane
Mabhengeta
Phuph’ laNdaba namhla indaba ingesiyo yakho.
Vezi lelihle likaMswayini, Khobobo
Masaphokati,
KaHlatshwayo akuvalwa ngemivalo kuvalwa ngemakhandz’ emadvodza. Mgogodlan’ owavel’ eziphunzini!
Sibadla benjalo bosomconjwana.

Swazini2:

Hlatshwako,
Mhayise Mpangalala,
Ngwanya,
C­­ebis’amakhosi,
Mabhe­n­geta,
Siyendane,
Mgo­go­dlane,
Ngele waGama,
Gidza elugogweni,
Khoboka Khuzekhulu ,
Sibadla banjalo bosomconjwana,
Mashiyam­­ahle (isithopho)
Masaphokati,
Ka­H­latshwayo akuvalwa ngemivalo kuvalwangema khandza ebantfu,
Mpangalala,
N­­khosi.
Sihlahla semanyeva sincutfwa ngemazembe ekubolekwa.
Ngwanya lowa buli ngonyama kwa vela ingwe. Wena lowa tfukutselisa Nkenyane batsi bayabhodla wagcuma wemela ngahlanye Basala ba bulalana bodvwa kwaze kwafa newekugcina kwa dala inhlekelele lenkhulu leyahlengwa ngema jabhane aka khobobo.. Bathe bambela Hlatshwako lithuna emihumeni, kantsi kuyongena bona.

IHUBO LESIZWE SAKWA HLATSHWAYO (Zulu):

“Wabulala amakhosi,ingwe yohlanga
Mana nkonyane yohlanga
“uNgwanya bamazi izwe lonke,izwe lonke
nkonyane yamaNgwanya bayethuka
Sokwa siwashise amankengane,sicwecwa­­ izizwe”

Izithakazelo zakwa-Hlatshwayo

Izithakazelo zakwa-Hlatshwayo

Mhayise wakoLanga, Ngwanya, Siyendana, Cebisa kaMabhengeda, Ugid’gogweni ovala emnyango ngamakhanda amadoda, Mgogodlana, Nina enanqoba ibuhto lakwaGob’izembe, Ngele! Ihubo lakwa Hlatshwayo: “Wabulala amakhosi, ingwe yohlanga Mana nkonyane yohlanga, Ungwanya bamazi izwe lonke, izwe lonke Nkonyane yamaNgwanya, bayethuka Soka siwashise amankengane, sicwecwa izizwe”

Izibongo zeSilo uBhekuzulu kaSolomon

Izibongo zeSilo uBhekuzulu kaSolomon


INkunzi elukhanda lubanzi
YakokaMathathela
Evimbel’uNgenetsheni
Yavalel’uButhelezi
Kwathiwa ivimbeleni bafana
Ingangen’ekhaya
Ngoba iyoth’ingangen’ekhaya
Ifik’zone izithole

INsingisi kaNdaba
Ebanga izul’ukuphendula
UMnguni wakithi

Itshe elehle phezulu
Kubo eNengeni

Libonwe ngoNdwandwe
Kanye nabaThembu
ONdwadwe bakithi eGudu
Balinomomozelela
AbaThembu bakithi eSandleni
Balinkwezela
Ngoba babeshaywa yisazelo
Kwakungeseziqaku lezinkomo zeNkosi

ISilo limaphandu
Yebo simaphumlela
Simpondo zingemva nangaphambili
Esifana nemvubu
Ngeyakithi oThukela

Ebuk’izinkomo yanyukubala
Yabuk’amadoda yamomotheka
UNondina kabuso
Ubuso badin’abakwabo
Uncwadi zafika kuqala
KuBhengu eMgungundlovu

UNdaba ofela ngezibomvu
Njengegama lomuzi
Wakub’eMgungundlovu

Isife sikaNdaba
Esobhabh’amadoda
Nanamuhla lokhu
Sisawabhabhile

Unomfaz’omuhle ngemilenze
Isigawuli semith’emkhulu
Emincane yayisal’iziwela
Isinambath’abasibonde
Basishiy’iphini
Siye saphakwa nguGilibethe
Obezalwa nguNgcongcwana
Kwathi uMdlangayedwa
Wasinda ngokuzibalekela

Ngoba edl’uNtabankulu
Ezalwa nguGwazil
KwabakwaMagwaza
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMasenjana
Ezalwa nguMkhanyile
KwabaseGazini
Wamqumba phansi
Koludumayo
Kwaze kwahuda
Nezimvana zakhe
Akwab’indaba zalutho

Wadl’uZindawule
Ezalwa nguMabheqemana
KwabaseMancwangeni
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Molweni
Kwabamhloph’abelungu
Embangweni eThokazi
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Ashion
Kwabamhloph’abelungu
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Barthalom
EziMantshini kwaNongoma
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho
Inkunz’eyedlule ngodumo
Kubo eMsizini
Yaze yasengwa nguShester
Phezulu eChesterville
URobertson wakhala
Kwabamhlophe abelungu

Unkomo zal’ukwanda
Kwelakithi kwaZulu
Ngoba zaliwe ngoMashu
Zaliwe ngoRobertson
Zaliwe ngomfo kaKhambule

Isililo abasikhal’endlini
Kubo kwaZiphethe
Kwakungakhalelwa lutho boNdaba
Kwakuyikukhumbula nje
Kwasendlini kwabo kokaNtuzwa

UBhusha obukhali
UBhush’obhush’amadoda
Uncwadi zaphum’emqulwini
Kunina okaMathathela

UMngoma owethwasela*
Emthonjeni weMbile
Abany’abangoma
Bethwasela
Phezu kweNgoqongo

Ubuxhakazwa ngobemikhonto
Bebuxhakazwa ngamadoda
Ngawas’eNhlophenkulu
Kubuz’uSayitsheni
Engowas’Empangeni
Wathi madoda kwenzanjani?
Bathi sibangel’iNkunzi
Yakithi kokaMathathela

INkosana abayikhiphe nyova
Ekhaya kubo kwaDlamahlahla
Bayibhekisa iMpumalanga
Bathi ayisoze yalibusa
Leli iawoSenzangakhona
Kanti okaNdaba uzakulibusa
Aze ayonethezeka
Iphume maqede
Inyathi kaNdaba
Ithi iphakathi
KukaNdunu noNongoma

Yawajik’amabombo
Yabuk’uMaduna
Ezalwa nguNhlanganiso
Izinkomo zikaMaduna
Zawafaka phansi amakhanda
Zabuk’abafowabo kwaMshanelo

Zikubuke zakwesaba
Ezakini kwaMinyamanzi
Ezazidi’amabala
Zidla kolukhulu ukhalo
LukaManqwashu

UMashoshozela obenjengenyosi
Iyezulwini
Usibasa lukhalweni kwabemukayo
Ubase phakathi kukaNdunu
NoNongoma

Izulu eladuma
Ekhaya kubo oSuthu
Eladuma lathath’iSiyoni
ISiyoni safa kabi
Ngoba safa sizilandel’izindaba
Kith’eMahlabathini

Umbango wasuka ngezibomvu
Ekhaya kub’oSuthu
UGagane lukaNdaba
Lubiy’umuzi wakubo
Lapha kwaDlamahlahla

UChakide obepheth’igula
Ethi angaz’alivule
Ekhaya kubo kwaDlamahlahla

IBululu likaNdaba
Elalingulumi muntu
Elaliluma umuntu
Ngoba elinyathele

UNyazi lukaNdaba
Olushay’amadoda
Nebinezwana layo
Laphelela esiswini

UFezela oneshon’ekhalweni
Ugijime ngokhalo olude
NgoloPhiyane
Yakhethelwa zingane
NgezaseKhatholika
EmaLomeni

IMamba eshaya izinhlu
Phansi kwezintaba ngezikaNunu
Unkomo zabhek’eBombolo
KwakungezawoMsenteli

Kwagijima uMpehlempehle
Ezalwa nguNdabokanye
Wathi inkosi siyiphangile
Kith’oSuthu
Yemukelwa nguThuthuza
Wathi ngiyayithanda
Ngeyesithole sakithi kwaSibiya
UFudu lukaNdaba
Olwazalela ngaphezu
Kwezindlu zamadoda
Zabola zonke
Nanamuhla kalokhu zisabolile

Umthukululi wefindo*
Elaliboshwe ngamadod’amabili
Ayethi silifinde sifindile
Akakho ongabuye alithukulule
Hlanga lomhlabathi
Silo saMakhosi!

THOLA ESAKHO ISIKIBHA ESINESITHAKAZELO SAKHO. ORDER: 061 868 5163 (WHATSAPP OR CALL) PRICE: R200

THOLA I-HOODIE ENEZITHAKAZELO ZAKHO: ORDER: 061 868 5163 PRICE: R400

Izithakazelo zakwa-Hlatshwayo

Izithakazelo zakwa-Hlatshwayo

Mhayise wakoLanga,
Ngwanya, Siyendana,
Cebisa kaMabhengeda,
Ugid’gogweni ovala emnyango ngamakhanda amadoda,
Mgogodlana,
Nina enanqoba ibuhto lakwaGob’izembe,
Ngele!

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: