Surname Meaning, History, Clan Names & Latest News

Izithakazelo Umlando Clan names Iziduko

Tag: Hlubi Page 1 of 2

Radebe Clan Praises

Radebe/Hadebe

Bhungane,

Bhungane kaNsele,

Zikode, Gob’izembe,

Makhulukhulu, Mehlomakhulu,

Umkhulu Bhungane,

NoNkulunkulu mkhulu, kodwa akangangoBhungane,

Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,

Mthimkhulu,

Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,

Mafuz’afulele njengelifu lemvula,

S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,

Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,

Ingab’emhlabeni zesabani?

Nina enindlebe zikhanya ilanga,

Nina enindlebe zinhle zombili,

Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,

Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,

Mahlubi amahle,

Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,

Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,

Ngelengele!

uRadebe ungumZulu noma ungumXhosa?

Ngabe uRadebe ungumZulu noma ungumXhosa? Isizwe samaXhosa sakhiwe yizizwe nezibongo. … Ukwenza isibonelo, uRadebe uyisizwe esincane, kodwa isizwe sakhe esikhulu Read more

Radebe Surname Meaning

Radebe means “Ancestor of the Amahlubi” in Zulu.

Izithakazelo zakwa Hlanguza

Izithakazelo zakwa Hlanguza

Imvelaphi yakwaBhengu | Bhengu surname origin

AbakwaBhengu | Ngcolosi UMUNTU wokuqala ongukhokho wabantu bakwaNgcolosi nguSongololo. Yena wazala uLusibalukhulu, uLusibalukhulu wazala uDlabazana ozala uBhengu. Kokhokho babantu bakwaNgcolosi Read more

Izibongo zakwaMbonambi

Mbonambi Clan Names - Izibongo zakwa Mbonambi Mabhodla, Mbuyazi, Ngiba kaMananga, Wena owaya ngaphesheya kwezilwandle wabona abantu abazindlebe zikhany'ilanga, Mabuya Read more

Izithakazelo zakwa Hlubi

Izithakazelo zakwa-Hlubi

Dlamini,
Nkosi, Ludonga,
Mavuso!

Tshezi Clan Names

Tshezi Clan Names *Zindela, Bombho, Bhayeka, Mkhosana, Mgaleli, Mavuso, Wena wakwa ms**u omnyama!*Some have written to us and claimed that Read more

Izibongo zakwa Nkosi

Yengwayo,Malinga,Ludonga,Mavuso,Mdladla,Mcineka,Gwazela,Phangisa

Izithakazelo zakwaMkhatshwa

Izithakazelo zakwaMkhatshwa

Zwide kaLanga,
Ndwandwe, Nxumalo,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandla simnene,
Somaphunga,
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

Umlando wenkosi uZwide kaLanga, Nxumalo Clan History

Nxumalo: king Zwide kaLanga history UZwide kaLanga (1758-1825) wayeyinkosi yesizwe sakwaNdwandwe (Nxumalo) kusukela ngeminyaka yawo-1805 kuya cishe ngowe-1820 Wayeyindodana kaLanga Read more

Izithakazelo zakwaMasuku

Izithakazelo zakwaMasuku Ndwandwe, Zisongo, Mkhatshwa, Zwide kaLanga, Nhlane, Mthondo wethusi uyacwebezela, Thunda bathole abafokazane, Snqamu sobhedu, Maphanjwa! Mgano owamila emini Read more

Izithakazelo zakwa-Ndwandwe

Izithakazelo zakwa-Ndwandwe

Zwide kaLanga,
Mkhatshwa,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandla simnene,
Somaphunga,
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

Izithakazelo zakwaMkhatshwa

Izithakazelo zakwaMkhatshwa Zwide kaLanga, Ndwandwe, Nxumalo, Okhabangezinde nezimaqhukubezana, Nkabanhle, Wena wase Gudunkomo, Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu, Nkomo Read more

Ndwandwe, Nxumalo

Abantu bakwa Ndwandwe baduma kakhulu ngesikhathi kubusa u Zwide eLangeni. Banobuhlobo obukhulu nabakwa Ngwane. ULanga wazala uMavuso owazala u Ludonga Read more

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: