Izithakazelo zakwa Ninela π Ninela clan
Tag: huizen Page 4 of 5
Izithakazelo zakwaMpungose
Khuba,
Tetemane,
Wena wephahla elinhlokonhle,
Gawozi,
Sgquma ndawonye njengengulube,
Mnukwa,
Phungul’uyasindwa,
Nyoni esindwa sisila sayo,
Slwane,
Wena wendlov’enamandla abayishaya baze bayishiya amasende bethi ifile kanti iyaphila,
Yaqhubeka yabandisa abantu,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngosiba,
Magadlela,
Somvumasi!
Izithakazelo zakwa-Gina
Magadlela,
Mhlungu,
Bukhosini!
Izithakazelo zakwa Gamede
Magadlela,
Mkholwa, Sebenzekhaya,
Mbebe!