Izithakazelo zakwaMpungose Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMpungose

Khuba,
Tetemane,
Wena wephahla elinhlokonhle,
Gawozi,
Sgquma ndawonye njengengulube,
Mnukwa,
Phungul’uyasindwa,
Nyoni esindwa sisila sayo,
Slwane,
Wena wendlov’enamandla abayishaya baze bayishiya amasende bethi ifile kanti iyaphila,
Yaqhubeka yabandisa abantu,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngosiba,
Magadlela,
Somvumasi!


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

1 thought on “Izithakazelo zakwaMpungose Clan Names Umlando”

Leave a Comment