clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Izithakazelo Page 2 of 86

Izithakazelo zakwaGumede

Gumede mnguni kayeyeye ompangazitha abath bedla imbuzi bebhuyabhuya umuntu ngendaba, khondlo omalandela abalandela amazalankosi qwabe wena waseMzimeleni nabakaKhuzwayo

Izithakazelo zakwa Mkholo

Please help with Mkholo clan names and izithakazelo

Izithakazelo zakwa Guma

Guma Clan Praises :
Mangena
oMangena ngezitho abanye bangena ngemicondo
Ngogwana
Somomose
Mpinda
Siyaya

Izithakazelo zako Jubane

Jubane clan & Brief History:

Abakwa jubane bayinzalo ka Mntungwa ka Nyawose Ngase ndlini ka donda weziziba.

O Jubane laba Babuye bahlobane nabakwa Mvelase ngomthwalo womfowabo kadonda weziziba u Mabaso owabe eyinyanga enkulu yakwa khumalo iningi labantu balesi sibongo batholakala kwelase Zimbabwe ngo komlandu we silo sakwa khumalo okuwu Mzilikazi kamashobane awasuka eminyakeni yo 1800 hundred lapha kwelase ningizimu Africa yilokho enginga kupha Kona mtakwethu.

Izithakazelo zako Jubane
Majubane, Damane, Mvalo, Mahlabane
Lonkosi onganyathikazi, Thubane KaMyeni,
Mgoqo ovale izintombi zenkosi zisiya
Kwazulu, Mvalo ongotshana,nina bakwa
Donda weziziba ngomthwalo wakwa Mabaso
Nina enayala ukubusa ngamabomo nathi akubuse isigwegwe sika bingweni, Bantwana benkosi
Nina enembatha isikhumba ngasoboyeni
Amanye ama Ntungwa esihlanekela
Mgoqo Sobuyase, Damane Mantungwa amahle
Makhosi amakhulu zinkosi Zama Nala
Ndabezitha

By MehlokazuluΒ 

Izithakazelo zakwa Ndunakazi

Ndunakazi Clan Names

Nophiko
Mgezane
Nonkulangamazwi
Mazwi angdilindile
Nsondo
Mangena ngezitho emanzin wendoda!!

Izithakazelo Zakwa Mbuli

Mbuli Clan Names 😍 Mbuli Clan Praises :
Mngunikazi
Lindisa
Gutshwayo
Nongombili
Makhunga
Ndlolothi engadliwa zinkomo
Wena owakhulu silibele
Mzila nje nge Nkosi
Wena wase zenzeni
Wena Mkhathakhatha Mthimunye
Msilaphenduka
Wena kaMtobheyane
Wena kaMakhasana
Wena kamahlalehloni kaMhlomiseni
kaBheje onwele zibhomvu njenge gazi
Izibongo aziqedwa !

Nyembe clan names 😍 Nyembe Izithakazelo

Ngubane
Mlotshwa
Gqalasa
Makhiwa
Wena owahamba washiya izinja zakwama senjana
Wena ogwaza lompofu ngayindlu yinye umesabani

Izithakazelo Mzelemu

AmaZelemu mahle ephelele, Zenda, Bhimbhi, Soso, Nkosimbili, Khawula, Khobane, Dlungele, Mpeshu, Wabane, Vebi, nina enosa uXamu ubheke ezantsi, Dombolo, NgcilBomvu, Gadla Bethithiza, Khawula, Ngulubane, Phakathwayo, Madiba, Hlathikazi, Debengu, Nhlangazimhlophe, Zangwa Ophongwe Lwasezihlabathini Zolwandle, Phathakahle, Nina enadla uNgele, Nina enabongwa iHobhe lathi nibahle maZelemu…. aziqedwaπŸ™

Ziqubu Clan Praises , Izithakazelo: Ziqubu

AbakwaZiqubu 😍 Ziqubu Clan Names

Ngonyama Yenduna,
Mpangazitha,
Joli Nabantu,
Biyase,
Mgidi KaTshana,
Mamba kayimudl umuntu imudla ngoba eyinyathela !

Izithakazelo zakwa Gwambe

GwambeΒ  Clan Names :
MJAJI,
THOBELA,
MTITIMELA

Page 2 of 86

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: