clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Khambule Page 1 of 2

Mncube | Ncube | Khambule Clans History & Clans

Izibongo eziphuma kwaMncube

NguMlotshwa,
Khambule, Khubisa, Dludlu noSibisi.
OSibisi kodwa bonabagcine sebephuma kuMlotshwa. Kanjalo uDludlu noKhubisa baphuma sebephuma kuKhambule.

Ake sibelamanise abakwaNcube\Mncube:

UNcube wazala uMzilankatha yena wazala
UMlotshwa owazala UMthombeni yena wazala uSiyobi owazala
uMadluya,
Mbovana,Khambule.
UMadlozi wazala uNdaba yena wazala
uNgonyama owazala uSogejana noMaguya (Mankomboya), Usogejana wazala Nonkatha
owazala uSomhlola noMapholoba.
UNonkatha wazala Mkosi owazala u-Jeremiah.
UMapholoba wazala uMaxhibana owazala
UMeveni noGunda. UMeveni wazala uHunu ozala inkosazana yakhe okunguSindisiwe,
ngu-Zachariah, ngu Busisiwe, nguTim, nguJabulan, uMsawenkosi kanye noSibusiso.
UMaguya (Mankomboya) wazala
uZinsongo noMkhatshwa. UMkhatshwa wazala uNdumeya no Maphofu. UMaphofu wazala Nyanda yena
wazala uNkiyankiya.
Indlu yaseSlutshana
UMbovana owazala uMaweni owazala uMgombane
owazala uMsimbu-yena wazala uFelani (owabusa isikhathi esincane washeshe
wakhothama) yena wazala uHlangabeza- ozala iNkosi uNkanyiso osabanjelwe ngunina
uNdlunkulu uHlelaphi (2009).
Abantu bakwaKhambule nabakwaKhubisa
Abantu bakwaKhambule baphuma kwaNcube.
Eqinisweni uKhambule bekuyithakazelo be kuthi uNcube kube isibongo. Kodwa uzalo
lukaKhambule owabe engumnawabo kaMadlozi bezalwa naye nguSiyobi
kaMthombeni kaMlotshwa kaMzilankatha
kaNcube lona lwanquma ukusenzisa igama lakhe njengesibongo.

Kwase kuba ukuvela kwesibongo sakwaKhambule. UKhambule lona ngenkathi inkosana yakwabo okwabe kunguMadlozi isithuthele kwaZulu lapho yase izitholele khona izwe esizweni sakwaMthethwa yena wavele wacela uyise ukuba amabele ifa okungelakhe.

Kwaba ukulithola wathutha ezintabeni zondi walibhekisa ezansi kwelamXhosa, wafikela endaweni eligwdule eyabe inesomiso, Izinkomo zafa zaphela indlala. Wanquma ukubuyela kuyise eyocela ezinye futhi izinkomo, nebala wafike wamnika futhi. Nazo zafike zafa zonke kuleyandawo
ayakhe kuyo.
Wathi uma esebuyela isithathu manje uyocela futhi kiyise wakhuza wababaza manje athi awu kanti wena usunguKhubisa ke wase ephuma eseyokwakha umuzi wakwaKhubisa. Kodwa wabadonsa ngendlebe ukuthi baze bengaganana nabantu bakwaNcube ngoba basengabantu abababodwa. Wabatshela ukuthi uma beke baganana bayozala izilima.


Uzalo lwakhe lwehlukana phakathi kwaba
khona oluzibiza ngoKhubisa kanti olunye lona lwazibiza nogKhambule. Lapha kuKhambule kubuye kuphune abantu bakwaDludlu abangahlobene noDludlu Ndanisa.

Laba babizwa ngoDldlu okwabe kuyindodana kaKhambule. LoDludlu wazala amadodana akhe alishumi nayedume ngoba iziqhwaga.

Uzalo lukaDludlu njengamanje lutholakala laphaya oGwini ko ezindaweni ezakhele ie Portshepstone. Abanye abantu bakwaKhambule sibathola bona sebakhe laphaya eSwazini.
Bayisizwe impela esiningi kuleliya likaMswati. Bafike kuleliyazwe beholwa nguMlambo kaKhambule.

Ngenkathi labantu bakwaKhambule beya eSwazini babehambisana nomhlobo wabo okwabe kunguShalibebe owabe ezalwa nguNgonyama kaNdaba kaMadlozi waseMancubeni owayesuke lena eDukuduku.
Ngenkathi befika eSwazini bafike kubusa Ingwenyama uNdungunya ongakaze abemukele ezweni lakhe. Babaleka bakhumbula ukubuyela kuleli likaMthiya.

Isenzo sikaNdungunya sabaphatha kabi lababantu. Bamfanisa nemfolozi emnyana eyayibemukisa nezingodo.
Bathi uma befika kuleli bahamba phakathi ngoba abanye basuka bayokwakha laphaya eMpolweni okungumfudlana osenyakathi nomfula uMngeni. Belapho babehlala becabanga ngesenzo senkosi uNdungunya owabaxosha kabi ezweni lakhe. Belapho sithola inkosi yabo kunguMpambani (Mbusi) kaMbozane kaLubombo.


Ake sibelamanise oKhambule:
UKhambule wazala uMlambo yena wazala
uLubombo owazala Mbozane yena wazala Mpambani( Mbusi)
ABAKWAMLOTSHWA
Abanye abantu bakwaNcube banquma ukuzibiza
ngoMlotshwa okungenye yamakhosi akhona amadalal. UMlotshwa wabe eyindodana
kaMzilankatha kaNcube. Nakuba UMlotshwa lona kwaNcube esebenza njenesithakazelo kodwa abanye bendlu yakhe uMlotshwa bagcina sebemsebenzisa njengesibongo.
Abantu bakwaMlotshwa sibathola ekusukeni nabantu basemaMbatheni ababakhe kwaHlazakazi kanye nabakwaMthembu. Kubo lababantu kube sekuphuma abantu baseZibisini zakwaButhela, ezimlom’ ubomvu nabantwana bazo, Izibisi zakwaSikiti sengimpongo yembuzi, kunabanye abantu bakwaMlotshwa abazibiza ngokuthi bangabakwaNkabini.

Mdiniso Clan Names

Izithakazelo zakwaMdiniso

Bhimbhi,

Dikose,

Kunene,

Khambule,

Malambalidlile njengenyamazane !

Ncube Clan History, Umlando wakwa Ncube

Ncube Clan Origin:

Mncube/Ncube on the following surnames:

Ncube, Mncube:* Khambule, Mlotshwa, Mzilankatha, Ngcamu, Mpangazitha, Zikhali, Makalima

All these surnames are actually Mncube/Ncube surnames but people opted to use toetems and grandparents names as surnames. I think you should look at the origins of the surname Ncube before assuming that it is a Kalanga surname. In actual fact these people are Sotho descendants and not Nguni. Research on the above surnames and you will discover that its actually one and the same surname with one toetem for all of them.

I do not dispute the fact that The Ncube surname has been used by the Kalanga and shona tribes (Malaba, Shoko etc), but these Ncubes are totally different from the Mzilankathas and are not Sotho descendants.

See below the history and origins of the above mentioned surnames and how they relate:

ABANTU BASEMANCUBENI Abantu basemaNcubeni ungababiza Mncube,Ncube noma Ke Sincuba iqiniso kusengabantu ababodwa laba. Labantu badabuka eLusuthu esizweni lesi sabeSuthu okungakuthi nabo bangabeSuthu.Sibathola bona sebezinze laphaya entabeni Intabazwe (Harriesmith) nasOndini(Underburg), Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulababantu nguye uMncube uqobo. Yenawazala uMzilankatha owazala uMlotshwa yena wazala uSiyobi owazala uMadlozi.Bafike kuleli lakwaZulu lisengalakwaMthethwa lonke leliyazwe elingaphesheya kwemfolozingaselwandle.

Abantu bakwaKhambule baphuma kwaNcube.
Eqinisweni uKhambule bekuyithakazelo be kuthi uNcube kube isibongo. Kodwa uzalo
lukaKhambule owabe engumnawabo kaMadlozi bezalwa naye nguSiyobi
kaMthombeni kaMlotshwa kaMzilankatha
kaNcube lona lwanquma ukusenzisa igama lakhe njengesibongo. Kwase kuba ukuvela
kwesibongo sakwaKhambule. UKhambule lona ngenkathi inkosana yakwabo okwabe
kunguMadlozi isithuthele kwaZulu lapho yase izitholele khona izwe esizweni
sakwaMthethwa yena wavele wacela uyise ukuba amabele ifa okungelakhe.

uNcube noKhambule, Ubuhlobo buka Ncube noKhambule

Uma sibheka emva lena, abantu bakwa-Ncube bankabayinye nabakwa-Khambule, Mlotshwa, Shezi, kanye nabantu baseziBisini. Ngomlando wakwethu, nansi inqolobane yama-Ncube, funda futhi uyigogose.

At the time of the entry of the Ntungwa-Ngunis into the Vryheid district out of the south-eastern Transvaal, and their subsequent break-up there into numerous clans, there was among them a certain leader named Mlotshwa. From this Mlotshwa family were afterwards derived the small eziBisini, emaNcubeni, and Khambule clans.

The family branch which later formed the eziBisini clan did not migrate far afield. In origin, they were closely related to the Mabaso-Khumalo-Khoza group of the Nondweni district; and, being few in numbers, they allied themselves with the Buthelezi chieftain and occupied a portion of his dominions abutting on the emaMbatheni and ebaThenjini, south of the White uMfolozi. These were they who called themselves
quote:

IziBisi zakwa-Buthela, ezi’mlom’ubomvu nabantwana bazo, zakwa-Sikithi seNgi’mpongo yembuzi.

They regard the iziBisi zakwa-Mahlase as an entirely different group. The most important person among them in iNkosi uShaka’s time was one Mtshana. His son, Mnqandi, eighty years later, was among that army of amaqhawe slaughtered by Zibhebhu, son of Maphitha, esigodlweni sase oNdini, ngonyaka ka-1883; and his grandson, Sishishili, was killed after the Bambatha uprising (imfazo yakwaZulu) of 1906.

Besides eziBisini, there was another Mlotshwa party who subjected themselves to the Buthelezi chief, and there grew into the emaNcubeni clan. Omakhelwane banomndeni babanikeza igama “amaZilankatha”, ngoba babenomkhuba wokuzila inkatha. EmaNcubeni, inkatha yabingalahlwa, kodwa yabishiswa besewuthi wonke owasekhaya abesegcoshwa ngomlotha. Kwakuyisiko labakwaNcube. Uzonanzelela ukuthi nanamhlanje izithakazelo zamaNcube zonke ziqala kanjena “…eNkatha…”. Ngokuphelele, njengoba ngilandisile ngaphezulu, kufanele kuthiwe “…eMzilankatha….”. Uma ufuna ngokugcwele izithakazelo zemaNcubeni, nginakho ukukunikeza. Before long, some of abakwaNcube migrated coastwards in search of more congenial settlement sites. There, they subjected themselves to the Mthethwa chief, Jobe [wabusa kusuka ngo-1790 kusiya ngo-1807], and were given a home eduze nendawo abathi namhlanje kuse Dukuduku, near the mouth of St. Lucia Bay. At their head was Zisongo, son of Makhombolo; there was also Magula, son of Ngonyama, of Solamba, of Mdungazwe, of Sidimbane. With time, this section of the family down at the coast became there known as abakwa-Ncube, not as abasema-Ncubeni.

Uma ufisa, ngokulandisela futhi umlando wabantu bakwa-Khambule, abahlobana nabakwa-Ncube, njengoba ngishilo ngaphezulu. Okwamanje, ngizokuma khona lapha.

Abanye babantu bakwa-Ncube kukhanya sengathi bawela uMbengwana neviyo ebelikhokhelwe yinduna uGundwane Ndiweni. KwaMthwakazi, iningi nalomndeni belihleli endaweni okuthiwa eMakhandeni (Fort Rixon), futhi bathathelwa umhlaba ngabelungu emaphethelweni ama-1950’s. Emva kwalesosiga, basabalala; kodwa iningi namhlanje nihleli ezabelweni ezehlukene khona eNkayi. Futhi, uqinisile umfokaKhumalo uma ethi yena iNduna ebidumile yasemaNcubeni kwakunguyena uDakamela. Bheka, nanamhlanje kukhona indawo lena eNkayi abathi kwaDakamela.

Izithakazelo zoMncube

Mncube
Khambule
Gasolo
Mayela
Mlotshwa

 

Izibongo zakwa Makhombothi

Makhombothi:

  • Ntumbeza,
  • Mlotshwa,
  • Ntunzi,
  • Cabuzela onyawo zincane zingabankulu zifuze ekhabonina,
  • Khambule,
  • Nkambule,
  • Mzilankatha,
  • Shezi,
  • Magidla

Izithakazelo zakwa Ncube

Ncube

Mzilankatha

Gabadeli

Nhlansi

Khambule

Inkatha kayingen’endlini,

Yangena kubola izinkaba zabantwana,

Nina bakaNkomo zilal’uwaca,

Ezamadojeyana zilal’amankengana,

Mlotshwa,

Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,

Mpangazitha, Magasolo,

Nina basebuhlen’obungangcakazi,

Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,

Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,

Nina bakaDambuza Mthabathe,

Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,

Kwakhuz’abantu benifihla,

naphenduk’ abakaKhambule,

Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,

Msuthu,

Mncube onsundu ngezinyawo zakho,

Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,

Nina baseSilutshana,

Nin’enakhelana noMbunda,

Nina bakaMaweni,

Nzimande,

Mncaphayi, Shezi,

Malangatsha!

Izithakazelo zakwa Thomo

Thomo Clan Praises

Thomo Ndabezitha,

Khambule, Makhubo  

Masond’ amhloph’

aney’ nyawo zawo!

Wen’ owadl’ udadewenu,

uthi `kananyongo, `kanamhlehlo!

S’gung’ owathumel’

uKhuboni kaNdlovu

wath’ akabuye nengubo yob’nono!

Thomo!

Mgoza Clan

Mgoza

Zikode!

Izibongo zeSilo uBhekuzulu kaSolomon

Izibongo zeSilo uBhekuzulu kaSolomon


INkunzi elukhanda lubanzi
YakokaMathathela
Evimbel’uNgenetsheni
Yavalel’uButhelezi
Kwathiwa ivimbeleni bafana
Ingangen’ekhaya
Ngoba iyoth’ingangen’ekhaya
Ifik’zone izithole

INsingisi kaNdaba
Ebanga izul’ukuphendula
UMnguni wakithi

Itshe elehle phezulu
Kubo eNengeni

Libonwe ngoNdwandwe
Kanye nabaThembu
ONdwadwe bakithi eGudu
Balinomomozelela
AbaThembu bakithi eSandleni
Balinkwezela
Ngoba babeshaywa yisazelo
Kwakungeseziqaku lezinkomo zeNkosi

ISilo limaphandu
Yebo simaphumlela
Simpondo zingemva nangaphambili
Esifana nemvubu
Ngeyakithi oThukela

Ebuk’izinkomo yanyukubala
Yabuk’amadoda yamomotheka
UNondina kabuso
Ubuso badin’abakwabo
Uncwadi zafika kuqala
KuBhengu eMgungundlovu

UNdaba ofela ngezibomvu
Njengegama lomuzi
Wakub’eMgungundlovu

Isife sikaNdaba
Esobhabh’amadoda
Nanamuhla lokhu
Sisawabhabhile

Unomfaz’omuhle ngemilenze
Isigawuli semith’emkhulu
Emincane yayisal’iziwela
Isinambath’abasibonde
Basishiy’iphini
Siye saphakwa nguGilibethe
Obezalwa nguNgcongcwana
Kwathi uMdlangayedwa
Wasinda ngokuzibalekela

Ngoba edl’uNtabankulu
Ezalwa nguGwazil
KwabakwaMagwaza
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMasenjana
Ezalwa nguMkhanyile
KwabaseGazini
Wamqumba phansi
Koludumayo
Kwaze kwahuda
Nezimvana zakhe
Akwab’indaba zalutho

Wadl’uZindawule
Ezalwa nguMabheqemana
KwabaseMancwangeni
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Molweni
Kwabamhloph’abelungu
Embangweni eThokazi
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Ashion
Kwabamhloph’abelungu
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Barthalom
EziMantshini kwaNongoma
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho
Inkunz’eyedlule ngodumo
Kubo eMsizini
Yaze yasengwa nguShester
Phezulu eChesterville
URobertson wakhala
Kwabamhlophe abelungu

Unkomo zal’ukwanda
Kwelakithi kwaZulu
Ngoba zaliwe ngoMashu
Zaliwe ngoRobertson
Zaliwe ngomfo kaKhambule

Isililo abasikhal’endlini
Kubo kwaZiphethe
Kwakungakhalelwa lutho boNdaba
Kwakuyikukhumbula nje
Kwasendlini kwabo kokaNtuzwa

UBhusha obukhali
UBhush’obhush’amadoda
Uncwadi zaphum’emqulwini
Kunina okaMathathela

UMngoma owethwasela*
Emthonjeni weMbile
Abany’abangoma
Bethwasela
Phezu kweNgoqongo

Ubuxhakazwa ngobemikhonto
Bebuxhakazwa ngamadoda
Ngawas’eNhlophenkulu
Kubuz’uSayitsheni
Engowas’Empangeni
Wathi madoda kwenzanjani?
Bathi sibangel’iNkunzi
Yakithi kokaMathathela

INkosana abayikhiphe nyova
Ekhaya kubo kwaDlamahlahla
Bayibhekisa iMpumalanga
Bathi ayisoze yalibusa
Leli iawoSenzangakhona
Kanti okaNdaba uzakulibusa
Aze ayonethezeka
Iphume maqede
Inyathi kaNdaba
Ithi iphakathi
KukaNdunu noNongoma

Yawajik’amabombo
Yabuk’uMaduna
Ezalwa nguNhlanganiso
Izinkomo zikaMaduna
Zawafaka phansi amakhanda
Zabuk’abafowabo kwaMshanelo

Zikubuke zakwesaba
Ezakini kwaMinyamanzi
Ezazidi’amabala
Zidla kolukhulu ukhalo
LukaManqwashu

UMashoshozela obenjengenyosi
Iyezulwini
Usibasa lukhalweni kwabemukayo
Ubase phakathi kukaNdunu
NoNongoma

Izulu eladuma
Ekhaya kubo oSuthu
Eladuma lathath’iSiyoni
ISiyoni safa kabi
Ngoba safa sizilandel’izindaba
Kith’eMahlabathini

Umbango wasuka ngezibomvu
Ekhaya kub’oSuthu
UGagane lukaNdaba
Lubiy’umuzi wakubo
Lapha kwaDlamahlahla

UChakide obepheth’igula
Ethi angaz’alivule
Ekhaya kubo kwaDlamahlahla

IBululu likaNdaba
Elalingulumi muntu
Elaliluma umuntu
Ngoba elinyathele

UNyazi lukaNdaba
Olushay’amadoda
Nebinezwana layo
Laphelela esiswini

UFezela oneshon’ekhalweni
Ugijime ngokhalo olude
NgoloPhiyane
Yakhethelwa zingane
NgezaseKhatholika
EmaLomeni

IMamba eshaya izinhlu
Phansi kwezintaba ngezikaNunu
Unkomo zabhek’eBombolo
KwakungezawoMsenteli

Kwagijima uMpehlempehle
Ezalwa nguNdabokanye
Wathi inkosi siyiphangile
Kith’oSuthu
Yemukelwa nguThuthuza
Wathi ngiyayithanda
Ngeyesithole sakithi kwaSibiya
UFudu lukaNdaba
Olwazalela ngaphezu
Kwezindlu zamadoda
Zabola zonke
Nanamuhla kalokhu zisabolile

Umthukululi wefindo*
Elaliboshwe ngamadod’amabili
Ayethi silifinde sifindile
Akakho ongabuye alithukulule
Hlanga lomhlabathi
Silo saMakhosi!

THOLA ESAKHO ISIKIBHA ESINESITHAKAZELO SAKHO. ORDER: 061 868 5163 (WHATSAPP OR CALL) PRICE: R200

THOLA I-HOODIE ENEZITHAKAZELO ZAKHO: ORDER: 061 868 5163 PRICE: R400

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: