Umlando: Kheswa
Kheswa surname come from original kwa Zulu natal okheswa bayinzalo ka Mnguni o Kheswa babehlala ezindaweni ezahlukene kwa Zulu babehlala Olundi nase Mpofana eThukela uKheswa no Mbanguba bayisizukulwana sika Nozulu u Kheswa no Mbanguba bazalwa u Makhathini lesisizwe saziwa ngoba amaChumane salwa sodwa ke lesisizwe bebanga ubukhosi sachitheka abanye bayongena e eastern abanye bayongena e Lesotho abanye eswatin oKheswa bangamazulu ngobuzwe bayinzalo kwa Zulu ngisho nalapho base eastern cape mele siwqonde umlando bafethu e eastern cape kune zizwe ezahlukene kuna Bathembu amahlubi amaChumane amaBhele babuya la kwa Zulu labantu. Kuphinde kube naMampondo kube namaxhosa. Kuphinde kube namabhaca nawo abuya la kwa zulu abekho ngaphbansi kuka Xhosa banenkosi zabo amahlubi abathembu amabhaca nina maChumane nabulahla ubukhosi benu nihambe ningena ngaphansi kwezizwe lapho e eastern cape abanye bangene phansi kwa mahlubi abanye phansi kwa mabhaca isathakazelo sakwa Kheswa
Nozulu
Mpangazitha
Makhathini
Mnguni
Mbanguba
Mpofana
Thukela
Mnguni omuhle wakwa Mchumane Mazalankosi Nozulu liyasa liyasibekela Malandela nina bezulu eliphezulu eladuma lathatha umuntu kwanga kulunywa ndaba kwathiwa inkosazwe iyadlala izimpofana ezawela umlaza ngameva ngaba khungwa ngo gongolo enhla ne Mpofana ne Thukela inkonjane ebomvu endiza emafini amachumane amahle aluhlaza abushelezi njengetshe lomfula intombi engaganaga kwa Kheswa iyozala izinkwapha ngezinkwapha kepha eganele kwa Kheswa iyozala amacocobela usuthu oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlana nina baso Olundi ulumahlikikana luzumana kaMnguni