Mafu kawalingani nawaseNtshengeko ngoba awaseNtsheko angubongubo. Macansi agcwele izindonga. Mhashaza KaNgwadla ka Thambo lanyoka lihlaba elimzondayo ungezwa bethi yedlulela phambili kanti bakugodlele imikhonto. Oye ezansi wabuyelela wathi kwa Zimase akusavalwa ngamvalo sekuvalwa ngamakhanda amadoda. Nsele Ka Linda Mkhonto ngimele Ngisalande ezami eZungeni.
Tag: Linda Page 1 of 2
Izithakazelo zakwa Zwane
- Zwane
- Mangethe
- Linda Mkhonto
- Umafa avuke
- Zikode kaPhikela
- UZwane akadlelanga phansi
- Wadlela emkhombeni Wezinyamazane
- Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda
- Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele
- Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
- Kuthiwa udle izinjana zimbili
- Zigcwele umdakana!
- Ntshosho!
- Wena Kamafu kawalingani- angaphansi naphezulu
- Ngoba aphezulu angubo ngubo!
- Ntsele kaLinda kaMkhonto!
- Awungilinde Ngilande Ezami
- Mthanti!Nduna ngokuthwal’ isila sensele!
- UNtsele kangakanani,
- Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
- Nin’ enadlel’ encazeni!
- Nin’ eniphakel’ umyeni odengeleni,
- Ngoba ningabenkosi.
- Zikode kaNdabansele
- Mabhayi kawalingani awangaphansi nawangaphezulu
- Nina bakaVezi
- Owadl’ isihlahla njengengwababane!
Zwane – Phikela wengwe – Nselenduna nina base tsheni lase Ntshenteka
Zwane – Mandaba, Ukub’ uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ngubani?
Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka, ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela
Ntshosho, obhukuda ezizibeni ezijulile, uma engabhukudi kwezijulile zibuya nodaka
Mangethe omakhandakhanda
Nina baseMangweni !
Zikode !!!
Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies zakwa Zwane Whatsapp / call: 061 868 5163
Prices:
t-shirt: R200
Hoodies: R400
Izithakazelo zakwa Mhlamvu 😍 Mhlamvu Clan Names
Uma unazo sicela uzithumele kule email: [email protected]
Izithakazelo zakwaMlangeni
Magasela,
Sishiya, Madondo,
Mdephane, Dlamani,
Sacolo,
Sidwaba siluthuli, singabancwaba seza nomlandakazi,
Linda!
Izithakazelo zakwa-Cebekhulu
Gobeni,
Nsele,
Mangethe Zikode kaPhikela,
Wena Wasetsheni,
UZwane akadlelanga phansi wadlela emkhombeni wezinyamazane,
Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda,
Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele,
Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
Kuthiwa udle izinjana zimbili zigcwele umdakana,
Ntshosho!
Wena kaMafu kawalingani,
Aphansi naphezulu,ngoba aphezulu angubo ngubo,
Ntsele kaLinda kaMkhonto,
Awungilinde ngilande ezami eZungeni,
Mthanti,
Nduna ngokuthwal’ isila sensele,
UNtsele kangakanani,
Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
Isikhova singathi,”hhi” sibona imihlambi yezinkomo nabantu,
Nin’enadlel’encazeni,
Nin’eniphakel’umyeni odengeleni,
Ngoba ningabenkosi.
Zikode kaNdabansele,
Mabhayi kawalingani nawangaphansi nawangaphezulu,
Mangethe,
Nina bakaVezi Owadl’isihlahla njengengwababane,
Zwane,
Phikela wengwe,
Nselenduna nina basetsheni laseNtshenteka,
Mandaba,
Ukub’uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ubani?
Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka,
Ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela Ntshosho,
Nina BaseMangweni!