clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Linda Page 1 of 2

Linda Clan Praises

Linda

Magidi
Zimase

Cebekhulu

Mshayisa
Dephuza

Mafu kawalingani nawaseNtshengeko ngoba awaseNtsheko angubongubo. Macansi agcwele izindonga. Mhashaza KaNgwadla ka Thambo lanyoka lihlaba elimzondayo ungezwa bethi yedlulela phambili kanti bakugodlele imikhonto. Oye ezansi wabuyelela wathi kwa Zimase akusavalwa ngamvalo sekuvalwa ngamakhanda amadoda. Nsele Ka Linda Mkhonto ngimele Ngisalande ezami eZungeni.

Izithakazelo zakwa Zwane

Izithakazelo zakwa Zwane

  • Zwane
  • Mangethe
  • Linda Mkhonto
  • Umafa avuke
  • Zikode kaPhikela
  • UZwane akadlelanga phansi
  • Wadlela emkhombeni Wezinyamazane
  • Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda
  • Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele
  • Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
  • Kuthiwa udle izinjana zimbili
  • Zigcwele umdakana!
  • Ntshosho!
  • Wena Kamafu kawalingani- angaphansi naphezulu
  • Ngoba aphezulu angubo ngubo!
  • Ntsele kaLinda kaMkhonto!
  • Awungilinde Ngilande Ezami
  • Mthanti!Nduna ngokuthwal’ isila sensele!
  • UNtsele kangakanani,
  • Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
  • Nin’ enadlel’ encazeni!
  • Nin’ eniphakel’ umyeni odengeleni,
  • Ngoba ningabenkosi.
  • Zikode kaNdabansele
  • Mabhayi kawalingani awangaphansi nawangaphezulu
  • Nina bakaVezi
  • Owadl’ isihlahla njengengwababane!

Zwane – Phikela wengwe – Nselenduna nina base tsheni lase Ntshenteka

Zwane – Mandaba, Ukub’ uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ngubani?

Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka, ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela

Ntshosho, obhukuda ezizibeni ezijulile, uma engabhukudi kwezijulile zibuya nodaka

Mangethe omakhandakhanda

Nina baseMangweni !
Zikode !!!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies zakwa Zwane Whatsapp / call: 061 868 5163
Prices:
t-shirt: R200
Hoodies: R400

Izibongo zakwa Cebekhulu

Shabane Clan Names

Shabane
Dwala
Majiya
Mabhal ngozipho abanye bebhal ngepensel
Mabiya ngwoko
Sbumbu esiqumbil
Linda

Izithakazelo zakwa Ndlozi

Ndlozi, Nsibande, Linda, Mjaji, Wena owalinda izingwe nezingonyama, mdlanyoka, Mdluli, Inhlunukuhlangana nenhlabathi kuphumabantu, Hlanga lwam wavelaphi na?hlanga lwam waveleswatin

Izithakazelo zakwa Linda

Ntsele kalinda mkhonto dibahkasiziba

Izithakazelo zakwa Mhlamvu

Izithakazelo zakwa Mhlamvu 😍 Mhlamvu Clan Names

Uma unazo sicela uzithumele kule email: [email protected]

Izibongo zeSilo uBhekuzulu kaSolomon

Izibongo zeSilo uBhekuzulu kaSolomon


INkunzi elukhanda lubanzi
YakokaMathathela
Evimbel’uNgenetsheni
Yavalel’uButhelezi
Kwathiwa ivimbeleni bafana
Ingangen’ekhaya
Ngoba iyoth’ingangen’ekhaya
Ifik’zone izithole

INsingisi kaNdaba
Ebanga izul’ukuphendula
UMnguni wakithi

Itshe elehle phezulu
Kubo eNengeni

Libonwe ngoNdwandwe
Kanye nabaThembu
ONdwadwe bakithi eGudu
Balinomomozelela
AbaThembu bakithi eSandleni
Balinkwezela
Ngoba babeshaywa yisazelo
Kwakungeseziqaku lezinkomo zeNkosi

ISilo limaphandu
Yebo simaphumlela
Simpondo zingemva nangaphambili
Esifana nemvubu
Ngeyakithi oThukela

Ebuk’izinkomo yanyukubala
Yabuk’amadoda yamomotheka
UNondina kabuso
Ubuso badin’abakwabo
Uncwadi zafika kuqala
KuBhengu eMgungundlovu

UNdaba ofela ngezibomvu
Njengegama lomuzi
Wakub’eMgungundlovu

Isife sikaNdaba
Esobhabh’amadoda
Nanamuhla lokhu
Sisawabhabhile

Unomfaz’omuhle ngemilenze
Isigawuli semith’emkhulu
Emincane yayisal’iziwela
Isinambath’abasibonde
Basishiy’iphini
Siye saphakwa nguGilibethe
Obezalwa nguNgcongcwana
Kwathi uMdlangayedwa
Wasinda ngokuzibalekela

Ngoba edl’uNtabankulu
Ezalwa nguGwazil
KwabakwaMagwaza
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMasenjana
Ezalwa nguMkhanyile
KwabaseGazini
Wamqumba phansi
Koludumayo
Kwaze kwahuda
Nezimvana zakhe
Akwab’indaba zalutho

Wadl’uZindawule
Ezalwa nguMabheqemana
KwabaseMancwangeni
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Molweni
Kwabamhloph’abelungu
Embangweni eThokazi
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Ashion
Kwabamhloph’abelungu
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Barthalom
EziMantshini kwaNongoma
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho
Inkunz’eyedlule ngodumo
Kubo eMsizini
Yaze yasengwa nguShester
Phezulu eChesterville
URobertson wakhala
Kwabamhlophe abelungu

Unkomo zal’ukwanda
Kwelakithi kwaZulu
Ngoba zaliwe ngoMashu
Zaliwe ngoRobertson
Zaliwe ngomfo kaKhambule

Isililo abasikhal’endlini
Kubo kwaZiphethe
Kwakungakhalelwa lutho boNdaba
Kwakuyikukhumbula nje
Kwasendlini kwabo kokaNtuzwa

UBhusha obukhali
UBhush’obhush’amadoda
Uncwadi zaphum’emqulwini
Kunina okaMathathela

UMngoma owethwasela*
Emthonjeni weMbile
Abany’abangoma
Bethwasela
Phezu kweNgoqongo

Ubuxhakazwa ngobemikhonto
Bebuxhakazwa ngamadoda
Ngawas’eNhlophenkulu
Kubuz’uSayitsheni
Engowas’Empangeni
Wathi madoda kwenzanjani?
Bathi sibangel’iNkunzi
Yakithi kokaMathathela

INkosana abayikhiphe nyova
Ekhaya kubo kwaDlamahlahla
Bayibhekisa iMpumalanga
Bathi ayisoze yalibusa
Leli iawoSenzangakhona
Kanti okaNdaba uzakulibusa
Aze ayonethezeka
Iphume maqede
Inyathi kaNdaba
Ithi iphakathi
KukaNdunu noNongoma

Yawajik’amabombo
Yabuk’uMaduna
Ezalwa nguNhlanganiso
Izinkomo zikaMaduna
Zawafaka phansi amakhanda
Zabuk’abafowabo kwaMshanelo

Zikubuke zakwesaba
Ezakini kwaMinyamanzi
Ezazidi’amabala
Zidla kolukhulu ukhalo
LukaManqwashu

UMashoshozela obenjengenyosi
Iyezulwini
Usibasa lukhalweni kwabemukayo
Ubase phakathi kukaNdunu
NoNongoma

Izulu eladuma
Ekhaya kubo oSuthu
Eladuma lathath’iSiyoni
ISiyoni safa kabi
Ngoba safa sizilandel’izindaba
Kith’eMahlabathini

Umbango wasuka ngezibomvu
Ekhaya kub’oSuthu
UGagane lukaNdaba
Lubiy’umuzi wakubo
Lapha kwaDlamahlahla

UChakide obepheth’igula
Ethi angaz’alivule
Ekhaya kubo kwaDlamahlahla

IBululu likaNdaba
Elalingulumi muntu
Elaliluma umuntu
Ngoba elinyathele

UNyazi lukaNdaba
Olushay’amadoda
Nebinezwana layo
Laphelela esiswini

UFezela oneshon’ekhalweni
Ugijime ngokhalo olude
NgoloPhiyane
Yakhethelwa zingane
NgezaseKhatholika
EmaLomeni

IMamba eshaya izinhlu
Phansi kwezintaba ngezikaNunu
Unkomo zabhek’eBombolo
KwakungezawoMsenteli

Kwagijima uMpehlempehle
Ezalwa nguNdabokanye
Wathi inkosi siyiphangile
Kith’oSuthu
Yemukelwa nguThuthuza
Wathi ngiyayithanda
Ngeyesithole sakithi kwaSibiya
UFudu lukaNdaba
Olwazalela ngaphezu
Kwezindlu zamadoda
Zabola zonke
Nanamuhla kalokhu zisabolile

Umthukululi wefindo*
Elaliboshwe ngamadod’amabili
Ayethi silifinde sifindile
Akakho ongabuye alithukulule
Hlanga lomhlabathi
Silo saMakhosi!

THOLA ESAKHO ISIKIBHA ESINESITHAKAZELO SAKHO. ORDER: 061 868 5163 (WHATSAPP OR CALL) PRICE: R200

THOLA I-HOODIE ENEZITHAKAZELO ZAKHO: ORDER: 061 868 5163 PRICE: R400

Izithakazelo zakwaMlangeni

Izithakazelo zakwaMlangeni

Magasela,
Sishiya, Madondo,
Mdephane, Dlamani,
Sacolo,
Sidwaba siluthuli, singabancwaba seza nomlandakazi,
Linda!

Izithakazelo zakwa-Cebekhulu

Izithakazelo zakwa-Cebekhulu

Gobeni,
Nsele,
Mangethe Zikode kaPhikela,
Wena Wasetsheni,
UZwane akadlelanga phansi wadlela emkhombeni wezinyamazane,
Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda,
Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele,
Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
Kuthiwa udle izinjana zimbili zigcwele umdakana,
Ntshosho!
Wena kaMafu kawalingani,
Aphansi naphezulu,ngoba aphezulu angubo ngubo,
Ntsele kaLinda kaMkhonto,
Awungilinde ngilande ezami eZungeni,
Mthanti,
Nduna ngokuthwal’ isila sensele,
UNtsele kangakanani,
Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
Isikhova singathi,”hhi” sibona imihlambi yezinkomo nabantu,
Nin’enadlel’encazeni,
Nin’eniphakel’umyeni odengeleni,
Ngoba ningabenkosi.
Zikode kaNdabansele,
Mabhayi kawalingani nawangaphansi nawangaphezulu,
Mangethe,
Nina bakaVezi Owadl’isihlahla njengengwababane,
Zwane,
Phikela wengwe,
Nselenduna nina basetsheni laseNtshenteka,
Mandaba,
Ukub’uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ubani?
Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka,
Ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela Ntshosho,
Nina BaseMangweni!

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: