clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Lwandle

Izibongo zakwa Mseleku

Ezakwa Mseleku

Mandlangisa Clan Names

Mandlangisa,

Mathole,

uLwalwane,

uLwandle aluwelwa luwelwa ziiNkonjane kuphela,

ndizalwa yintombi yakwaXhosa uMasthathu uNdebe uKhophoyi,

uHase,

uNkomo-zbomvu!!!

Izithakazelo zakwaMavundla

Mavundla Clan Names

Mavundla,
Mwelase,
Lwandle kaluwelwa, luwelwa izinkonjanezabelungu.
Mgqwabagqwaba ongenakhasi
Shikila, Mbova.
Nzima, Mazibuko, Thabekhulu, Ludonga, Mbopha kasthay

Mzimela Clan Praises 😍 Izithakazelo zakwaMzimela

Mzimela

Mnguni

Donda!

Lwandle aluwelwa luwelwa ziNkonjane

Ntshishwayo wena wase Ndingazeni

Veziwomlomo Sihubela Sbhakuza salolukhethe

Njingili!

Izithakazelo zakwaMbokazi

Izithakazelo zakwaMbokazi

Donda,
Nxele, Sontuli,
Lwandle aluwelwa, luwelwa zinkonjane,
Zona eziphapha phezul’emafini,
Phangela kobhongo, nakoqhoqhoqho,
Mlamulankunzi ngab’uziyekile, zabulalana,
Hlamukazi kaMdaka, umdaka usezintangeni,
Wen’owephul’umuth’uphekiwe endlini kaMantombase,
Wena kaPhangela, owaphangel’izinkomo zamadoda!

Izithakazelo zakwa-Duma

Izithakazelo zakwa-Duma

Ntenga,
Mthombeni,
Lwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane kuphela zona ezindiza phezulu,
Ngongolozi owaphekwa netshe,
Kwavuthwa lona kuqala,
Thabisa,
Mvenya!

  • Mthembu
  • Qhudeni,
  • Mvelase owavele Nyandeni,
  • Mvelase ka Guda,
  • Ngoza ka Mkhubukeli ka Gazi nina base Mlamlankunzi.
  • Izithakazelo zakwa Msimango
  • Thabizolo, Nonkosi, Mlotshwa,
  • Pembe ka Lokothwayo,
  • Ngelengele, Mhlehlelu,
  • Nhlokozabafo,
  • Sdindi ka Siphuki…

Ezakwa Mseleku

  • Duma,
  • Lwandle,
  • Ntenga,
  • Mthombeni

Ezakwa Msibi:

  • Ndlondlo,
  • Mabuya,
  • Guliwe,
  • Siwela,
  • Gasa.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: