clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Machi

Gwentshu clan

Gwentshu

Zondi, Sgwebela nondaba, ndentsa law’bhunga nekhala, mchwilikazi, ngoba komkhulu, wathatha bukhosi, ntsingiza emnyama emaphiko amhlophe emlomo bomvu,Machi, Goba!

Imvelaphi yabantu bakwaMachi nobudlelwane noNgesi nezinye izibongo zakwaMachi

UMachi uzalwa Msuthu, kaNtamonde, kaSabela, kaHenga. Bavela eLusuthu. UMachi uMagoba inkosi eyabusa ngemuva kukaMachi. Inkosi uMagoba yayinamakhosikazi amane. Izindlu zawo kwakukhona eyakwaMhlamvu kankosikazi endala kulandele eyakwaMjaja, eyakwaNgesi kanye neyakwaMdunjana. Ngakhoke uMhlamvu, noMjaja, noNgesi, noMdunjana akuzona izibongo, kodwa amagama ezindlu zesithembu senkosi uMagoba. Siyazi ukuthi izibongo kwakungamagama amadodana endoda.

Yingakhoke kungezona izibongo ngoba kwakungamagama ezindlu, hhayi amadodana. Isibongo sika Mhlamvu, noMjaja, noNgesi noMdunjana, uMagoba kaMachi. Yingakhoke ungeke uthi uMhlamvu wuNgesi noma wuMjaja. Kodwa ungasho ukuthi bona bobabili bangu Magoba, bayizihlobo, bayazalana.

Izibongo zakwa MaChi

Machi,
Goba,
Lawu,
Ndenza,
Sdununu sentsingizi encanyana ebika izulu
Mbonwa,
Jolwayo,
Mbusi,
Nina bomkhosi omhle uphuma nelanga
Lisela, Majikija, Tambo, Vezi, Xabanisa abantu belungisa
Goba elihle
Nomabhongo owadla amahlwili enkomo ethi yinyama

MACHI!

Mdunjana Surname History

Umlando omfushane wakwaMdunjana. 

Umdunjana waphuma eDoornbrook. Udabuka esibongweni sakwa Machi. Uzalwa uJolwayo owazala amadodana amabili okungu Mithini noMbusi.Β 

Umithini washada wayokwakha endaweni yakwaMachi Eharding wafike watshala amadumbe amaningi athi uma enze umsebenzi bathi abantu β€œsaze sabusa esdunjaneni”, 

Kwangcina sekuyisibongo. Umdunjana wafika lapho wazala amadodana amahlanu. okungo: Okowo, Bhujusi, Osentonga, Uziga noOwakhe. Bonke laba abahlanu sebenesizukulwane sabo.

Goqo Clan Names

Izithakazelo zakwa-Goqo

Ndaba,

Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezimpambosi zomfula,

Nomvikela kaNokulamba kaDelwa,

Sobahle, Dubandlela

Ndongadilika kuphuz’izimpohlo,

Godo olungahlalwa nyoni oluhlalwa amankankane kuphela,

Amalala amahle alalanomunwe endunu avuka awuncinda akhomba ilanga,

Lwembu olumahwatha othi ungaluthinta luhwathabale!

Izibongo zeSilo uSolomon kaDinuzulu

Izibongo zeSilo uSolomon kaDinuzulu

INkayishan’enkulu kaMenzi
Ephuz’umlaza ngameva
Ulanga lisehlule madoda sesingavikithi
Ngosib’olusenkundleni
Kith’oSuthu
Luntula noyedwa ongaluthintayo

UNogwaj’oshiy’izinja zasOndini
UNgcede onyonkel’isife singawi
UMadlokovu sabel’uyabizwa
Bakubiza eNkonjeni

Ubizwa ngabamhlophe abelungu
Kawubizelwa ndaba zalutho
Bakubizel’ukukhuluma
Ngomhlabathi wakithi kwaMalandela
Bakubiz’ePitoli wavuma
Bakubiz’eMgungundlovu wavuma
Bakubiz’eShowe wavuma
AbakwaZulu bakubiza ngohlanya

Bathi mtakaNdaba uyazula
Ngoba udonse ngentambo ende yosizi
Wabuya ngentambende yosizi

Wathatha iziphakanyiswa
Wathi kazihlale ndawonye
Zibenjengamankankane
Wona ahlala ludweni lunye
Enqamulela umsundu
Umudli waMakhobongwana amabili
Elinye kungelakwaMadumelana
Elinye kungelakwaFelaphakathi

INyath’emnyama kaNdaba*
Eshoba limhlophe nasogabeni
Efuz’amahlath’amabili
Iwaphindela
Ngoba ifuze uMkhombe
Yafuza iNkonjeni
Lapho kuhlangana khona izifunda
Kwakungezemiful’emibili
KwakuyiSikhwebezi
Kanye neMfolozi

Umshisi wesikhotha
EsiseZindumeni phezulu
Kuze kuyosha esikuNdaba
Esibanzi ngasoPhongolo

UPhongolo olumanz’abomvu
ISigolodla sikaNdaba
Esibheka umuntu
Kube sengathi simjamele

Uphaphe oluphezu kwendlu
KokaNtuzwa
Kakho noyedwa
Ongalwathulayo
Ngisho kwabamnyama
Ngisho kwabamhlophe

INkomankoma kaNdaba
Ekhaz’amajaji
Lapha kwaNongoma
Yaze yakhaza aseEShowe
Umvuli wamasango
Namhla izwe belivalile
Abamhlophe abelungu

USingqungqungqu!
Kakhulumi kanamlomo
Unjengongaphakathi
Ezihlangwini zamadoda
Ugwabaa ebeliphethe mgodo
Nonhloyiya angalibuka
Az’akhathale

Umpondo zinde
Zingangamagudu ngawezinyathi
Indaba yenziwe
Ngamadoda ngawakwaNobamba

Yenziwe nguNdabankulu
Ezalwa nguluKhwazi
Yenziwe nguLokothwayo
Ezalwa nguZembe
Yenziwa nguMankulumani
Ezalwa nguSomaphunga

Abathath’izinkomo
Zakith’eMahhashini
Baze bazithela ndawonye
NezakwaNgenetsheni
Lidume lawathela
Amathons’esilimela

INkosi efungelwe
Ngamhlophe abelungu
Bathi akusekubakho Nkosi
Kithi koSenzangakhona

UmtakaNdabaa!
Uhlomel’ehlathini
Kwathi izibilini zamaJaji
Zabhambazela!
Kubhangazel’uMchitheki
Obezalwa nguZibhebhu

Kanti umtakaNdaba
Akaxabene namuntu
Wayeyodla umhlambi
Wezinyamazane nangaseNkonjeni
UMdlongodli wakithi Ezibindini
INcwincwi kaNdaba*
Ephuza kwezind’iziziba
Ithi ingaphuza kwezimfishane
Ibuya nodaka
Umthungo wofa lwembiza
Eyathubekela oThukela
Eyachezuk’izingcezu ezine
Olunye lwaya oSuthu
Olunye lwaya kwaMandlakazi
Olunye lwaya kwaNgenetsheni
Olunye lwaya kwaDukuza kaNomboza

Othunga limbe
Seliyosengula lingenamantshumpa
Umhlanganisi wemihlambi efanayo
Uhlanganise uNgenetsheni kanye noSuthu
Wahlanganisa uMandlakazi kanye noSuthu
Wahlanganisa uZulu wonkana

USeqamkhaya!
Losatshwa zinkonjane
NgezikaFalaza nezeMbokodebomvu
iNkosi ebhale ngozipho
Mhla iyakwehlukanisa
AMampondo kanye namaXhosa

Ngeshoba leNkonkoni
Elalibhul’izangoma
NakwaSoshangane
Izanoma zamnuka kwaMchunu
Isibhuxa esimathanga abushelelezi
NgesokaNtuzwa
Usikhafula mithi
Iphekiwe endlini kwabo
KokaNtuzwa

UMqwalajuba ngowoBeyisilie
UMqwalajuba ziyakwethuka
AmaWombe
Intaba ehlal’iNgonyama
Ngokwesab’izulu
Ukuduma

Kwathi iziphakanyiswa
Zayivula imilomo
UBayede!
UBayede kaNdaba!
INkosi yohlanga!

THOLA ESAKHO ISIKIBHA ESINESITHAKAZELO SAKHO. ORDER: 061 868 5163 (WHATSAPP OR CALL) PRICE: R200

THOLA I-HOODIE ENEZITHAKAZELO ZAKHO: ORDER: 061 868 5163 PRICE: R400

Izithakazelo zakwa-Machi

Izithakazelo zakwa-Machi

Goba,
Lawu,
Lisela,
Ndenza,
Mbonwa,
Mbusi kaJolwayo!!!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: