Phikela, Mawandla, Zikode, wena KaNobhada KaPhengane, Sikhotha sikaMalevu esisha singacishi, nyoni yenkosi engadliwa abafokazana eyadliwa ngukhondlo ematshalini, nogwaja omuhle ngemleze… incunc’ ephuza kwezid’ iziziba ngob’ kweyiseduz’ ibuya nodaka… Ndlela
Tag: Madide
Izithakazelo zakwa-Goqo
Ndaba,
Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezimpambosi zomfula,
Nomvikela kaNokulamba kaDelwa,
Ndongadilika kuphuz’izimpohlo,
Godo olungahlalwa nyoni oluhlalwa amankankane kuphela,
Amalala amahle alalanomunwe endunu avuka awuncinda akhomba ilanga,
Lwembu olumahwatha othi ungaluthinta luhwathabale!