clan names ๐Ÿ’™ clan history ๐Ÿ’ฏ

izithakazelo

Tag: Makhathini Page 1 of 2

Sonkophe clan names

Donda, Msiyane,
Jiba ongadliwa nyoni,
Gxabhashe, Xulu, nkophe ezinde ezingalingani nezabafokazane, Makhathini,
Mlilo uyavutha !

Mncwabe Clan Praises

Mncwabe,
Makhathini,
Nkomontle,
Fubela,
Mlilongathiwaโ€™malandakazi,
Ngxambalala,
Nqunqu ka mkhushelwa !

Izithakazelo zakwa Tutu kwa Zulu

Makhathini,
Xabhashe,
uBiyase,
Khuhla phansi njenge khowandlovu,
Wena owashaya phansi kwavela abantu nenkomo

Ngcemu Clan Praises

Ngcemu Clan Names
Makhathini,
Jojela KANOMTHANJANA
Litshe lika Ntunjambili elingavulwa bafokazana elivulwa zinkonjane zona ezihambela phezulu,
Donda wasenkwele,
Nomanzi,
Nkoph’ezinde ezingalingani nezabafokazana sonkophe Mabhinca’zbheke, Makhoveni,
Nina bakaNonkenteza owankenteza emhhumeni kwaNkalokazi wathi buyan magwala nezagila nemikhonto sengiybambile Ingwe,
Nina enehla ngeslulu Othukela,
Gxabhashe,
khuhla PHANSI njengekhowandlovu,
Nina enashaya phansi kwavelizinkomo nemizi !

QOZA Clan Praises QOZA Meaning & History

Qoza,
Mncwabe,
dzana,
zazela,
khwabisa,
makhathini,
manokonoko!

Mncwabe Clan Names

Mncwabe,
Makhathini,
Mnguni,
Maflima,
Nkomeni,
Qengeleli,
Yeleli,
Wena Owadla Usimu Nohlanga?

Mncwabe clan names

Mnguni,
Mpangazitha, Phakathi,
Sishangwe, Mjoji,
Makhathini!

Umlando wakwa Khuzwayo ๐Ÿ˜ Ubukhosi bakwaKhuzwayo

Khuzwayo origin ๐Ÿ˜ Khuzwayo surname

Nakhu engikwaziyo ngomlando nobukhosi bakwaKhuzwayo engingenaso isiqiniseko kangako ukuthi:

ymfana wakwaGumede ogama lakhe nguNyongwana wathandana nentombi yasebukhosini bakwaQwabe uNombedu eMthandeni, wabe esekhuzwa ngalesisenzo ngoba isibongo sakwaGumede siphuma kwesakwaQwabe ngakho-ke bayizihlobo.

Abafowabo ababengazi ngalesisenzo bakhuza emva kwendaba, kanti umonakalo sewenzekile, usekhulelwe uNombedu.

Sagcina sibikiwe isisu kwaGumede ukulandela isiko lesintu, izindaba zithe uma zifika enkosini yakwaQwabe mayelana nokukhuleliswa kwendondakazi yayo ikhuleliswa kwaGumede azangehla kahle, yabiza umhlangano wamaQwabe wonkana kukhona nabakwaGumede.

Kwakulusiko kwaZulu ukuthi intombazane mayisikhulelwe kufanele umfana ayithathe ibe ngumkakhe, inkosi yanquma ukuqeda ubuhlobo phakathi kwabakwaQwabe nabakwaGumede, abakwaGumede bayiphikisa inkosi bathi umfana akathunywanga yibo, futhi bona bamkhuza ngalesisenzo kodwa akangalalela.

AbakwaGumede banquma ukuzehlukanisa nalomfana, bamkhipha emndenini wabo, basebethi usenguKhuzwayo ngoba wakhuzwa, akakhe owakhe umndeni wakwaKhuzwayo.

Inkosi yakwaQwabe yabona usizi indodakazi yayo ezobhekana nalo, ishada nomuntu ongenamndeni, yasika ingxenye yendawo,yakaQwabe, yayinika indodakazi yayo uNombedu, wabe esegana yena uKhuzwayo, uNombedu waba yinkosi yokuqala yamaMbedu, kwaKhuzwayo. Ngicela ukulungiswa uma kukhona iphutha kulomlando.

Izithakazelo zakwa Xulu

Izithakazelo zakwa Xulu

makhathini,
gxabhashe,
donda wasenkweleni,
khuhla phansi njenge khowandlovu,
ntulikabongwa ubonga yenaย uzona umlomo,
wena owashaya phansi kwavela abantu nezinkomo,
sonkophe,sombisa

Izibongo zeSilo uSolomon kaDinuzulu

Izibongo zeSilo uSolomon kaDinuzulu

INkayishan’enkulu kaMenzi
Ephuz’umlaza ngameva
Ulanga lisehlule madoda sesingavikithi
Ngosib’olusenkundleni
Kith’oSuthu
Luntula noyedwa ongaluthintayo

UNogwaj’oshiy’izinja zasOndini
UNgcede onyonkel’isife singawi
UMadlokovu sabel’uyabizwa
Bakubiza eNkonjeni

Ubizwa ngabamhlophe abelungu
Kawubizelwa ndaba zalutho
Bakubizel’ukukhuluma
Ngomhlabathi wakithi kwaMalandela
Bakubiz’ePitoli wavuma
Bakubiz’eMgungundlovu wavuma
Bakubiz’eShowe wavuma
AbakwaZulu bakubiza ngohlanya

Bathi mtakaNdaba uyazula
Ngoba udonse ngentambo ende yosizi
Wabuya ngentambende yosizi

Wathatha iziphakanyiswa
Wathi kazihlale ndawonye
Zibenjengamankankane
Wona ahlala ludweni lunye
Enqamulela umsundu
Umudli waMakhobongwana amabili
Elinye kungelakwaMadumelana
Elinye kungelakwaFelaphakathi

INyath’emnyama kaNdaba*
Eshoba limhlophe nasogabeni
Efuz’amahlath’amabili
Iwaphindela
Ngoba ifuze uMkhombe
Yafuza iNkonjeni
Lapho kuhlangana khona izifunda
Kwakungezemiful’emibili
KwakuyiSikhwebezi
Kanye neMfolozi

Umshisi wesikhotha
EsiseZindumeni phezulu
Kuze kuyosha esikuNdaba
Esibanzi ngasoPhongolo

UPhongolo olumanz’abomvu
ISigolodla sikaNdaba
Esibheka umuntu
Kube sengathi simjamele

Uphaphe oluphezu kwendlu
KokaNtuzwa
Kakho noyedwa
Ongalwathulayo
Ngisho kwabamnyama
Ngisho kwabamhlophe

INkomankoma kaNdaba
Ekhaz’amajaji
Lapha kwaNongoma
Yaze yakhaza aseEShowe
Umvuli wamasango
Namhla izwe belivalile
Abamhlophe abelungu

USingqungqungqu!
Kakhulumi kanamlomo
Unjengongaphakathi
Ezihlangwini zamadoda
Ugwabaa ebeliphethe mgodo
Nonhloyiya angalibuka
Az’akhathale

Umpondo zinde
Zingangamagudu ngawezinyathi
Indaba yenziwe
Ngamadoda ngawakwaNobamba

Yenziwe nguNdabankulu
Ezalwa nguluKhwazi
Yenziwe nguLokothwayo
Ezalwa nguZembe
Yenziwa nguMankulumani
Ezalwa nguSomaphunga

Abathath’izinkomo
Zakith’eMahhashini
Baze bazithela ndawonye
NezakwaNgenetsheni
Lidume lawathela
Amathons’esilimela

INkosi efungelwe
Ngamhlophe abelungu
Bathi akusekubakho Nkosi
Kithi koSenzangakhona

UmtakaNdabaa!
Uhlomel’ehlathini
Kwathi izibilini zamaJaji
Zabhambazela!
Kubhangazel’uMchitheki
Obezalwa nguZibhebhu

Kanti umtakaNdaba
Akaxabene namuntu
Wayeyodla umhlambi
Wezinyamazane nangaseNkonjeni
UMdlongodli wakithi Ezibindini
INcwincwi kaNdaba*
Ephuza kwezind’iziziba
Ithi ingaphuza kwezimfishane
Ibuya nodaka
Umthungo wofa lwembiza
Eyathubekela oThukela
Eyachezuk’izingcezu ezine
Olunye lwaya oSuthu
Olunye lwaya kwaMandlakazi
Olunye lwaya kwaNgenetsheni
Olunye lwaya kwaDukuza kaNomboza

Othunga limbe
Seliyosengula lingenamantshumpa
Umhlanganisi wemihlambi efanayo
Uhlanganise uNgenetsheni kanye noSuthu
Wahlanganisa uMandlakazi kanye noSuthu
Wahlanganisa uZulu wonkana

USeqamkhaya!
Losatshwa zinkonjane
NgezikaFalaza nezeMbokodebomvu
iNkosi ebhale ngozipho
Mhla iyakwehlukanisa
AMampondo kanye namaXhosa

Ngeshoba leNkonkoni
Elalibhul’izangoma
NakwaSoshangane
Izanoma zamnuka kwaMchunu
Isibhuxa esimathanga abushelelezi
NgesokaNtuzwa
Usikhafula mithi
Iphekiwe endlini kwabo
KokaNtuzwa

UMqwalajuba ngowoBeyisilie
UMqwalajuba ziyakwethuka
AmaWombe
Intaba ehlal’iNgonyama
Ngokwesab’izulu
Ukuduma

Kwathi iziphakanyiswa
Zayivula imilomo
UBayede!
UBayede kaNdaba!
INkosi yohlanga!

THOLA ESAKHO ISIKIBHA ESINESITHAKAZELO SAKHO. ORDER: 061 868 5163 (WHATSAPP OR CALL) PRICE: R200

THOLA I-HOODIE ENEZITHAKAZELO ZAKHO: ORDER: 061 868 5163 PRICE: R400

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: