clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Malandela

AbaThembu baseRhoda… indlu ka Mpondombini

Thembu, Malandela, Mnguti, Ceduma, Bhomoyi, Ntande, Maya, Mbali, Mso, Gasa, Ntsiba, Mlawu, Magwa, Sitokhwe, Mbuyazwe, Alven (Ah! Mpondombini), Gomoza (Zwelidumile), Tatana (Zanendyebo), Siduntswana (Gawulebhuduza), Baxolele (Daliwonga).

Izithakazelo zakwa Gumede

Izithakazelo zakwa-Gumede

    Mnguni kaYeyeye,
    Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
    Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
    Abathi “dluya kubeyethwe”,
    Kanti bahlinza imbuzi, Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
    Sidika lolodaba,
    Wena kaMalandela,
    Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
    Amazala-nkosi lana!
    Mpangazitha!

Izithakazelo zakwa Dlamini Malandela

Izithakazelo zakwa Dlamini Malandela

Sibalukhulu,
Mdlovu,
Malandela,
Magaduzela,
Mabonela empunzini

Izithakazelo Zakwa Gumede

Izithakazelo Zakwa Gumede

Mnguni! Qwabe!
Mnguni kaYeyeye
osidlabehlezi
BakaKhondlo kaPhakathwayo
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe.”
Kanti bahlinza imbuzi.
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni
Sidika lolodaba!
Phakathwayo!
Wena kaMalandela
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!

General Standard–Royal Standard
1. Uhlanga
2. Muntu
3. Mnguni 1
4. Mithiyonke
5. Mnguni 2 ———-Mnguni
6. Nkosinkulu——–Nkosinkulu
7. Mdlani————–Mdlani
8. Gumede———–Luzumane
9. Nozimane———–Malandela
10. Malandela———Ntombela
11. Zulu—————–Zulu
12. Phunga———–Gumede
13. Mageba————-Phunga
14. (—–)————–Mageba
15. Ndaba
16. Jama
17. Senzangakhona
18. Sigujana, Shaka, Dingane
19. Mpande
20. Cetshwayo
21. Dinuzulu
22. Solomon Maphumzana
23. Cyprian Bhekuzulu
24. HM Goodwill Zwelithini

Ziyatholakala izikibha: 061 868 5163


Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: