clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Manana

Manana CLAN NAMES

Manana CLAN NAMES : If you know Manana CLAN NAMES or their history, please add it by leaving a REPLY below or by clicking this button + ADD CLAN NAMES

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Manana Clan [Eswatini]

Manana, Mcusi wase ndlunkulu kahabile, injingi, idada elibhula amanzi mabele made amunyisa umntwana ngaphesheya komfula Mcusi.Mbuyisa, wena wendlunkulu.
Owe ndlondl ’emnyama eyadl β€˜ubulongo yalibala. Icusi elidla licakathise.
Umcus’ onhlokonhle, Omfazi omabele made nangaphesheya kweNgwempisi uyacelisa. Manana! Mcusi! Mbuyisa! Mcusi wendlunkhulu, loluhlata njengencoshane.
ULomazomb’ uMasibekela, lowasibekela Ngwanengelutfuli.umfati lomabelemadze lonisele ngesheyakweLiGwa bangakaniseli. Ndzimandze waboGama !!!

Izithakazelo zakwa Manana?

Izithakazelo zakwa Manana
Manana,mbuyisa,mcusi wena wase Ndlunkulu , Wena ophuma endlini kwenile kwakukhona izinyoni ezimbili enye kuwu Ntaka enye kuwu Tshilo zathi Tshilotshilo bantwana safa ukuthuthumela ,Ndlondlo emnyama eyadla ubulongo yalibala.

Manana Clan Praises

Manana, Mcusi, Mbuyisa yamambane nina enidla nicakathise nibeke enzansi kwenkaba sbankwana simqumbeyelana singabamahoboshelana slambile ndlondlo lemyama eyadla ubulongo yaliba Mabele made ancelisa nangaphesheya komfula uMcusi wendlukulu akangakanani nasentendeni yesandla uyanela inyoni ezimbili enye yabheke zansi enye yabheka phezulu Manana Mcusi wendlunkulu!

Izithakazelo zakwa Manana

Manana Clan Praises :

Umlando wakwaQwabe 😍 Imvelaphi yabakwaQwabe

Imvelaphi yabakwaQwabe 😍 Qwabe surname origin

Okokuqala okumele sikulungise wukuthi uQwabe akaze aphume kwaMnguni.Kukhona emlandweni oQwabe ababili, owokuqala kanye nowesibili. Ngokunjalo naboGumede babili. Ngicabanga-ke ukuthi we a ubuza ngoQwabe wesibili ozalwa nguMalandela kaLuzumane kaMnguni. Njengamanjena buhlukene ka-5 ukukhosi bakwaQwabe; abaseMthandeni, abase-Waterfall, abaseNkanini, uQwabe-P noQwabe-N(labs ababili batholakala ogwini lweKZN).

Amanye amaQwabe afudukela ogwini oluseningizima ngabakwaMakhanya. AbakwaMakhanya babehambisana namanye amaQwabe kuyiqembu elilodwa beta emcimbini omkhulu wesizwe. Uma sebrfike oThukela, lwangenisa abanye nasals ngaphesheya, bahlukana kanjaloke. Ekunqotshweni kukaPhakathwayo nguShaka, kwaba nombango esizweni phakathi kwendodana kaPhakathwayo kanyr naboyise abancane.

Ekugcineni uShaka wabeka uNqetho kaKhondlo, owabe engumnaka Phakathwayo kodwa ezalwa endlini encane. Lutheran ekukhathameni kukaShaka, uNqetho wanqaba ukukhonza kuDingane. Wafuduka njalo elibangise eMampondweni. UDingane wamlandela ngempi eyahlangana amahlandla amathathu, kuwona wonke uDingane ubeshaywa abhulelwe amahlahla.

Enye impi abatholane kuyo kwanzima, bekukwaNgcolosi ngakwaNyuswa. Nakalokhu kunendawo lapho okuthiwa kukwaNqetho eqanjwe ngalo igama laleqhawe. Umlando made mfethu, kodwa ngizoma lapho ngoba ngiyethemba ukuthi kukhona osukucoshile. Uhambo lukaNqetho nalo lwalunezigigaba eziningi esobuye sikhuluma ngazo.

UQwabe-N engiphuma kuye mina, bayinzalo kaMteli kaPhakathwayo. UMtheli uzale uNgcukuca hyena ozale uNdunge. UNdunge uzale Stephen noShiyane. UShiyane wazala uNhlanhleni(Fortunatus). UNhlenhleni uzale ubaba ongizalayo. Uma kuba esidingo siyokwenaba ngemvelaphi yazozonke lezindlu zamaQwabe engizibalile, kuhlanganisa nabakwaMakhanya.

Izithakazelo Zakwa Nkabinde

Nkabinde Clan Names

Mcusi
Mphondle kaNdlolothi
Mafuya
Ngokufuyinkabi
Nina bakaMabelemade
Oncelisumntwana
Engaphesheya komfula.
Siyobi!
Gama Mboyisa!
Abakhokhelabantu behlezi
Ubusika nehlobo.

Izibongo zeSilo uSolomon kaDinuzulu

Izibongo zeSilo uSolomon kaDinuzulu

INkayishan’enkulu kaMenzi
Ephuz’umlaza ngameva
Ulanga lisehlule madoda sesingavikithi
Ngosib’olusenkundleni
Kith’oSuthu
Luntula noyedwa ongaluthintayo

UNogwaj’oshiy’izinja zasOndini
UNgcede onyonkel’isife singawi
UMadlokovu sabel’uyabizwa
Bakubiza eNkonjeni

Ubizwa ngabamhlophe abelungu
Kawubizelwa ndaba zalutho
Bakubizel’ukukhuluma
Ngomhlabathi wakithi kwaMalandela
Bakubiz’ePitoli wavuma
Bakubiz’eMgungundlovu wavuma
Bakubiz’eShowe wavuma
AbakwaZulu bakubiza ngohlanya

Bathi mtakaNdaba uyazula
Ngoba udonse ngentambo ende yosizi
Wabuya ngentambende yosizi

Wathatha iziphakanyiswa
Wathi kazihlale ndawonye
Zibenjengamankankane
Wona ahlala ludweni lunye
Enqamulela umsundu
Umudli waMakhobongwana amabili
Elinye kungelakwaMadumelana
Elinye kungelakwaFelaphakathi

INyath’emnyama kaNdaba*
Eshoba limhlophe nasogabeni
Efuz’amahlath’amabili
Iwaphindela
Ngoba ifuze uMkhombe
Yafuza iNkonjeni
Lapho kuhlangana khona izifunda
Kwakungezemiful’emibili
KwakuyiSikhwebezi
Kanye neMfolozi

Umshisi wesikhotha
EsiseZindumeni phezulu
Kuze kuyosha esikuNdaba
Esibanzi ngasoPhongolo

UPhongolo olumanz’abomvu
ISigolodla sikaNdaba
Esibheka umuntu
Kube sengathi simjamele

Uphaphe oluphezu kwendlu
KokaNtuzwa
Kakho noyedwa
Ongalwathulayo
Ngisho kwabamnyama
Ngisho kwabamhlophe

INkomankoma kaNdaba
Ekhaz’amajaji
Lapha kwaNongoma
Yaze yakhaza aseEShowe
Umvuli wamasango
Namhla izwe belivalile
Abamhlophe abelungu

USingqungqungqu!
Kakhulumi kanamlomo
Unjengongaphakathi
Ezihlangwini zamadoda
Ugwabaa ebeliphethe mgodo
Nonhloyiya angalibuka
Az’akhathale

Umpondo zinde
Zingangamagudu ngawezinyathi
Indaba yenziwe
Ngamadoda ngawakwaNobamba

Yenziwe nguNdabankulu
Ezalwa nguluKhwazi
Yenziwe nguLokothwayo
Ezalwa nguZembe
Yenziwa nguMankulumani
Ezalwa nguSomaphunga

Abathath’izinkomo
Zakith’eMahhashini
Baze bazithela ndawonye
NezakwaNgenetsheni
Lidume lawathela
Amathons’esilimela

INkosi efungelwe
Ngamhlophe abelungu
Bathi akusekubakho Nkosi
Kithi koSenzangakhona

UmtakaNdabaa!
Uhlomel’ehlathini
Kwathi izibilini zamaJaji
Zabhambazela!
Kubhangazel’uMchitheki
Obezalwa nguZibhebhu

Kanti umtakaNdaba
Akaxabene namuntu
Wayeyodla umhlambi
Wezinyamazane nangaseNkonjeni
UMdlongodli wakithi Ezibindini
INcwincwi kaNdaba*
Ephuza kwezind’iziziba
Ithi ingaphuza kwezimfishane
Ibuya nodaka
Umthungo wofa lwembiza
Eyathubekela oThukela
Eyachezuk’izingcezu ezine
Olunye lwaya oSuthu
Olunye lwaya kwaMandlakazi
Olunye lwaya kwaNgenetsheni
Olunye lwaya kwaDukuza kaNomboza

Othunga limbe
Seliyosengula lingenamantshumpa
Umhlanganisi wemihlambi efanayo
Uhlanganise uNgenetsheni kanye noSuthu
Wahlanganisa uMandlakazi kanye noSuthu
Wahlanganisa uZulu wonkana

USeqamkhaya!
Losatshwa zinkonjane
NgezikaFalaza nezeMbokodebomvu
iNkosi ebhale ngozipho
Mhla iyakwehlukanisa
AMampondo kanye namaXhosa

Ngeshoba leNkonkoni
Elalibhul’izangoma
NakwaSoshangane
Izanoma zamnuka kwaMchunu
Isibhuxa esimathanga abushelelezi
NgesokaNtuzwa
Usikhafula mithi
Iphekiwe endlini kwabo
KokaNtuzwa

UMqwalajuba ngowoBeyisilie
UMqwalajuba ziyakwethuka
AmaWombe
Intaba ehlal’iNgonyama
Ngokwesab’izulu
Ukuduma

Kwathi iziphakanyiswa
Zayivula imilomo
UBayede!
UBayede kaNdaba!
INkosi yohlanga!

THOLA ESAKHO ISIKIBHA ESINESITHAKAZELO SAKHO. ORDER: 061 868 5163 (WHATSAPP OR CALL) PRICE: R200

THOLA I-HOODIE ENEZITHAKAZELO ZAKHO: ORDER: 061 868 5163 PRICE: R400

Izithakazelo zakwaManana

Izithakazelo zakwaManana

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: