πŸ’›

izithakazelo

Tag: maqina Page 34 of 52

Izithakazelo zakwa Zondo Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Zondo

Mthiyane,
Sokhulu, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!

Nawu umlando wabakwaZondo

Izithakazelo zakwa Luthuli Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Luthuli

Mshibe,
Madlanduna,
Abadl’insikazi belambile,
Ngoze ngikwenze owangenza khona,
Nina eningawadl’amasi ningawanikiwe,
Nesab’amas’ehla ngendololwane,
Nina bakwaMashiza,
Ndlwan’enhle,
Sigencagenca mbaz’ebukhali,
Malal’aqhamuke ngezansi,
Zingwazi ezidla inyama abanye bedl’inyamazane,
Mavel’enkomeni abanye bevel’ebantwini,
Luthuli lwezinkomo,
Mshibe kaNonopha,
Mshibe kaMakhiph’inj’efukwini kuzalele yena,
Donda

Izithakazelo zakwaLembede Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Lembede

Ndima,
Bayeni,
Sibhuzi esimqala!

Izithakazelo zakwaLanga Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Langa:

Sothole,
Sodumase,
Madevu aqgabul’inkomishi,
Phokophalala mnikolusha ngoba oludala lumbangela isilungulelo,
Shiy’abantu,
Nyongo yendlovu,
Madl’umlenze adele isidumbu,
Madubandlela,
Ngwane,
Mcwayi,
Gubhazi, Mlindeli,
Somaphunga,
Mdlaka!

Izithakazelo zakwa Langa with English translation:

Sothole,
(Sothole).

Sodumase,
(Sodumase).

Madevu aqgabul’inkomishi,
(The beard that bursts/cracks the cup).

Phokophalala mnikolusha ngoba oludala lumbangela isilungulelo,
(Phokophalala, the young one, because the old one causes hiccups).

Shiy’abantu,
(Shiy’abantu – the one who leaves/abandons people).

Nyongo yendlovu,
(The gall/bladder of the elephant).

Madl’umlenze adele isidumbu,
(The one who eats the leg and despises the corpse).

Madubandlela,
(Madubandlela – the one who shoots across the path).

Ngwane,
(Ngwane).

Mcwayi,
(Mcwayi).

Gubhazi, Mlindeli,
(Gubhazi, Mlindeli).

Somaphunga,
(Somaphunga – the father/maker of plans/strategies).

Mdlaka!
(Mdlaka).

Page 34 of 52

Β© 2026