clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mazila

Base / Basi Clan Names 😍 Surname

Mkhabakhaba,
Maveza,
Cogwane,
Mhlumela,
Mcincini,
Mazila,
Phahlane,
Pilane,
Gwinya,
Dlulwakho,
Nina bashayi benduku kumfula onesihlahla somyezani…Dlulwakho!!!

Izithakazelo zakwaMthethwa

Izithakazelo zakwa Mthethwa

Dingiswayo,
Nyambose,
Magaga onsibansiba,
Mfolozi emnyama inketha baweli nabawelayo bayayiqokelela,
Nina bakanhlamba kangicelani ngoba angiceli lutho lomuntu,
Wena okalugagane oluhlabangaphi ngoba phela lumhlaba ngale,
Thulisa kuyozwakala,
Nkonyane yenkosi,
Hlangalezwe,
Nina baka Xaba kaMadangu,
KaNkomo enenekazi,izothandandana nayiphi na?
Izothandana neyakithi Eyengweni,
Khubaze, Jobe kaKhali,
Magezang’obisi lwenhlu abanye begeza ngamanzi,
Amabekankosi,
Nzimezimnyama,
Nina bakaGeza kaJakada,
Maphoswa kubusa,
Nina basezansi,
Mazila Mbolwane!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: