Iziduko zakwa Bhuku:

Bhuku,

Sinqasha,

Nkamangane,

Mbhamla,

Mfazi obele lide oncancisela ngaphesheya komfula,

iingonyama ezigqumela ngaphakathi ngokuthanda isizwe sama Xesibe

Others know them this way:

Bhuku Clan

Bhuku

Sinqashe
Nkamangane

Mfaz’obelelide oncancisa intsana phesheya koMlambo

Mazila ngomkhonto, abafokazi bezila ngezinyembezi
Mbhamla
Nina baka Ncosa
Nina Baka Nobande kaMlomo
Mahlafuna kaMsesane
Owazonda ukufa emntwini

Thole leSilo
Ntshiya, zitshawule imibane

Noshwabade!

Ngingu Bhekumuzi Ncosa kwelase Xopo ee Kzn kwa Nokwenja emaBhaceni ,sizalwa eNdlini ka Mbuzo owayengu Mnewabo ka Shequza kwa Ncosa.

uMasheqeza wahamba nozalo lwakhe sasala thina lapha eXopo singuMndeni ka Ncosa.siThakazela ngalendlela

Ncosa
Xobho
Mabhebha
Madlobongela
Mfazi webelelide oncelisa zonke iNgane ngisho nangaphesheya komfula
Mashequza enkundleni maqede kujabule iNtokazi
Mbuzo weSinakwe samaKhosikazi nabaLobokazi
Mbhamla
Nina abaka Manyelela no Mphakazi
iZilo ezibhodlela phansi,ngokuhlonipha iSithunzi seNkosi
Mabilinga ngokubilinga iy’Hlangu ne Mihlambi yamaDoda
Gwadlagwadla Zulu eliphezulu
Liyabulala eHlobo naseBusika
Ndlazitha
Ndlamadoda
Ngobazitha!

ngingajabula kakhulu masingaze sidibane nalaba abanye ooXobho/Bhuku – ooSinqashe/Mabhebha ooNkamangane/Madlobongela bakithi noma yibaphi abase Mzimkhulu or Eastern Cape ukuze sikwazi ukuthuthukisa isibongo sakithi sakwa Bhuku/Xobho.
uMlando uthi leNdawo yalapha yaqanjwa ngathi njengoba ibizwa nge Xopo kahle kahle iXobho,yaqanjwa ngoKhokho wethu owayezalwa yiNkosi uXesibe .

Waphuma iNxiwa njengoMntwaneNkosi wazokwakha kuleNdawo eluBhuku/eXobho eyayigcwele amanzi wase ebizwa ngokuthi ungu Bhuku/Xobho – phela lena iNdawo eyiXhaphozi.iZizwe zasithola ezinjengamaBhaca,abKwa Cele nezinye izibongo zafika kaMuva zibaleka iLembe ngenxa yobukingi bazo zafike zasehlula sadly uMhlaba wethu thina sakhonza ngaphansi kwazo kulapho uKhokho oMdala uShequza wahamba khona ngoba engafuni ukuKhonza emaBhaceni nakwqezinye iZizwe ethi yena ungo wasebuKhosini obukhulu bakwa Xesibe,unguMntwaneNkosi ngeke akhonze abaFokazane.

Kwase kusela uKhokho wami uMbuzo wakhonza emaBhaceni,oBhuku bagcwala iZwe abanya bakha ko Marisburg,Vrede,Mzimkhulu nase Eastern ngokwezindlu zabo kepha siyinto yinye. iZinu zakwa Bhuku zimbili eNkulu kuzalwa iNkosana uNcosa ka Madlobongela/Nkamangana enye yiKhohlo kuzalwa uMbhelu ka Madlobongela/Nkamangana bobabili laba ngamaDodana ka Nkamangana angamaWele ekuhlaselweni ngamaBhaca iNdlu ka Mbhelu yahlukana kabili abanye bawela uMzimvubu bakha e Eastern Cape Mount Aylief,enye inzalo ka Mbhelu yasala lapha e Natali ko Marisburg, Vrede, Mzimkhulu.
Le yakithi yahlala lapha eXobho kwathi inzala kaKhokho uShequza yalibangisa e Freestate ingafuni ukuKhonza .

Masidibaneni MaBhuku/ maXobho amahle sivuselele ubuzwe bethu bo Mabilinga bo Gwadlagwadla abahle Nina enaGoba izitha kuqala nadla amaDoda nemiHlambi yawo.
iSizwe esaphila naso lapha eXobho esasinguMakhelwane wethu esakwa Mntambo size sihlaseleke njena yingoba iNksoi yamaBhaca uMadzikane yayiziphindisela kumaNtambo.
Ngibonge kakhulu ngalelithuba.