Madinane Clan Names
Gwekazi,
Dinabantu onjengenyamazane,
Dlawuza ashiyele omunye,
Mnguni ohlaza onjengenyongo yembuzi umaphulantwana zabathakathi, owanaka umuntu endlula ngendlela.
Mgodi onganukwa yinja.
Mlokothi.
Tag: moshupje Page 10 of 805
oMbedu wakwaMjoli bayingxenye yamaWushe kanye nesizwe samaBhac.
uMbedu lona wakwaMjoli kwakuyiNkosi yesizwe samaWushe ngenkathi lapho singekahlakazwa izimpi kulendawo okuthiwa manje yi-Kzn.
Lesi sizwe sahlaselwa iNkosi yabaThembu uNgoza kaMkhuphukeli ngesikhathi lapho naye wayebaleka iLembe.
uMbedu lona wathunjwa uNgoza emuva kokuhlazwa wamfaka emkhosi wakhe owagcina ufike kwelamaMpondo okuyilapho uMbedu abulawelwa khona empini yabaThembu kanye namaMpondo.
Ingxenye yesizwe sakhe yagcina ingene kwabanye ozakwabo bamaWushe abalishiya leli lizwe eliseduze noThukela beholwa nguSondzaba okucatshangwa ukuthi kwaku umfowabo kaMbedu.
u-Sondzaba wasihola lesizwe wagcina ewele naso uMzimkhulu. Wagcina esesifake ngaphansi kophiko lweNkosi yamaZelemu uMadzikane kaKhalimeshe.
Leso sizwe ilesi esaziwa ngokuthi amaBhaca manje
Shonga Clan Names:
Dlangamandla,
Mtolo,
Shikilana,
Mbotho,
Dlangamandla,
Mchenge,
Zulu,
Mabhanekazi,
Malandelwa intombi ithi ngizeke nomu ngenamali,
Ovumba lempongo lyanuka!