clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mseleku

Mananga clan names

Blose, Ndelu, Madiba, Chobile, Dodoyi, Mseleku, Shinga akushinganga mina kushinge is’bongo,Noncengwa wena owancengwa intombi zathi cela usishade Blose.

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izithakazelo zakwaMseleku

Izithakazelo zakwaMseleku

Duma,
Lwandle, Ntenga,
Mthombeni!

Izithakazelo zakwa-Blose

Izithakazelo zakwa-Blose

Ndelu,
Madiba,
Dimba, Duma,
Mseleku,
Phonsel ‘obusuMajonjobela oThunga ligcwala lingethiwanga ligcwala ukuhlakanipha,
Bohlela,
Noncengwa,
Wena owancengwa izintombi zathi,”sicela usishade Blose”,
Chobile,
Wena owachoba izintwala zenkosazana,
Shinga,
Akushinganga mina kwashinga isibongo!

  • Mthembu
  • Qhudeni,
  • Mvelase owavele Nyandeni,
  • Mvelase ka Guda,
  • Ngoza ka Mkhubukeli ka Gazi nina base Mlamlankunzi.
  • Izithakazelo zakwa Msimango
  • Thabizolo, Nonkosi, Mlotshwa,
  • Pembe ka Lokothwayo,
  • Ngelengele, Mhlehlelu,
  • Nhlokozabafo,
  • Sdindi ka Siphuki…

Ezakwa Mseleku

  • Duma,
  • Lwandle,
  • Ntenga,
  • Mthombeni

Ezakwa Msibi:

  • Ndlondlo,
  • Mabuya,
  • Guliwe,
  • Siwela,
  • Gasa.

Blose Clan Names 😍

Izithakazelo zakwa Blose

  • Blose,
  • Ndelu,
  • Madiba,
  • Dimba, Duma,
  • Mseleku,
  • Phonsel ‘obusuMajonjobela oThunga ligcwala lingethiwanga ligcwala
  • uhlakanipha,
  • Bohlela,
  • Noncengwa,
  • Wena owancengwa izintombi zathi,”sicela usishade Blose”,
  • Chobile,
  • Wena owachoba izintwala zenkosazana,
  • Shinga,
  • Akushinganga mina kwashinga isibongo! ??

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: