Find your Surnames Meaning, History, Origin & Clan Names

Izithakazelo Umlando Clan names Iziduko

Tag: Mthimkhulu

Radebe Clan Praises

Radebe/Hadebe

Bhungane,

Bhungane kaNsele,

Zikode, Gob’izembe,

Makhulukhulu, Mehlomakhulu,

Umkhulu Bhungane,

NoNkulunkulu mkhulu, kodwa akangangoBhungane,

Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,

Mthimkhulu,

Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,

Mafuz’afulele njengelifu lemvula,

S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,

Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,

Ingab’emhlabeni zesabani?

Nina enindlebe zikhanya ilanga,

Nina enindlebe zinhle zombili,

Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,

Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,

Mahlubi amahle,

Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,

Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,

Ngelengele!

Radebe Surname Meaning

Radebe means “Ancestor of the Amahlubi” in Zulu.

Ukuthukuthela ugane unwabu

Ukuthukuthela ugane unwabu loku kusho ukuthukuthela kodwa ungabonakalisi. Lokhu kufaniswe umuntu nonwabu lona olushintsha imibala. Kungaba umuntu ozihlekisayo kodwa ngaphakathi Read more

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Zibani Clan Praises | Izithakazelo

Zibani Clan PraisesNontanda kubukwa Bhalabhala kamancinzaZikhonjwaManzini [abanye bayamuphika uManzini]Makhoba nina nabhala ngo Zwane banye bebhala ngepeniZungu onozwela

Izithakazelo zakwa Zungu

Izithakazelo zakwa Zungu | Zungu Clan Praises Gwabini,Manzini, Geda,Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,Wena owaphuma ngenoni emgodini,Sengwayo! Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies Read more

Izithakazelo zakwaMthimkhulu

Izithakazelo zakwa Mthimkhulu

Hadebe,
Bhungane,
Wena owamila edlukwini lapho okungamilwa khona,
Mashiya amahle,
Mashiya amahle njenge nyamazane,
Mashwabada,
Wena owashwabadela inkomo ne’mpondo,
Yathi mayifika emphinjweni yadlamalala,
Umkhulu Bhungane!

Radebe Clan Praises

Radebe/Hadebe Bhungane, Bhungane kaNsele, Zikode, Gob’izembe, Makhulukhulu, Mehlomakhulu, Umkhulu Bhungane, NoNkulunkulu mkhulu, kodwa akangangoBhungane, Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba, Mthimkhulu, Mashiya Read more

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, Read more

Izithakazelo zakwaMavuso

Izithakazelo zakwaMavuso

Mavuso!
Ludonga, Mshengu, Shabalala!
Ncele, Magudulela!
Vuso kaNgwane!
Ncele lekhohlo lase Mzimkhulu.
Wena owadela ukubusa wakhetha ukuba ngumfokazana, ematsaktolo kaladlungwane,
iVuso eladla umuntu asesiswini kwathi lo ongaphandle wasinda ngokuzibalekela, Mthimkhulu!
Guliwe KaNgwane!

Lunga Shabalala | AbakwaShabalala abavelele

Lunga Shabalala, is a South African actor, TV presenter and model. He rose to fame as a presenter on the Read more

Izithakazelo zakwa Shabalala | Shabalala Clan Praises

Izithakazelo zakwaShabalalaMshengu ShabalalaNina bakwaHlongomvulaLudonga lukaMavusoNin‟ enaqed‟ uBombo ngokuhlehletelaNina bakwasidwaba sinothuliSingabancwaba seza nomlandakaziNina benkonkoni yasemazwaneniNina baseSwaziniNina bakaMswatiUmgxobela ziyawelaZilibangise khona kwelakuboKwelikaSobhuzaLaph‟ inkaba Read more

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: