clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mthombeni

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izithakazelo zakwaMathebula

Izithakazelo zakwaMathebula

Masina,
Ngwenyama,
Mkholo onsundu nezinyawo zakhe,
Wena Ngubo yengonyama.

Izithakazelo zakwaMagagula

Izithakazelo zakwaMagagula

Mthombeni,
Tshwala-minyela,
Gojela,
Bahlali linda,
Mkhonto,
Dunjwane,
Mzilanhlizinyo
Msuthu!!!

Izithakazelo zakwa-Duma

Izithakazelo zakwa-Duma

Ntenga,
Mthombeni,
Lwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane kuphela zona ezindiza phezulu,
Ngongolozi owaphekwa netshe,
Kwavuthwa lona kuqala,
Thabisa,
Mvenya!

Khambule-Nkambule
Mncube-Ncube, Mzilankatha, Nkomo, Mlotshwa, Malanelilanga, Magosolo, Mpangazitha, Makhombothi, Dambuza, Mthabathe, Nkambule-Khambule, Silutshana, Mbunda, Maweni, Siyobi, Mthombeni, Madlozi

Khoza
Mlotshwa, Msuthu, Mkhathini, Mancencence, Hlabisa, Ntshingwayo, Mangena, Mlilo, Skhothana, Mabona, Nomageja, Sokhabase, Ntshamase, Ndlandla, Sphandabantwana, Ndlelehambekhaya Eyanqamula kwa Mandlakazi

Sibiya
Sotobe, Gazu, Ndaba, Gumede, Khathi, Manyele onyelela njenge Ntombi iya esokeni, Zethembe, Zingelwayo, Mdladla, Mqeku, Mheqwa, Ngobe, Mxa, Nogwaza, Magamanxa, Mhluzana, Soso, Mthole, Nandisa, Mbede, Mgxebe, Mkhananda, Mpangalala

Jali
Sjongo, Phumela, Ngcolosi, Mpemvu, Mlomunendaba, Mmemezi ka Hlangabeza

Ngcobo

  • Mapholoba,
  • Nyuswa,
  • Fuze,
  • Mavela,
  • Mafuzafulele njegefu lemvula,
  • Mashiyamahle sengathi azoshumayela,
  • Mavulankungu kuvelilanga,
  • Sididane,
  • Ngongoma,
  • Maqadi amakhulu,
  • Mbili

Dube

  • Mbuyazi,
  • Lushozi,
  • Mafukuzela,
  • Nyamazane,
  • Nzwakele,
  • Mbuyisa,
  • Gobhozi,
  • Nyuswa,
  • Ngcobo,
  • Fuze,
  • Mapholoba,
  • Ama-Qadi

Abakwa Dube nabakwa Ngcobo abantu banye.

Dlodlo:

  • Mabanga,
  • Mtingi,
  • Bangile,
  • Bhengela,
  • Mthiyane

Duma/Dumisa:

  • Ntenga,
  • Mthombeni,
  • Walaza,
  • Dlangisa,
  • Gcwensa,
  • Ndimande,
  • Mvula

Nzimande

  • Mphephethwa,
  • Mdluli,
  • Mdlobhiya,
  • Mangcamane,
  • Ngwekazi,
  • Gwala,
  • Mancama,
  • Vilakazi

Dumakude
Shange

Nzimase
Sishi

Goba
Jangaza

Ntshalintshali
Phathwayo

Gwagwa
Mlambo, Qunga

Gwamanda
Yenga, Sochumase

Jwaha/Jwara:

  • Mbelwa,
  • Mnangwe,
  • Sjekula,
  • Gubeshe,
  • Theleza,
  • Lenge,
  • Ndawonde

Mntambo

  • Nhlangothi,
  • Mlondo,
  • Vezi,
  • Masilela,
  • Jiyane,
  • Nyongeluhlaza,
  • Kweyama.

Mtolo

Mthombeni

  • Ntenga,
  • Duma,
  • Magagula,
  • Thabisa,
  • Mvenya.

Magagula

Abakwa Magagula nabakwa Mthombeni abantu banye.

  • Mthembu
  • Qhudeni,
  • Mvelase owavele Nyandeni,
  • Mvelase ka Guda,
  • Ngoza ka Mkhubukeli ka Gazi nina base Mlamlankunzi.
  • Izithakazelo zakwa Msimango
  • Thabizolo, Nonkosi, Mlotshwa,
  • Pembe ka Lokothwayo,
  • Ngelengele, Mhlehlelu,
  • Nhlokozabafo,
  • Sdindi ka Siphuki…

Ezakwa Mseleku

  • Duma,
  • Lwandle,
  • Ntenga,
  • Mthombeni

Ezakwa Msibi:

  • Ndlondlo,
  • Mabuya,
  • Guliwe,
  • Siwela,
  • Gasa.

Izithakazelo zakwa Duma 😍 Duma Clan Names

Izithakazelo zakwa Duma

  • Ntenga,
  • Mthombeni,
  • Lwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane kuphela zona ezindiza phezulu,
  • Ngongolozi owaphekwa netshe,
  • Kwavuthwa lona kuqala,
  • Thabisa,
  • Mvenya!

Page 2 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: