clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mtolo

MTOLO CLAN NAMES

MTOLO, MSHIKILANE, ZIKHAMANGA ZIYAKOQOKA, QAYI, MALANDELWA, JULA, LANGAZANE, MBOTHO, MAVELANGEDLEBE EKWENENI, MABASEMANZINI KWAVUTHA UMLILO. …..SHONGA

Izithakazelo zakwaJula

jula,
mshikilane,
mtolo,
mbotho,
malandelwa,
dlangamandla !

Izithakazelo zakwa Langazane Clan Praises

Mtolo, Mshikilane, Gogela, Dlangamandla, wena owalandelwa intombi yathi ngizeke

Izithakazelo zakwa Shonga

Shonga Clan Names ?
Dlangamandla,
Mtolo,
Shikili,
Mbotho,
Dlangamandla,
Mchenge,
Zulu,
Mabhanekazi,
Malandelwa intombi ithi ngizeke nomu ngenamali
Ovumba lempongo lyanuka

Izithakazelo zakwaJula

Mbotho, Mshikilane, Ndlangamandla, Mtolo, Mdwangubo, Sihlahla esigogquzayo! Malandelwa zintombi zithi ngizeke!

IZITHAKAZELO ZAKWA MTOLO DLANGAMANDLA

  • MTOLO
  • DLANGAMANDLA
  • MNGWENYA NKOMO
  • ZULU OMNYAMA OKHANYE EZINTABENI ZOKHAHLAMBA
  • GASA
  • WENA OWAXHOSHISA OKASENZANGAKHONA NGEZINKOMO ZEKHETHELO
  • MCHENGE
  • MZOLO
  • NTSHIZA
  • MAMBA EMNYAMA ENOPHAPH’EKHANDA
  • SHIYAMVULA !
  • OKONJANE ZIMNYAMA NGOKUBHULA AMAPHIKO
  • GAPHESHEYA KOMZINYATHI
  • MNISI!

Mjobo

Izithakazelo zakwa Mjobo

Mtolo!

Dlangamandla

Mchenge

Zulu!

Vumbalempongo liyanuka

Mjobo!

Mtolo Clan 😍 Iziduko zakwa Mtolo

  • Mtolo,
  • dlangamandla,
  • mabhanekazi,
  • mchenge,
  • nolwandl’ aluwelwa luwelwa zinkonjane zon’ eznamapi
  • izinja ziyaflatelana!!!

Ukuhlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili

Ukuhlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili

Incazelo: ukuhlangabezana nobungozi noma ubunzima

#umsuka: izimbila zihlala emgedeni uma zithutha zisuke zixoshwa esinye isilwane sasendle esaziwa ngokuthiwa umdlambila…..mazithutha-ke emhlophe esuke ihamba phambili esingathi inkosi yazo lapho-ke, into ezike zahlangana nayo nje ziyayilwisa, zisuke zingesabi lutho ngoba zikholelwa ekthenini abukho obunye ubunzima obundlula lobu eziphuma kubo

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: