clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mtshali

Mtshali Clan Praises

Mtshali
Ngema
Magalelagase njengengonyama
Hlabangane elimhlophe qhwa
Lingamase avutshwe
Ngomqhwebeni
Hlangabeza
Owahlangabeza
Amatshinga nsele
Nsele nduna
Isililo sensele

Izithakazelo: Maphisa, Maphisa Clan Praises

Maphisa:
Mlambo, Sishange, Mabhedla, Mtshali, Nkwali, Ndwandwe, Mdineka, Mthimkhulu, Zwide kaLangaMaphisa wena ongaphiswa wuthuvi kepha ophiswa ‘ulaka, Gubhuza, Vezi, Mlambo omkhulu ongawelwa abantu owelwa zinkonjane zon’ ezindiza phezulu !!!

izithakazelo zakwa Mtshali

Mtshali Clan Names
Magalela!
Hlabangane elimhlophe okwezihlabathi zolwandle
Magalela gase njengengonyama
Mantshinga ozilwane zimbili, ingwe nengonyama
Khondlo!

Izithakazelo zakwa Mtshali

  • Izithakazelo zakwaMtshali
  • Mtshali!
  • Hlabangane!
  • Mantshinga!
  • Wen’ ongacoshi nabafokazane!
  • Nsele kaLinda Mkhonto!
  • Khondlo,
  • Gebisa,
  • Mlambo!
  • Ndima kazilingani nezabafokazane!
  • Wena Magalel’ ogasele njengeNgonyama!
  • Wen’ ongene nesikhuni emanzini sivutha,
  • Waphuma naso sivutha futhi!

Izibongo zakwa Mtshali

Abantu bakwa Mtshali batholakala eNtabankulu noma nje manje sebasabalele izwe lonke. U Mtshali uthathelwa ekutshaleni. ake sibalamanise:

  • Mabhedla
  • Mlambo no Mtshali
  • Mkhathini/Jiyane
  • Mkhabisanyathi-Magolwane
  • Khondlo
  • Hlangabeza no Hlabangani
  • Magalela
  • Mantshinga
  • Nsele
  • Mduna
  • Shishi
  • Mandeku
  • Vezi
  • Mdineka
  • Nhlabathi
  • Manzi
    e Zimbabwe babizwa ngo Hlabangane

Mtshali Clan

  • Magalela,
  • Gase njengengonyama,
  • Hlabangani elimhlophe,
  • Linda kaMkhonto,
  • Nduna!

Ukuhlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili

Ukuhlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili

Incazelo: ukuhlangabezana nobungozi noma ubunzima

#umsuka: izimbila zihlala emgedeni uma zithutha zisuke zixoshwa esinye isilwane sasendle esaziwa ngokuthiwa umdlambila…..mazithutha-ke emhlophe esuke ihamba phambili esingathi inkosi yazo lapho-ke, into ezike zahlangana nayo nje ziyayilwisa, zisuke zingesabi lutho ngoba zikholelwa ekthenini abukho obunye ubunzima obundlula lobu eziphuma kubo

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izithakazelo zakwaMtshali

Izithakazelo zakwa Mtshali

Hlabangan’elimhlophe okwezihlabathi zolwandle,
Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha waphuma sivutha futhi.
Magalel’agase njengengonyama,
Matshing’angacoshi kucosh’abafokazane,
Khondlo!

Abantu bakwa Mtshali batholakala eNtabankulu noma nje manje sebasabalele izwe lonke. U Mtshali uthathelwa ekutshaleni. ake sibalamanise:

  • Mabhedla
  • Mlambo no Mtshali
  • Mkhathini/Jiyane
  • Mkhabisanyathi-Magolwane
  • Khondlo
  • Hlangabeza no Hlabangani
  • Magalela
  • Mantshinga
  • Nsele
  • Mduna
  • Shishi
  • Mandeku
  • Vezi
  • Mdineka
  • Nhlabathi
  • Manzi
    e Zimbabwe babizwa ngo Hlabangane

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: