clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Mtungwa

Izithakazelo zakwa Madliwa Clan Names & History

Dlamini,
Mtungwa, Mbilase.
Gengezi,
Ndlovu zidlekhaya ngokuswela umalusi,
Kwadla bemyenga ngendaba,
Kwankobe ziphekwa, ziphekwa ngumfazi olivila,
Nina macocobela amahle njenge kwindla !

IZITHAKAZELO ZAKWA-NGUBENI

Ngubeni, Nkomo, Mtungwa, Mazotho, Mpindeni, Luvuno, Khethokhulu,

(1)MANTUGWA NIBAHLE NGOKUTHWALA UMSINGIZANE NGABE OWETHUSI NGABE NIYAWUDABULA
(2)INDLONDLO EYADLA UBULONGWE YALIBALA,
(3)INTOTHOVIYANE EYENZA UBUQILI YATHI IBELETHE UMFAZI KANTI IBELETHE INDODA
(4) AMAYENGAYENGANE KANDABA, AYENGA UMUNTU AMUDLA NGENDABA
(5) AYENGA USIBHEBHU NOMAPHITHA KAZULU BEHLEZI ENQOTSHANE(Inqotshane kwakuyintaba base bakha ilokishi khona belu ePiet retief saneiI
NB: ABAKWA NGUBENI NGOBUNINGI BABO BADABUKA ENQUTHU BAYE BAFIKA E-PIET RETIEF, NEWCASTLE
BEHLELA NAKWEZINYE IZINDAWO NJENGASE DENNILTON KANTI ABANYE ONGUBENI BAZIBIZA NGUBENI,
NKOMO, YEYESA !!

Izithakazelo zakwa Malunga Clan Names

Malunga Surname

Malunga,
Thulisa,
Mtungwa,
Gengelezi,
Ngqondo kaZishawushawu,
Abawelase abawela ngezindlela ezimpambosi bewela ngesilulu,
AbakwaSjalimane ezala ukumlandela,
Maqungo,
Jojo beswele kuze kuswele nezintakakazi, incwincwi eyaphuza eMhlathuze kwafa amadoda, uSilwane esaphuma embizeni sangena entangeni,
Mthimuni,
Ndlovu,
Gatsheni,
Boyabenyathi buyasongwa buyasombuluka !!

Izithakazelo Zakwa Sikhosana Clan Names Umlando

Izithakazelo Zakwa Sikhosana 😍 Sikhosana Clan Names

Sikhosana,
uMusi kaMhlanga,
Novaphi,
Nolinda, ulinda mkhotho njengeNsele,
Mphandaphanda,
Magwace,
Gwayiba,
Hlahl’Ulundi lungenandlela lwaba nezindlelandlela,
Zitsha ezinhle njengezokubolekwa,
Mtungwa,
Gxamugxamu sikhumba seMpisi asibethelwa ekhaya ngoba izinkomo zizobovuka!

Izithakazelo zakwa Mgidi Clan Names

Izithakazelo zakwa Mgidi:

Mgidi
NGO ndlovu
Zidlekhaya
Ngokuswela umelusi
Gatyeni,
Mtungwa,
Magana,
Ngengezi,
Marayiya,
Boy’ benyathi !!!

Izithakazelo zakwaGasela Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Gasela

Gasela,
Chiliza,
Mvemve,
Mtungwa,
Sdudu somfaba,
Ndlovu ezidla ekhaya ngokweswela umelusi,
Mdunge!

Izithakazelo zakwa Gasela Clan Names & Imvelaphi

Izithakazelo zakwa Gasela

  • Gasela,
  • Chiliza,
  • Mvemve,
  • Mtungwa,
  • Sdudu somfaba,
  • Ndlovu ezidla ekhaya ngokweswela umelusi,
  • Mdunge!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: