clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Muthwa

Izithakazelo zakwa Muthwa

MUTHWA CLAN NAMES:
MBEBESI
PHUNGAZI
SCUB KASOSIWA NGOBA SINCINI SANEL UMFAZI NENDODA
MSWELI
GWAMANDA
MNGUNI
BEHLA NGOLWEMBU

Msimango / Msimanga Clan Names

Izithakazelo zakwa Msimango / Msimanga:

Thabizolo,
Nonkosi,
Muthwa,
Nkomo eluthuli,
Pembe kaLokothwayo,
Sengama ka Jozi,
Nodwala lakwa Nodumakazi,
Abathwa abamzimb’omuhle njengo wosana ongathi ngingawanga, Abasikhumb’ esibushelelezi,
Abaziqunjana zimbili esinye singenhla esinye singenzansi kwendlela, Abafunga uNonkosi ngahawuka kwangathi nami ngingamfunga,
Abazi nzipho zimnyama ngokuqhwebana,
Sishange sika Mlotshwa,
uSongo akamnci okamcinizana,
Iyanini MaHlubi nihlabeni ngezindlela zonke niyobikela abase Masimangweni ukuthi ubhedu lwaphukile,
Amazala nkosi ngokuzala uBhungane,
uMdidwa zindlubu ezamila eMthondweni,
uShwamisa ukhukho lomhlanganiso olwahlanganisa indlu yakwa Dlomo, Dlomo dludlu kwabendlwana,
Wena kaSengama owangamela imizi yaba Fokazane ngeJozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo/ngomcacambane, Nina enama ngensimu yase MaNtshalini yaphenduka imfaba,
Amadlela phezulu ngenxa yokusaba amanyala, uGembe uNkonka weFusi, Mathanjeni !!! πŸ™ŒπŸ™ŒπŸ™Œ

oMsimango bangamangali uma ezinye zezithopho zabo zingekho. Phela kukhona izithakazelo bese kuba khona nezithopho ezingabathiti bonke. eg njengo kuthi nje: Oooh! Sengama..! kukhona abanye abangamsebenzisi nhlobo kodwa uzwe bethi Mathanjeni, Gembe. Isithopho yilapho khona usuqondanisa nendlu aphuma kuyona noma kukhona kukhokho wakhe lowo muntu kodwa izithakazelo zihlanganisa bonke labo bantu baleso sibongo.

Mcanyana Clan Names πŸ’• Izithakazelo: Mcanyana

Mayeza,
Muthwa, πŸ’•
Ntombendekazi ingabamfishane isuke ifuze ekhaya konina,
mashiyamahle,
zilwanyana ezincane ezihamba zikhala emaweni zithi mhhuuu mhhuuu!

Izibongo zakwa Muthwa

Izithakazelo zakwa Muthwa

Muthwa
Phungaza
Scubu kasosiwa sosiwa mfaz nendoda ngob sincinci sinel bon kphel
Smweli
Nkala nkal edungamanz
Mbembesi
Nxele
Gwamande

Izithakazelo zakwaMsweli

Izithakazelo zakwa Msweli

Nxele,
Muthwa,Seme,
Snono, Dingiswayo,
Zikode,
Nongalo waseMashobeni,
Dlovunga,
Sgubhu somkhonto,
Lond’elihle elingawadli amahlali,
Mpindela,
Mpisela yakoNgonyama eyadela umkhonto yathatha izembe ngoba lingumasheshisa,
Wena mageza ngegolide kube kuphuza abafokazane ngeaznsi,
Xasibe, Nxasana,
Mpande!

Mthiyane

  • Zondo,
  • Nqoboka,
  • Mnguni Ka Manekwane,
  • Skhangane,
  • Luvuno,
  • Sokotshane,
  • Mzwili,
  • Sokhulu

Mchunu

  • Macingwane,
  • Yeyesa,
  • Phakade,
  • Mnguni,
  • Ngonyama,
  • Jama ka Silwane,
  • Nogida ngo Bambo ezinye izintombi zigida ngo mshanyelo.

Mashinini

  • Bhembe,
  • Guliwe,
  • Ntozimandla,
  • Cindi,
  • Mahlaba!

Muthwa

  • Msweli,
  • Phungaza,
  • Gwamanda

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: