Surname Meaning, History, Clan Names & Latest News

Izithakazelo Umlando Clan names Iziduko

Tag: Mzukase

Myeni Clan History & Origin 😍 Umlando

Umlando wabakwaMyeni 😍 Myeni Surname 😍 Myeni Clan Names

Abantu bakwaMyeni bangaMaNtungwa Nguni . Isizinda sabo silaphaya eBabanango eduze nomfula uMhlathuze. Lapho okwakuxhumeke khona uMabaso noMchunu. Ngesikhathi belaphaya eBabanango kwakungashiwo ukuthi ngabakwaMyeni, kodwa kwakuthiwa ngabakwaMyeki. Umuntu owayeyikhanda lalaba bantu kwakunguMlambo.

Kwathi ngesikhathi sikaMlambo kwaba khona umbango emndenini lokho okwenza ukuthi uMlambo ashiye emanxiweni akubo ayozinza kwesenkosi yakwaQwabe. Wakha ngaseShowe, lapho uMlambo akhothamela khona. Ekufeni kukaMlambo washiya amadodana amabili uNgwenya inkosana kanye noNsinde. UNgwenya wazala abakwaNgwenya kwathi uNsinde wazala abakwaNsinde. Kwathi ngesikhathi sikaDuma indodana kaNgwenya, kwehla umhlolo ongakaze ubonwe kuleli likaMthaniya, lapho kwangena ikhona insingizi yakhala egcekeni.

Lokhu kwakubika umhlola uqobo. UDuma kalinda ukuba kuyiwe ohlanyeni kube nengomboco kodwa wavele waqoaa abantu bakayise abangakuye washaya wachitha wayokhonza enkosino yabaThembu eNseleni.
Kuthe ukuba atholwe lapho wase eshintsha isibongo sakhe wathi sebengabakwaMyeni hhayi uMyeki.

Lokhu kwamenza ehlukane nabafowabo ababesele kwaQwabe. Uzibiza ngoMyeni ngoba ethi sesingabayeni ezizweni. Kwakusengahti laba bantu base beqalile ukulunywa unyawo. Ngoba kabahlalanga futhi ebaThenjini kodwa bedlula baze bayokwakha endaweni yakwaMthethwa, bedlula futhi nalapho baze bayofinyelela eMtubatuba, sebewele iMfolozi emhlophe. Kwathi bethi bayazinza lapho base behlaselwa nguSoshangane wakwaNxumalo, wabadudula baze beqa izintaba zoBombo baye bafinyelela emfuleni iNgwavuma. Kulapho bahlangana khona nabakwaMngomezulu okuyibona babephethe kuleya ndawo.Bafike bemukeleka ngezandla ezimhlophe ngabantu bakwaMngomezulu.

Inkosi yabo kwakunguZondiwe. Bahlala kahle abantu bakwaMyeni kule ndawo . Kuthiwa nendlu kaNsinde nayo yalandela abafowabo. Kuthiwa abantu bakwaMngomezula ngenxa yokulunga kwabo behlalisene ngokuthula nabantu bokuhamba, lokho kwabadalela enkulu inkinga ngoba bazibona sebefukamele inqwaba yabantu ababebalekeka ulaka kwenkosi uShaka kangangokuba base behluleka ukubafukamela. Lokho kwenza uZondiwe inkosi yakwaMngomezula agudluke yena egudlukela laba bantu, ngoba ebona ukuthi bamdonsela amanzi ngomsele ngoba bathi babalekela ulaka lukaShaka. Washiya abanye babantu bakhe ezandleni zomfowaba uMsuduka. Bathi uZondiwe wafela kwabezizwe.

Ukwelamana kwabakwaMyeni!!UMlambo wazala uMabaso.(Hhayi owaseMantungweni) UMabaso wazala uNgwenya noNsinde.UNgwenya wazala uDuma owazala uMdolomba.UMdolomba wazala uSidladla owazala uMadlaka. Indlu encane yakwaMyeni..UNsinde yena wazala uMaguma owazala uLundini.ULundini wazala uVuma noMlangazi. UVuma wazala uSiphike owazala uMkakwa.UMkakwa wazala uNkunzi.. UMdolomba indodana kaDuma wezwa ukuthi umfowaba uVuma indodana kaLundini usekhonze kuMpande owayebusa kwaZulu, uMpande wamnika indawo yaseNtshaneni ezintabeni zoBombo.

Kwathi naye ngoba izinto zase zingammele kahle kwaMngomezulu kubhoke isomisa, wahamba naye wayokhonza kuMpande. Nempela uMpande wamnika izwe ezansi neMfolozi. Leyo ndawo kuze kube manje kuthiwa kukwaMdolomba, ngoba yilapho uMdolomba afela khona. Ngesikhathi sokukhothama kukaVuma endlini encane yakwaMyeni eyayisiyakhe eNtshaneni ezintabeni zoBombo, indodana kaVuma uSiphike , wasuka washiya izwe lakubo wayokwakha eSwazini, lapho afela khona kanye nendodana yakhe uMkakwa. Kepha uMlangazi kaLundini wahola isizwe sakwaMyeni ezintabani zoBombo.

Izithakazelo zakwaMyeni:
Mdolomba,
Mzukase,
Mnguni,
Mzimela,
Mziyankatha !

Izithakazelo Zakwa Myeni

Izithakazelo Zakwa Myeni Mdolomba Mzukase, Mnguni wasenhla Wena waseNingizimu Mabasendleleni zombili, enye ngeyokuya , enye ngeyokubuya Gwebeshomnyama ,ophuza amanzi okuhlalelwa Read more

Myeni

Abantu bakwa Myeni babebizwa ngokuthi abakwa Myeki besahlala eBabanango eduze komfula uMhlathuze. U Mlambo wazala u Ngwenya no Nsinde. U Read more

Izithakazelo Zakwa Myeni

Izithakazelo Zakwa Myeni

Mdolomba

Mzukase,

Mnguni wasenhla

Wena waseNingizimu

Mabasendleleni zombili, enye ngeyokuya , enye ngeyokubuya

Gwebeshomnyama ,ophuza amanzi okuhlalelwa

Wena owabalekela insingizi ngokusindela uthi silwane

Mdlomba kaDuma

Wena ongengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyahlala

Ngwenya kaMalambe

Mzimela

Mziyankatha


Myeni Clan History & Origin 😍 Umlando


Umlando wabakwaMyeni 😍 Myeni Surname 😍 Myeni Clan NamesAbantu bakwaMyeni bangaMaNtungwa Nguni . Isizinda sabo silaphaya eBabanango eduze nomfula uMhlathuze. Read more


Myeni


Abantu bakwa Myeni babebizwa ngokuthi abakwa Myeki besahlala eBabanango eduze komfula uMhlathuze. U Mlambo wazala u Ngwenya no Nsinde. U Read more

Abantu bakwa Myeni babebizwa ngokuthi abakwa Myeki besahlala eBabanango eduze komfula uMhlathuze.
U Mlambo wazala u Ngwenya no Nsinde. U Ngwenya wabe esakha isizwe sakwa Ngwenya kanti uNsinde wenza esakwa Nsinde.
UNgwenya uDuma, u Duma nguye abantu bakhe abagcina bengabakwa Myeni.
Bagcina befuduka baze bayofika eNgwavuma lapho abafika khona bahlala nabantu bakwa Mngomezulu ababebuswa yinkosi yabo uZondiwe.

Ake sibalamanise abakwa Myeni:
uMbambo wazala uMabaso (Hhayi wakwa Mntungwa)
uMabaso wazala uNgwenya no Nsiande,
uNgwenya wazala uDuma,
uDuma wazala u Mdolomba,
uNsinde wazala u Maguma,
uMaguma wazala uLundini,
uLundini wazala uVuma no Mlangazi,
uVuma wazala uSiphike owazala uMkakwa,
uMkakwa wazala uNkunzi,
uSiphike ka Duma wathuthela eSwazini, lapho afike akhothamela khona.

Izithakazelo zakwa Myeni:

Mdolomba,
Mzukase,
Mnguni,
Mzimela,
Mziyankatha.


Ndlovu Izithakazelo noMlando


Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:U-Gatsheni wazala u Lamula,U-Lamula wazala u Zingelwayo,U-Zingelwayo wazala uMpongo,U-Mpongo wazala uNgema,U-Ngema wazala uMdingi Izithakazelo zakwa NdlovuGatsheni, Read more


Mkhwanazi


Abakwa Mkhwanazi (taken from Indabuko Yakho) Abantu bakwa Mkhwanazi babebizwa ngokuthi abakwa Mpukunyoni. Badabuka eSwazini bake bahlala nabakwa Thabethe nabakwa Read more

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: