clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Ndabandaba

Umlando wakwa Ndabandaba, Ndzabandzaba

Ndabandaba Clan History & Origin

AbakwaNdabandaba (Ndzabandzaba) bafika Eswatini ngesikhathi sokubuza kweNkosi Sobhuza beqhamka engla nezwe, phakathi kwe Zambia me Mozambique. Babeholwa uKhathide. Babethandwa ebukhosini ngenxa yolwazi lwabo lwamakhambi okwelapha.

INkosi yabanikeza indawo esentabeni iNgwedze kuze kufike emfuleni iNgovuma. Yabayala ukuthi besize abasebukhosini kuphela ngamakhambi. Bake belapha ingane kaNdlunkulu wenkosi eyayilunywe yimamba yasinda – okwaba wumlando ngalesisikhathi.

Kwathi sebezinzile nje benethezekile. Kanti sebesiza nabanye abayizitha zobukhosi ngemithi. Yathukuthela INkosi yathelwa ngamanzi yahlela ukuthi mababulawe bonke. Kwasiza uNdlunkulu ongunina wengane ababeyelaphile Kade ilubywe yimamba wabalima indlebe.

Bahlela ke ukuthi bahambe ngokuhlukana ngamaqembu kubgabonakali ukuthi bayabaleka. Ngalesisikhathi base bebaningi beholwa nguMshikila indodana kaKhathide. Yayilekelelwa ngabanye abafowabo uNgobe uyise kaZiyane. Bawela umfula iNgovuma bafica abakwaNtshangase eMkhwakhweni. Elinye iqembu labo balifica lihlinza inkonyane ababelithole lifile. Kwasuka okukhulu ukungezwani emva kokuba belisile ngalesisenzo ukuthi lizobaxabanisa nabaKwaNtshangase.

Leliqembu lagcina selibizwa ngokuthi ngabakwa Nkonyane. Bawela iNgovuma behlukana abanye Baya ngaseNingizimu, eNgwavuma abanye bakhuphuka bakheka enhla ngase Mpumalanga. Abanye babheka maphakathi nezwe ko Newcastle. Laba abakheka enhla nezwe basebeholwa ngu Ziyane indodana kaNgobe.

Laba abaya phakathi nezwe basebeholwa bahamba njalo abanye Baze bafika koMsinga bakhonza ngaphansi kwaBaThembu bakaNgoza sebeholwa nguMkhaliphi. Ngesikhathi uNgoza ebalekela uShaka abanye bahamba naye base bafika kwelakwaXhosa. Babelokhu bejhonziwe ngenxa yolwazi lwabo lwamakhambi.

Leliqembu elaya ngaseNingizimu nalo lahlukana phakathi abanye bafike bakha eNkunzana naseNhlophenkulu abanye bakha kwaSiwela . Kanti abanye bagudla njalo baye Bawela iMfolozi bangenza kwesaKwaMthethwa eCingci, bafike bakhonza phansi kweNkosi yakwaMthethwa.

AbaseNhlophenkulu basebeholwa nguMagudu kaNtlokwana iwayeganwe nguMasimelane okaMajakavu isangoma esikhulu ayesuke naso eSwazini. Waphinde sathatha nenhlanzi Yaso eyayisitgwalele icansi. Wafike wakha umuzi waseNgxatsheni (osekhona phezu kwaMfazuyalithika).

Ngenxa yokuthi babengabantu bokuthula, abanye bazishutheka phansi kwezinye izibongo, phakathi kwazo o Ntshangase, Malinga, Thabethe, nezinye.

Ngesikhathi bephuma Eswatini kuthiwa kunenxabu yesihlahla ababehamba beyinxanxatha ukuze bangalambi.

Yilowo ke umlando omfishane.

Izithakazelo Zakwa Ndabandaba (Ndzabandzaba)
Khathide!
Mnyambo!
Maphephethe!
Mahamba weba weNyosi !
Wena owahamba ngalunye eMbungeni wawela iNgwavuma wafika ezitheni wagqalingana njengensimu idonda ukumila.
Wena owadla nodadewenu wathi akananyongo akanamhlehlo,
Kanti akanamhlehlo unesibhakabhaka (sibhabhakazana)

Mthuthumba onjengezindumba
Wena owahamba ngomnyama wabuya ngonyezi!

Ngiyabonga Maphephethe!

Zamokwakhe kaNkungwini Ndabandaba

KwaGcinumyalo ophuma kwaNxayethanda waseNgxatsheni

(Uphaqa onjengophaqa)

Izithakazelo zakwa Ndabandaba

Khathide! Mnyambo! Mphephethe!

Wena owadla nodadewenu wathi akananyongo akanamhlehlo, kanti akanamhlehlo unesibhakabhaka (unesibhabhakazana),

Wena wase Ngwedze neNgovuma Wena owawela Ingovuma (Ingwavuma) wafika ezitheni waqalingana walingisa insimu Idonda ukumila,

Mahamba Wena wenyosi
Wena owahamba ngomnyama wabuya ngonyezi, uhambe ngalunye eMbungeni ,

Mthumba onjengezingumba!

Sidlodlo!

Ndabandaba Clan Praises

Izithakazelo zakwa Ndabandaba

Khathide, Mphephethe, wena owadla umkadadewenu wathi akananyongo, akanamhlwehlwe. Mnyambo, amanyamba asezitheni aqalingene alingise insimu indonda ukumila. Mkhosana omncane ngokuzilamulela. UMnene ngimbonile ngimbonile ngamashoba okukhanya, Mnene dlana imfe mina ngidle ugaba.

Gedeza:

  • Mnyandu,
  • Nongalaza,
  • Mpangazitha,
  • Mngunyana,
  • Mphankomo,
  • Nyanda yemikhonto, Nondela..

Ngwenya

  • Madonsela,
  • Mtimande,
  • Kunene

Macambi
Mathaba, Cambi

Vilakazi

  • Mphephethwa,
  • Mahamba,
  • Sidlodlo,
  • Ndabandaba,
  • Binda,
  • Gama
    JILI:
  • Vilakazi,
  • Masengwa,
  • Singawoti,
  • Hlabangane,
  • Mnqonywa,
  • Mnyayi.
    GWALA:
  • Majiya,
  • Khamanga,
  • Khondlwane,
  • Mdlovu,
  • Matshinga,
  • Ngwevu,
  • Ngwavuma,
  • Sihlase,
  • Mphephwethwa.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: