πŸ’›

izithakazelo

Tag: ndawode Page 3 of 22

Chauke Mavasa Clan Praises

Chauke! Mavasa!
Vahlengwe va Xinyori xa humba
Hina va Matsena
Xioki xa ndzilo
Wa nyoxi wa malwana
Wa xisaka mimpfi , malilwana
Wa tsandza chavani ndzi chava mahika ya Mumu wa tolo
Wa vukolokoco maribyeni
Hlazani mahula homu
Madyaswambisi!
Xikovela! Xigombe!

Majozi clan praises, Meaning, Origin & History

Wena owabongwa inyoni yaz yadinwa, Ithi Jozi Jozi Jozi

amaNdubane Clan Praises & History

NDUBANE, DUBE, MABUYA, LUSHABA, iDube eladukayo lidukela emabomvini elabuya selehlukile, mandla masha, oSoyaphi, Mphikwa, Magida, sohlala shlabathi sasolwandle, oMthembeni sizukulwane soNdubane,sizukulwane soDube,

Mabuya ka Lushaba, Masoka, Mandla, oMabheka, enabhekisa amakhanda phansi kuhlehle izitha, nina oMagida, enaGida odakeni kushunqe intuli, nina enahliphiza ibutho lezitha ngoMkhuleko enaGuqa phansi ngeDolo nikhuleke kungelula,

oMthembeni sizukulwane, Shayile mhlola kaSewula, oMagida sizukulwane, oSoyaphi, Mphikwa, sohlala shlabathi sasolwandle, nina enasondeza abangasondezwa, enaGijima phezu kwetshe kuvuthe Ilangabi, umlilo wabanikazi, oMabona ebumnyameni, dloz’elihle, emndeni,

Zbongo Zningi, Msolwa, umoni ongenacala, mandla masha, nina oNdubane, oMabuya, oDube, Lushaba, oLawulani, Lwezi, Mthembeni, emndeni emaNDUBANENI….Ndubane!

Ntini clan praises & History

AbakwaNtini: babongelwa kanje

Izithakazelo zaka Ntini eziny zithi, Ntini, Ndamase, Simula, Nontanda kubukwa njengesyephu, Wena owahamba kwavela izindlela, Nduku ehlala emqatheni yehla ngoba isizokhanda umtwana!

Page 3 of 22

Β© 2026