clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Ndlandla

Clan names for Mngcwengi

Mngcwengi kaMbongo, Mbuyisa, Ndima, Sondisa, Mvemnyama, Mathobela, Nqalela, Khoza, Ndlandla, Nozajwe, Nomathotholo, Ndimande Kaqaqaqa, Sikhelekhele samadoda, Sgudu, oonkobe aziphekwa ngamavila ziphekwa zizikhuthali zodwa, iminyango ivalwe ngentloko zamadoda, umfazi obele lide oncancisa abangaphesheya kweLigwa, Amabongo amade ngawaselangeni, Amahle aseMjikweni, oogida sigoduke singalibali ngamathambo asemzini, oomabhentsel’ entilini.

Masinda clan names πŸ’›

Izithakazelo zakwa Masinda πŸ™Œ
Mlilo, Khoza, Mkhathini, Jiyane, Skotana, Mancencence, Ndlandla, Mangena, MabonaΒ  kuvele inyama, Mahlinza wena owahlinza umuntu ephila, Msuthu, Sokhabase, Mjwili, Ndlelehambekhaya, Ndlandla, Hlabisa odlulayo !!

IZITHAKAZELO ZAKWA-MAGUBANE

Nkomose,
Dibanto,
Thole,
Malinga,
Wena owalinga izintaba zaganana,
Nhlun’emhlophe, ingababomvu ngeyomlandakazi,
Mzilankatha,
Msenganduna namathokazi,
Ndlandla,
Kubheka,
Jiyane,
Nongalo,
Wena ophika nelanga
Didiza,
Msuthu wasenhlaZibaya !
Snquma!

Izithakazelo zakwa Sithebe

Sithebe,
Habile,
Mkholwa,
Ndlandla,
Mlozi omuhle okhala ezintabeni abangwe yizingwe nezingonyama. Nkhwankhwa lebovu,
siyibone ngani siyibone ngokuthiba tintuli,
Sibotho sediye sakaNomtiba,
Sithebe esimancancane,
Mabizwa ingonyama ehlathini,
Ndwandwe waseGudu,
wena owaGuduza inkomo zamadoda,
Nina bonjinji,
Nkomo zabantu zidla nezomlungu omhlophe!

Izithakazelo zakwa Ndlandla

Ndlandla, Msuthu, Khoza, Mlotswa
Mbuzinkonyeni, azifi ngamagqubu zifa ngokuluphala, athulile asemambatheni kamabele akapheli Wena owaguqa ngesilulu wafika eSwatini NDLANDLA.

Izithakazelo zakwa Magubane

Magubane
Nkomose
Dibanto
Thole
Malinga
Wen’owalinga intaba zaganana
Nhlunu emhlophe,engaba bomvu
Ngeyomlandakazi
Mzilankatha
Msenganduna namathokazi
Ndlandla
Kubheka
Jiyane
Nongalo
Wena ophika nelanga
Didiza
Msuthu wasenhla
Zibaya,Snquma

Akulahlwa mbeleko ngakufelwa

Akulahlwa mbeleko ngakufelwa

Incazelo: ukuthi wenzakalelwe yinto embi akusho ukuthi lahla ithemba.

Umsuka: imbeleko eyokubeletha umntwana, uma ngabe usufelwe abantwana akusho ukuth lahla leyo mbeleko ngoba usengabathola abanye abantwana

Khambule-Nkambule
Mncube-Ncube, Mzilankatha, Nkomo, Mlotshwa, Malanelilanga, Magosolo, Mpangazitha, Makhombothi, Dambuza, Mthabathe, Nkambule-Khambule, Silutshana, Mbunda, Maweni, Siyobi, Mthombeni, Madlozi

Khoza
Mlotshwa, Msuthu, Mkhathini, Mancencence, Hlabisa, Ntshingwayo, Mangena, Mlilo, Skhothana, Mabona, Nomageja, Sokhabase, Ntshamase, Ndlandla, Sphandabantwana, Ndlelehambekhaya Eyanqamula kwa Mandlakazi

Sibiya
Sotobe, Gazu, Ndaba, Gumede, Khathi, Manyele onyelela njenge Ntombi iya esokeni, Zethembe, Zingelwayo, Mdladla, Mqeku, Mheqwa, Ngobe, Mxa, Nogwaza, Magamanxa, Mhluzana, Soso, Mthole, Nandisa, Mbede, Mgxebe, Mkhananda, Mpangalala

Jali
Sjongo, Phumela, Ngcolosi, Mpemvu, Mlomunendaba, Mmemezi ka Hlangabeza

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: