clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Ndlovu Page 2 of 3

Izibongo zakwa Ndlovu

Ndlovu

  • Gatsheni,
  • Boyabenyathi,
  • Zingelwayo,
  • Mpongo,
  • Mthiyane,
  • Mdubusi

Izithakazelo zakaBongwe

Bongwe
Jiyane
Mdladla
Mbuyisa
Vezi
Ntanzi
Ndlovu zidlekhaya ngokwesela umelusi
Wena s’lulu esehla ntabeni sathi nqa nqa nqa ngoba wena waveza uthando

Akulahlwa mbeleko ngakufelwa

Akulahlwa mbeleko ngakufelwa

Incazelo: ukuthi wenzakalelwe yinto embi akusho ukuthi lahla ithemba.

Umsuka: imbeleko eyokubeletha umntwana, uma ngabe usufelwe abantwana akusho ukuth lahla leyo mbeleko ngoba usengabathola abanye abantwana

Imvelaphi yakwa Ndlovu

Imvelaphi yakwa Ndlovu

Sibheka imvelaphi yakwa Ndlovu (oGatsheni)

oNdlovu bangabeSuthu badabuka eLesotho .
Ekufikeni kwabo kwelakwaZulu bafike bakhonza
esizweni sabantu bakwaNxamalala. Laba bantu
bakwaNdlovu bangabantu bakaMatsimane
wakwaTlou noma uMotaung.Kuthiwa abantu
ababekhuluma ulimi lwesiZulu behluleka
ukuphimisa igama noma ngithi isibongo esithi
Tlou ,bagcina bethe Ndlovu .Ngenkathi laba
bantu bakwaNdlovu bakhe laphaya eNkandla,
babeyingxenye yezizwe saMachunu. Laba bantu
bakwaNdlovu babakhelene nabantu bakaMavovo
wakwaMkhize phezu komfula iNsuze ngaphansi
kwaseQhudeni eNkandla.

Baxoshwa esizweni saMaChunu ngoba enye
yabazukulu bakaGatsheni uMpongo
kaZingelwayo esolwe ngokuthakatha.Kuthiwa
wayefuye izinyoni ezimbili ezicishe zifane
nokhozi .

Babaleka abantu bakwaNdlovu bayokhonza
kuZihlandlo wakwaMkhize bebalekela ulaka
lukaMacingwane.
Kuthe lapho besathi banethezekile kwasuka inkosi yakwaZulu uMbomboshe omnyama[uDinngane kaSenzangakhona] wahlasela uZihlandlo
wambulala.

Source: isintu sami – facebook page

History of Ndlovu surname

History of Ndlovu surname

Ndlovu is the most popular surname among African tribes meaning Elephant, one of the huge animal in the land. All African surnames have Praises known as IZITHAKAZELO. Thus Ndlovu praises are as follows; Gatsheni, Boyabenyathi, Buyasonga buyasombuluka. Mpongo kaZingelwayo! Nkomo zidl’ ekhaya, Ngokweswel’ umelusi. Zaze zeluswa intombi uDemazane. Nina bakwakhumbula amagwala. Nina bakwasihlangu sihle. Mthiyane! Ngokuthiy’ amadod’ emazibukweni. Nina bakwaMdubusi! Gambushe! ka Genge elidla umuthi lilodwa, amanye amagenge edla ehlanganyela. Nina baka Silwa ngoswana, Isihlangu sisele eMampeni. Ndlangamanla!

Ndlovu in Venda they say Ndou. is Sotho, Tlou. Shona-Zhou. You also find it in Swahili, in east an west Africa. So all these are Ndlovu yakwaMthombeni tribe which falls under kalanga tribe within the Ndebele nation. Ndebele is a nation made up of various tribes that were incoporated by by King Mzilikazi. INdlovu yakwaGatsheni is part of that tribe.

So through Mfecane various tribes lefr Zululand and headed for central Africa. Some settled in Malawi, Zambia, Mozambique, Mthwakazi etc. All these tribes carried elements of the original Ndlovu but due to circumstances changed their surnames to suit local conditions, eg Ndou (indlovu in Venda).

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izithakazelo zakwa-Ndlovu

Izithakazelo zakwa-Ndlovu

Gatsheni,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!

Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi

Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!

Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:

Cindezela lapha ukulalela umlando wabakwaNdlovu

Xaba
Shwabade, Nonkosi

Ntombela

  • Mpangazitha,
  • Mahlobo,
  • Ntanzi,
  • Msangula,
  • Gebhezi,
  • Zulu,
  • Lukhwazi,
  • Mageba,
  • Hlongwa,
  • Mahaye,
  • Nodangu,
  • Sokhela,
  • Nzuza,
  • Khawula,
  • Mshazi

Khuboni
Maseko, Simelane

Ndlovu

  • Gatsheni,
  • Boyabenyathi,
  • Zingelwayo,
  • Mpongo,
  • Mthiyane,
  • Mdubusi

Ntuli

  • Mbhele,
  • Mphemba,
  • Nyathi,
  • Godide,
  • Ndlela ka Sompisi,
  • Sothole,
  • Gudukazi uyi Ncwayo,
  • Khuboni,
  • Guqa,
  • Masalela,
  • Mazimuzimu,
  • Mgwabini,
  • Langa

Jiyane-Lamola
Zinyane, Mthembu

Gambu
Memela, Msuthu, Nontuli

Mdletshe

  • Ngomane,
  • Msindazwe,
  • Nzamela,
  • Gwaza

Ntshangase:

  • Mgazi,
  • Biyela,
  • Menziwa

Mthiyane:

  • Ndaba,
  • Sokhulu,
  • Luvuno,
  • Zondo,
  • Mazwi,
  • Mzwili,
  • Nqoboka,
  • Skhangane,
  • Langa,
  • Ndlovu,
  • Dlemdlem,
  • Sokotshane,
  • Mhlungu,
  • Madela,
  • Lingode,
  • Sibhene,
  • Gobholubabayo,
  • Masingasilele,
  • Sokhulu

Zuma:

  • Nxamalala,
  • Msholozi,
  • Matomela,
  • Bophela,
  • Novela,
  • Mpisi,
  • Zitha,
  • Lugaju,
  • Chongochi,
  • Nyambisa,
  • Hlokohloko,
  • Maphumephethe

Zwane:

  • Mangethe,
  • Cebekhulu,
  • Mbengo,
  • Mbambo,
  • Mungwe,
  • Phikelela,
  • Nsela,
  • Ndabakansele,
  • Zikode,
  • Nsele,
  • Mafu,
  • Mthayi,
  • Mgabhi,
  • Mhlaba,
  • Mchwayo,
  • Ntshosho,
  • Cengesi,
  • Thinta

Maseko:

  • Ngcamane,
  • Sidwabasiluthuli,
  • Mdandulukwane,
  • Khubonye,
  • Ndlovu,
  • Maphanga,
  • Khabangobe,
  • Simelane

Msomi:

  • Meyiwa,
  • Mdayi,
  • Mlamula,
  • Bheshwana,
  • Maboza

Mlambo:

  • Mabhedla,
  • Sishango,
  • Mahwaqakazi,
  • Phisa,
  • Mandeku,
  • Mdineka,
  • Nhlabathi,
  • Manzi,
  • Nobamba,
  • Ntshikantshikana,
  • Makhokhoba

Mazibuko:

  • Mwelase,
  • Khondlo,
  • Nzima,
  • Phuthini,
  • Mgabhi,
  • Manzezulu,
  • Nkobeni,
  • Mzila,
    Mangwe,
  • Mpulo,
  • Siwela

Get yours! Price: R300 each ……Whatsapp me now, tap here ?? https://wa.me/message/Z7SY62F3M4F6N1

Page 2 of 3

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: