clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Ndumo

Ndumo Clan Praises

IZITHAKAZELO ZAKWANDUMO

Malinga, Mkhandezi, Mngemane,

nina abaka dondukwenyuka 

kwaze kwanyuka uNgwane,

nina bakaMshawula

owasindwa ubende,

abakwaMadlala egoduka njenge nyamazane

nina baka mpempe kaMaphanga

abakamfazi omabele made

owacelisela umntwana engaphesheya 

komfula ingwe nengwenyane, 

nina ziqhwaga ezinkulu 

ezakhisa Inkosi uBhungane, 

abadondolozela ngensimbi kwabaka Mini,

owakwamkhonto owaqoma njengentombi

abaka malima nkomo 

ziyawulima ziyawuhlakula 

ezakoMdladla nezako Mbuyisa 

uyende luka Maphanga, 

nina base Lenge, 

nina base Ngendlane  

Izithakazelo zakwa Ndumo

Ndumo Clan Names

Ukushiselwa

Kuthiwa umuntu wesifazane akasho ukuthi uyashiselwa kufanele athi uzwela ukushisa.

mawuthi uyashiselwa kusho ukuthi ufuna indoda la.

noma igazi likuthuma elawini…kodwa ezikhathin zamanje umuntu usezikhulumela inoma ikanjan nje.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: