Ngcobo, Ngongoma, Dobeyane, Mashiza, Nophenge, Nogidela, Nozihamba, Njapha, Mbhoboza, Nombika, Fuze fulele, Mashiyamahle engathi azoshumayela.
Tag: Ngcobo Page 1 of 2
Ngcobo-Fuze Clan
Mafuz’afulele Njengenyamazane…
Mashiya’mahle engathi azoshumayela
E! Dlomo
Nina baLangalakhe kaHemu-hemu kaMadlenya
Nina baXhonxo kaGasela kaNgcobo
E! Dlomo…Fuze!!!!
Izithakazelo zakwa Ngcobo
- Mapholoba,
- Nyuswa,
- Fuze, Mavela,
- Mafuz’afulele njengefu lemvula,
- Mashiya amahle ngath azoshumayela,
- Dambuza, Mthabathe,
- Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
- Malal’efake umunwe endunu,
- Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
- Mavulankungu kuvel’ilanga,
- Sididane,
- Ngongoma,
- Maqadi amakhulu,
- Mbili!
Kuthiwa umuntu wesifazane akasho ukuthi uyashiselwa kufanele athi uzwela ukushisa.
mawuthi uyashiselwa kusho ukuthi ufuna indoda la.
noma igazi likuthuma elawini…kodwa ezikhathin zamanje umuntu usezikhulumela inoma ikanjan nje.
Izithakazelo zakwa Ngongoma
Mapholoba,
Nyuswa,
Fuze, Mavela,
Mafuz’afulele njengefu lemvula,
Mashiya amahle ngath azoshumayela,
Dambuza, Mthabathe,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Malal’efake umunwe endunu,
Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
Mavulankungu kuvel’ilanga,
Sididane,
Ngongoma,
Maqadi amakhulu,
Mbili!
Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu
Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.
Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.
Izithakazelo zakwa-Ngcobo
Mapholoba!
Maguya!
Nyuswa kaDingila
KaNgcobo kaVumezitha
Ngcob’ omhlophe
Ozal’ uNgongoma
UNgongom’ azal’ ushangase
UMkeshana
Ngcob’ omhlophe
Ozal’ uGasela
Fuze, Mavela,
Mafuz’afulele njengefu lemvula,
Nina basemaQadini
Enizal’ uDude noDabeka
KaSilwane kaNjila kaNgotoma
IQad’ uqobo
nina bakwaMgudwa
KaMshiwa kaNcume kaMgabhi
Mashiy’ amakhulu!
Mashiy’ amade!
Mashiy’ amahle ngathi azoshumayela!
Nin’ enibiye ngenkomo
Abafokazana bebiya ngamahlahla
Nin’ entatanyiswa
Njengabafazi ningebona
Mpaka ziyaphikisana
Ith’ enye yim’ igoso
Neny’ ithi yiyo
Yemese kaNyuswa
Nina bakaMbethe weqhina
Sihayo!