clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: ngongoma

izithakazelo nemvelaphi yakwa Ngongoma

Ngcobo, Ngongoma, Dobeyane, Mashiza, Nophenge, Nogidela, Nozihamba, Njapha, Mbhoboza, Nombika, Fuze fulele, Mashiyamahle engathi azoshumayela.

Izithakazelo zakwa Ngongoma hhay kwaNgcobo

Izithakazelo zakwa Ngongoma
Ngongoma, Mashiza, Mavela nina enavela enkomeni abanye bevela emuntwini, Gasela ngokugasela umuzi wendoda, sibiya ngenkomo abafokazana bebiya ngamahlahla, Bhovungane, Siphandla kaMbozane kaDumezweni Dobeyane

Izibongo zakwa Ngcobo

  • Mapholoba,
  • Nyuswa,
  • Fuze,
  • Mavela,
  • Mafuzafulele njegefu lemvula,
  • Mashiyamahle sengathi azoshumayela,
  • Mavulankungu kuvelilanga,
  • Sididane,
  • Ngongoma,
  • Maqadi amakhulu,
  • Mbili

Izithakazelo zakwa Ngcobo 

Izithakazelo zakwa Ngcobo 

  • Mapholoba,
  • Nyuswa,
  • Fuze, Mavela,
  • Mafuz’afulele njengefu lemvula, 
  • Mashiya amahle ngath azoshumayela,
  • Dambuza, Mthabathe,
  • Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
  • Malal’efake umunwe endunu,
  • Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
  • Mavulankungu kuvel’ilanga,
  • Sididane,
  • Ngongoma,
  • Maqadi amakhulu,
  • Mbili!

Abakwa Ngongoma

Abakwa Ngongoma 😍 Izibongo zakwa Ngongoma

AbakwaNgongoma ngenye yezindlu zakwaNgcobo. Abantu bakwaNgcobo badatshulwa nguVumezitha, uyise kaNgcobo noMkheshane.

Laba bantu bakwaNgongoma bayatholakala laphaya eMsunduze eNdwedwe.

Ukwelamana kwabo!!

UVumezitha wazala uNgcobo.

UNgcobo wazala uDingile

UDingile wazala uNyuswa….uZonga… UGasela….uXhoko kanye noNgothoma.

AbakwaNgongoma baphuma kuGasela owazala uNombika.

UNombika wazala uNdaba.

UNdaba wazala uMashiza owazala uMavela.

UMavela wazala uBhofungane owazala uMafongosi..

UMadfongosi wazala uSiphandla.

USiphandla wazala uMbozane

Izithakazelo zakwa Ngongoma

Izithakazelo zakwa Ngongoma

Mapholoba,
Nyuswa,
Fuze, Mavela,
Mafuz’afulele njengefu lemvula,
Mashiya amahle ngath azoshumayela,
Dambuza, Mthabathe,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Malal’efake umunwe endunu,
Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
Mavulankungu kuvel’ilanga,
Sididane,
Ngongoma,
Maqadi amakhulu,
Mbili!

Ngcobo

  • Mapholoba,
  • Nyuswa,
  • Fuze,
  • Mavela,
  • Mafuzafulele njegefu lemvula,
  • Mashiyamahle sengathi azoshumayela,
  • Mavulankungu kuvelilanga,
  • Sididane,
  • Ngongoma,
  • Maqadi amakhulu,
  • Mbili

Dube

  • Mbuyazi,
  • Lushozi,
  • Mafukuzela,
  • Nyamazane,
  • Nzwakele,
  • Mbuyisa,
  • Gobhozi,
  • Nyuswa,
  • Ngcobo,
  • Fuze,
  • Mapholoba,
  • Ama-Qadi

Abakwa Dube nabakwa Ngcobo abantu banye.

Dlodlo:

  • Mabanga,
  • Mtingi,
  • Bangile,
  • Bhengela,
  • Mthiyane

Duma/Dumisa:

  • Ntenga,
  • Mthombeni,
  • Walaza,
  • Dlangisa,
  • Gcwensa,
  • Ndimande,
  • Mvula

Nzimande

  • Mphephethwa,
  • Mdluli,
  • Mdlobhiya,
  • Mangcamane,
  • Ngwekazi,
  • Gwala,
  • Mancama,
  • Vilakazi

Dumakude
Shange

Nzimase
Sishi

Goba
Jangaza

Ntshalintshali
Phathwayo

Gwagwa
Mlambo, Qunga

Gwamanda
Yenga, Sochumase

Jwaha/Jwara:

  • Mbelwa,
  • Mnangwe,
  • Sjekula,
  • Gubeshe,
  • Theleza,
  • Lenge,
  • Ndawonde

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: