Izithakazelo zakwa Magwaza zihamba kanje:
Magwaza, Njinji, Manqondo, Yengwayo!
Wena wakaJika bakhothame!
Mabhulubhense
nina abeqhawe elathwala inkomo iphila!
Nina bakoMith’emide!
Qethuka,ntshona,gidizela wena wase Mantandweni,maqondothwalinkomo,sobiko wokubika ukuthandwa
Jiba khothama sibakhwebukhwebule nangezimbanjana zabo !!