clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Nkabanhle

Nkabanhle Clan Names

Nkabanhle Clan Names : If you know Nkabanhle Clan Names or their history, please add it by leaving a REPLY below or by clicking this button + ADD CLAN NAMES

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Izithakazelo zakwa Ndwandwe

Izithakazelo zakwa Ndwandwe

Zwide kaLanga,
Mkhatshwa,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandla simnene,
Somaphunga,
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

Izithakazelo zakwaMngomezulu

Izithakazelo zakwaMngomezulu

Dlakadla,
Nkabanhle, Lubelo,
Nkaba yenkosi,
Maphakel’indoda edengeleni ilambile,
Mfiso, Malinga,
Mdluli,
Msuthu!

Izithakazelo zakwaMkhatshwa

Izithakazelo zakwaMkhatshwa

Zwide kaLanga,
Ndwandwe, Nxumalo,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandla simnene,
Somaphunga,
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

Abantu bakwa Ndwandwe baduma kakhulu ngesikhathi kubusa u Zwide eLangeni. Banobuhlobo obukhulu nabakwa Ngwane.
ULanga wazala uMavuso owazala u Ludonga yena wazala u Xaba owazala uLanga wesibili yena owazala uZwide.
UZwide yena wazala uNomhlanjana, Shemane, no Sikhonyana.
Khona kwa Ndwandwe kukhona no Manukuza owazala uNxumalo owazala uGasa, owazala uZikode, owazala uSoshangane owazala uMzila no Mawewe. UMzila yena wazala uNgungunyane.
Ake sibathakazele:
Zwide ka Langa
Ndwandwe, Mkhatshwa
Wena wase Gudunkomo
Wena wasezikhotheni
Ezingakhothi ngomlomo kodwa ezikhotha ngo mkhonto,
Mkhatshwa
Nkabanhle
Somaphunga
Masuku
Zwangendaba
Simelane…

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: