Kheswa, Nozulu, Mpafane, Mchumane, Mnguni, Thukela, UMpangazitha, Nonkosi, uMlambo awuwelwa uwelwa zinkonjane Kuba zona zinamaphiko iMbanguba!
Tag: Nonkosi Page 1 of 3
Ngwe,
Mlambo, Mlambo ongawelwa owelwa zinkonjane zona zibhabha phezulu,
Mazibuko,
Mbinga,
Mwelase, Mwelase ongaweli ngazibuko,
Lusiba,
Khakhaza,
Bhinita,
Mfazi omabele made owanyisisela umntwana engaphesheya komfula,
AmaNgwekazi amhlanu banzana,
Wokubeletha amakhosi ngoba ebeletha uBhungane,
S’gubudu, isgubudu esingafakwa mkhala singa fakwa umkhala singawudabula,
Mahlubi akusavalwa ngemivalo, sekuvalwa ngamakhanda amadoda,
Nonkosi, kwaboNomqathi kaQathi,
Mangwe avela kude lee, ngaphesheya koMzinyathi!
Thabizolo,
Nonkosi,
Muthwa,
Nkomo eluthuli,
Pembe kaLokothwayo,
Sengama ka Jozi,
Nodwala lakwa Nodumakazi,
Abathwa abamzimb’omuhle njengo wosana ongathi ngingawanga, Abasikhumb’ esibushelelezi,
Abaziqunjana zimbili esinye singenhla esinye singenzansi kwendlela, Abafunga uNonkosi ngahawuka kwangathi nami ngingamfunga,
Abazi nzipho zimnyama ngokuqhwebana,
Sishange sika Mlotshwa,
uSongo akamnci okamcinizana,
Iyanini MaHlubi nihlabeni ngezindlela zonke niyobikela abase Masimangweni ukuthi ubhedu lwaphukile…
>> Continue reading <<