clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Nsele Page 1 of 2

Ndinisane Clan Names

Izithakazelo zakwa Ndinisane
Zwane,
Mangethe,
Nsele,
Zikode,
Cebekhulu,
Mabaso !

Izibongo zakwa Cebekhulu

Izibongo zakwa Njoko

Izibongo zakwa Zwane

  • Mangethe,
  • Cebekhulu,
  • Mbengo,
  • Mbambo,
  • Mungwe,
  • Phikelela,
  • Nsela,
  • Ndabakansele,
  • Zikode,
  • Nsele,
  • Mafu,
  • Mthayi,
  • Mgabhi,
  • Mhlaba,
  • Mchwayo,
  • Ntshosho,
  • Cengesi,
  • Thinta

Abanye bazikhumbula kanje

IZITHAKAZELO ZOMBAMBO

Mageza ngobisi lwenqu… yabafazi bamanye

amadoda, abafakozana begeza ngamanzi,

Ubambo kaludliwa ngabafokazana, ludliwa

umlandokazi, Mbiko, Mkhemezela, khethwayo,

Jangaza, Bhubhu kaNdaba, Goba ngokugoba

amadolo, Mbambo kaLushozi kaMomoyi ka

Mandlovu.

Izibongo zakwa Mtshali

Abantu bakwa Mtshali batholakala eNtabankulu noma nje manje sebasabalele izwe lonke. U Mtshali uthathelwa ekutshaleni. ake sibalamanise:

  • Mabhedla
  • Mlambo no Mtshali
  • Mkhathini/Jiyane
  • Mkhabisanyathi-Magolwane
  • Khondlo
  • Hlangabeza no Hlabangani
  • Magalela
  • Mantshinga
  • Nsele
  • Mduna
  • Shishi
  • Mandeku
  • Vezi
  • Mdineka
  • Nhlabathi
  • Manzi
    e Zimbabwe babizwa ngo Hlabangane

Radebe Clan Praises

Radebe/Hadebe

Bhungane,

Bhungane kaNsele,

Zikode, Gob’izembe,

Makhulukhulu, Mehlomakhulu,

Umkhulu Bhungane,

NoNkulunkulu mkhulu, kodwa akangangoBhungane,

Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,

Mthimkhulu,

Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,

Mafuz’afulele njengelifu lemvula,

S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,

Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,

Ingab’emhlabeni zesabani?

Nina enindlebe zikhanya ilanga,

Nina enindlebe zinhle zombili,

Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,

Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,

Mahlubi amahle,

Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,

Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,

Ngelengele! 🙌🏾🙌🏾

Nyawo Clan names

NYAWO
DUMAKUDE, MLABA , THANDA ABANTU BENGAKUTHANDI , SAMBANE, PHUMA EHLATHITHINI KWENILE, KUGCWELE IZINGWE NEZINGONYAMA

Mtshali Clan

  • Magalela,
  • Gase njengengonyama,
  • Hlabangani elimhlophe,
  • Linda kaMkhonto,
  • Nduna!

Uqedile ungethole

Uqedile ungethole

Lesi simo sokukhuluma sisebenza uma ngabe umuntu esekhulume yonke into okumele ikhulunywe.

Kusukela etholeni uma lincela, uma luluthole kahle ubisi ngisho usungeza uthi uzosenga ngeke usathola lutho lisuke seliqede lonke ubisi.

Umlando wesizwe sakwa Zwane

Umlando wesizwe sakwaZwane

MNGWENI, Lindamkhonto, Nsele, Ntshosho, Mafu, Mangethe, Cengesi, Thinta, Dumisa, Nkanyezi, Mhlanganyelwa.

Esizweni sakwaZwane iNkosi yaso eyaduma kakhulu uMangethe. Wayakhe umuzi wakhe ngokuyela ngaseHlobane. Namuhla kunomgwaqo osuka ngasoBivane wedlule eduze kwetshe elikhulu ngasesandleni sokudla. Lelo litshe yiTshe LikaMangethe.

Wayehlala phezu kwalo abuke yonke indawo yesizwe sakwaZwane. Lelo litshe namuhia liheha izihambeli ezisuka kulo lonke elakwaMthaniya namaphethelo. Eduze kwetshe kunethuna lakhe uMangethe ngaphansi kwayo intaba. Ithuna lisendaweni ezenza samgede.

Kuthe ngemuva kokubusa kukaMangethe sekufike noMntwana uMkabayi endaweni, kwagcina indawo isisikelwe nabakwaMthethwa bakaMnyayiza kaMthakathi, abakwaSibiya nabanye.

Izwe bese liqolwe ngabelungu bezenzela umathanda kusukela ngowe-1887 amaBhunu esungula into ayibiza ngeNew Rebublic ezweni lakwaZulu ngesikhathi seNgonyama uDinuzulu. Ngakhoke kusukela eMakhosini oCengesi kuya phansi eNkosini uMhlanganyelwa Zwane isizwe sakwaZwane besesihlakazekile. Iningi bese lingaseNewcastle abanye bengaseMnambithi.

Isizwe samaZulu sinomlando omude osuka eNubia okwakuyi-Ethiopia yasendulo, lapho namuhia sekulizwe laseSudan okukhona nenhlokodolobha okuthiwa yiJuba. Kulapho futhi zonke izizwe zabamnyama e-Afrika zadabuka khona ngowezi-3300 Singakafiki Isikhathi SikaKhrestu.

Kulapho amaZulu ngaphansi kweNgonyama uNtu ozala uMnguni ohlangeni nabo bonke abomdabu ababelapho eNubia asungula khona impucuzeko yokuqala ngqa emhlabeni ebandakanya ulwazi lokubhala iMedu Netcher [Mdw Ntr], ulwazi lwesayensi imathemethiksi, ifiziksi, ubunjiniyela, ulwazi lwemithi, ezolimo, ezenkolo (uMvelinqangi), ikhalenda yokuqala emhlabeni nokunye okuningi ngesikhathi zonke izizwe zomhlaba ngokukaSolwazi uCheik Anta Diop waseSenegal zisahlala emigedeni nasemaweni, zisesebumnyameni obesabekayo.

Ukufudukela eningizimu kwamaZulu nokusakazeka kwezinye izizwe zama-Afrika ne-Afrika yonkana kwabangelwa ukuhlaselwa kwezwekazi lase-Afrika okwakuvela e-Asia okwaqala ngesikhathi kuhlasela amaHyksos ngowe-1600 BCE, abelungu bona bahlasela okokuqala ngqa ngaphansi kweGriki u-Alexander the Great ngowe-332 BCE kwagcina kuhlasele amaPersia ase-Iran nama-Asyria ase-Iraq.

Ngakhoke izizwe zama-Afrika zasakazeka nezwekazi lonke ngokukaDiop othi kodwa kusukela ngowe-14 ekhulwini Singakafiki Isikhathi SikaKhrestu lonke izwekazi i-Afrika lalihlala abaThwa babesakazeke nalo lonke kuze kuyofika lapho sekuseCape Town namuhla. Laba kuthiwa ngamaKhoisan. Ngakhoke bangama-Afrika ngokugcwele kwazise ulimi lwesiZulu o-X, C, Q, (ongwaqabathwa) lwabathatha kubo ngoba kwakuhlalwa ndawonye kwaganiselwana iningi lamaKhoisani lagcina lishabalele. Ngakho-ke alikaze izwekazi kuthiwe lalingahlali muntu ezindaweni ezithile.
Abahlaseli bama-Arab asebazinza e-Egypt, eTunisia, eLibya, eMorocco baqole lezo zindawo ngenkathi ama-Arab ehlasela kusukela ngowama-640 ADE echela inkolo yomphrofethi wawo uMohammed esuka eMiddle East.

Abelungu amaDutch ahlasele ezwenikazini ngowe-1652 amaNgisi ahlasela ngowe-1795 okokuqala abuya okwesibili ngowe-1806 esezoqola amazwe amaningi ase-Afrika.

Izizwe sakwaZulu zasizimele futhi saba ngesokugcina ngesikhathi seNgonyama uCetshwayo ukunqotshwa ngamaNgisi ekuhlaseleni kwawo mhla zingama-22 kuMasingana ngowe-1879.

Kuleyo mpi eSandlwana ngalelo langa amasotsha angama-580 amaNgisi abulawa agwazwa ngemikhonto yimpi yeNgonyama uCetshwayo, amanye abulawa futhi ngalo lelo langa eNyezane naseGingindlovu. AmaNgisi azama ukucoboshisa uZulu empini yakwaCezwa mhla zi-2 kuNhlangulana ngowe-1888 kodwa amabutho eSilo uDinuzulu adla umhlanganiso. Ngawo lowo nyaka abulala anqoba izimaku zamaNgisi ngaphansi kukaZibhebhu kaMaphitha kwaNduna eduze kwakwaNongoma mhla zingama-22 kuNhlangulana ngowe-1888 okwalandelwa ukuboshwa nokudingiselwa eSt. Helena kweNgonyama uDinuzulu sabuyiswa amaNgisi esethi silingana nawo wonke aMakhosi kodwa uZulu wakwenqaba lokho.

Kwaba ngokokuqala ngqa ukuthi iNgonyama yamaZulu iholelwe ngamaNgisi iholo lopondo abangamakhulu ayisihlanu.

Ngaphambi kwalokho zonke iziNgonyama zamaZulu zazinakekelwa ngamaZulu uqobo kwethulwa izinkomo zibulala inyoka kuze kufike eNgonyameni uCetshwayo lapho izinkomo iNyonikayiphumuli zazibulala inyoka zaqolwa ngabahlaseli bamaNgisi.

  • Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando waMakhosi Esifundazweni SakwaZulu, Umqulu 1.

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: