πŸ’›

izithakazelo

Tag: nzima Page 3 of 5

Umlando wesibongo sakwaBhebhe.

>> Lalela umlando wabakwaBhebhe kuYouTube <<

Isibongo sakwaBhebhe sinemvelaphi eNingizimu Afrika, ikakhulukazi eShowe KwaZulu. Kahle-kahle laba-bantu bangabakwaMhlongo.

Kodwa-ke, ngokuhamba kwesikhathi ezinye izibongo ziyagu-qugu-quka futhi zixhumeke ebudle-lwaneni bamasiko emishado kanye nokunye.

Isibonelo sezibongo eziphuma kwaMhlongo esakwaMagwaza, esakwaDlomo kanye nezinye.

Okunye okubalu-lekile okufanele kubhekwe ukuthi, ngezikhathi zokuxoshwa kwenkosi uShaka, abanye bafudukela enyakatho.

Abantu bakwaBhebhe bayatholakala futhi eNingizimu yezwe laseZimbabwe endaweni eyaziwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi. bayingxenye yabantu baseLangeni.
UBhebhe abazibiza ngaye nguyena kanye owakwaMhlongo owazala iNdlovukazi yaseMkhindini iNdlovukazi u-Nandi Mhlongo uNina weNgonyama u-Shaka kaSenzangakhona.

UYise ka Mhlongo kwakungu-Ngqeshe ka Soyengwase wakwaDlamini eNdlini yaseLangeni nokuyindlu yakwaDlamini ebusa eSwazini. Abantu bakwaBhebhe bafika kudala kakhulu lapho sekuseZimbabwe khona namuhla, engakafiki amaQhawe afana noMzilikazi Khumalo, Nxaba Msane, Zwangendaba Jele , Soshangana Nxumalo kanye namanye amaQhawe ake ankanisa kuleya ndawo osekuyiZimbabwe namuhla. Abantu bakwaMhlongo ba-phuma eSwazini bayozitholela izwe elisha kwaZulu ngaseMthinemide . Kuyilapho-ke sithola iNkosi u-Bhebhe yakhe khona endulo, isizwe sayo sisikhulu impela.

Umuzi wayo wawubizwa ngokuthi kuseBozeni. INkosi u-Bhebhe yabusa ngesikhathi seNkosi u-Jama ka Ndaba , uYise weNkosi uSenzangakhona.
Ezinganeni noma ngithi emadodaneni eNkosi u-Bhebhe kwakukhona u-Thu-mbale okunguyena owahola ingxenye yabantu baseLangeni abaphikelela enhla nezwe bagcina benkanise lapho sekuseZimbabwe khona. Labo bantu namuhla baziwa ngokuthi babakwaBhebhe , bazibiza ngayo iNkosi u-Bhebhe uYise kaThumbale owaba ngu-Mholi wabo. Ngesikhathi abantu bakaThumbale befika endaweni osekuyiZimbabwe khona na-muhla bafica leya ndawo isaphethwe isizwe sabaNyayi.
AbaNyayi bayingxenye yabaKhalanga kanye nabaLozwi. Ngaleso sikhathi babengakafiki abeNguni abafana noZwangendaba , Soshangana kanye nabanye. Songasho nje sithi isizwe sakwaMhlongo siyizwe sabeNguni bokuqala abazinza kuleya ndawo.

Kuthiwa u-Thumbale wafika kuleya ndawo waba iSilomo eNkosini u-Mambo (Moyo) yabaNyayi, wafundisa isizwe sayo ngezempi . Wayifundisa nokusebenzisa izikhali zamaNguni ezifana nemikhonto, amawisa nokunye. Kuthiwa isizwe sabaNyayi saba mandla kakhulu sagcina sinqobe isitha saso esikhulu ubuKhalanga ngaphansi kweNkosi u-Tshibundule . Ngenxa yokwelekela kwakhe abaNyayi u-Thumbale waklonyeliswa ngoDedangendlela wezwe alisekelwa iNkosi yabaNyayi iNkosi u-Ma-mbo. Kuthiwa lalilikhulu impela izwe likaThumbale lisuka ngaseBubi lihambe njalo lithathe nengxenye enkulu yalapho iNkosi u-Lobhengula eyagcina yakhe khona umuzi wayo wakwaBulawayo. INkosi u-Mambo yabuye yaklomelisa u-Thumbale ngokumeza u-Ndunankulu wesizwe sabaNyayi. INduna u-Thumbale yagcina isale kwenye yezimpi ezaliwa noZwangendaba Jele owayehola abaNguni ababesuke kwaZulu bebalekela iSilo u-Shaka. Omunye umuntu esimbona egqama kakhulu kulesi sizwe sakwaBhebhe ngu-Mancokazi owagana iNkosi u-Mzilikazi, wazala uMntwana uMakhulambila okuthiwa wakhothama esehlala nabamhlophe , eseyiKholwa.
UNina u-Mancokazi Bhebhe yena kuthiwa wayeKhokhovu lweSangoma. Ithuna loMntwana u-Makhulambila lingaseMpandeni Mission buqamama nakwaBulawayo.

Ake ngime lapho Nina beNgabade, singakusho nje singananazi sithi abantu bakwaBhebhe abakwaMthwakazi abantu ababodwa laba nabaseLangeni oNjomane kaMgabhi.

Ake sithi-khumu okwanamhlanje. Sibonge ukusiboleka indlebe. Uze ubuye nangokuzayo.

Izithakazelo zakwaBhebhe Clan Names

BhebheΒ – Makhedama, Soyengwase, Nina bakaBhebhe kaMthendeka! πŸ’›Nina bakaSoqubel ‘onjengegundwane!
Nina baseSiweni, kwaMpuku yakwaMselemusi, kwaNogwence webaya! Dlomo weNdl ‘ende! Sihlangu samavaka seswel ‘ababhemu! Wen ‘owalala nomunw’endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb’ilanga!
Makhul’emini abafokazana bekhul ‘ebusuku!
Zingwazi zempi yakwaNdunu! Njoman ‘eyaduk’ iminyakanyaka, yatholakal ‘onyakeni wesine; yabuye yatholakala ngowesikhombisa!
Langeni, owavel ‘elangeni! πŸ™Œ

Bhebhe surname origins

Umlando wakwa Bhebhe 😍 Bhebhe clan history
Bhebhe surname is originating from South Africa, particularly concentrated in eShowe in KwaZulu. They are originally Mhlongo. However, over time some surnames evolve and links emanating from intercultural relationships from marriages and so forth. The primary surname where it originates from is Mhlongo.

They came as a separate entity but falling under the umbrella of Mhlongo. For example, Magwaza surname, Dlomo surname etc, they originate from Mhlongo. Another significant aspect that should be observed is, during the times of displacement by king Shaka, some moved northwards.

Mzilikazi kaMashobana, they moved across Limpopo river and finally settled in Zimbabwe. That should not confuse you which is why their clan names are exactly the same as Mhlongo. Some also were displaced to settle in Eastern Cape as they were hiding from Shaka. Hence, they became amaBhaca. These people are not Xhosa although they may speak Xhosa but their origins is from KwaZulu.

Bhebhe Surname Meaning. Bhebhe Origin. Bhebhe History:

Bhebhe Surname Meaning. Bhebhe Origin. Bhebhe History:

The meaning, origin and history of the Bhebhe surname is not listed.
This surname is prevalent in Zimbabwe.

Page 3 of 5

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén