clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Nzimande

Izithakazelo zakwaMncube

Izithakazelo zakwaMncube

Khambule,
Mzilankatha,
Inkatha kayingen’endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
Ezamadojeyana zilal’amankengana,
Mlotshwa,
Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen’obungangcakazi,
Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
Kwakhuz’abantu benifihla,
naphenduk’ abakaKhambule,
Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin’enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi, Shezi,
Malangatsha!

Β 

Izithakazelo zakwaMdluli

Izithakazelo zakwaMdluli

Lukhele,
Nyoka, Sikhangisa,
Nzimande,
Bhekiswayo!

Izithakazelo zakwa-Nzimande

Izithakazelo zakwa-Nzimande

Mphephetwa,
Mdluli,
Ngwekazi, Gwala,
Mancama ngesinkw’esikhulu,
Wena owasukel’isigodo simuka nomfula uth’inyama,
Manda kulandulwa,
Vilakazi,
Xam’odla ngomsingizane,
Mhlandla!

Ngcobo

  • Mapholoba,
  • Nyuswa,
  • Fuze,
  • Mavela,
  • Mafuzafulele njegefu lemvula,
  • Mashiyamahle sengathi azoshumayela,
  • Mavulankungu kuvelilanga,
  • Sididane,
  • Ngongoma,
  • Maqadi amakhulu,
  • Mbili

Dube

  • Mbuyazi,
  • Lushozi,
  • Mafukuzela,
  • Nyamazane,
  • Nzwakele,
  • Mbuyisa,
  • Gobhozi,
  • Nyuswa,
  • Ngcobo,
  • Fuze,
  • Mapholoba,
  • Ama-Qadi

Abakwa Dube nabakwa Ngcobo abantu banye.

Dlodlo:

  • Mabanga,
  • Mtingi,
  • Bangile,
  • Bhengela,
  • Mthiyane

Duma/Dumisa:

  • Ntenga,
  • Mthombeni,
  • Walaza,
  • Dlangisa,
  • Gcwensa,
  • Ndimande,
  • Mvula

Nzimande

  • Mphephethwa,
  • Mdluli,
  • Mdlobhiya,
  • Mangcamane,
  • Ngwekazi,
  • Gwala,
  • Mancama,
  • Vilakazi

Dumakude
Shange

Nzimase
Sishi

Goba
Jangaza

Ntshalintshali
Phathwayo

Gwagwa
Mlambo, Qunga

Gwamanda
Yenga, Sochumase

Jwaha/Jwara:

  • Mbelwa,
  • Mnangwe,
  • Sjekula,
  • Gubeshe,
  • Theleza,
  • Lenge,
  • Ndawonde

Lukhele Clan Names

Izithakazelo zakwa-Lukhele

Mdluli, πŸ™Œ

Nyoka,

Sikhangisa,

Nzimande,

Mhlanti wendl`enkulu ,

Mavovo emvula,

Nyoni leyasindvwa sisila kusuka,

Mdluli weNdlovukazi,

Nabonkosi,

Wena lowatheng`emanga ngesithole lesijoli ngembala esikhaleni sabhodwe! πŸ™ŒπŸ™ŒπŸ™Œ

Page 2 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: